Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Yini emelelwe “izinyawo nezinzwane” ‘zesithombe esikhulu’ esichazwe kuDaniyeli 2:31-45?
Lesiprofetho saphefumlelwa Yilowo “owambula izimfihlakalo,” iNkosi enkulu uJehova uNkulunkulu ngokwakhe, futhi sizofinyelela umvuthwandaba waso “ngezinsuku ezizayo,” lapho indaba yokubusa kwezwe iyoxazululwa phakade. (Daniyeli 2:28) Kuze kube usuku lwethu, kusukela ekuqaleni ‘kwezikhathi zabezizwe’ ngo-607 B.C.E., kuye kwaba khona ukulandelana kwemibuso yezwe, kusukela emibusweni waseBabiloni owalandelwa umbuso wamaMede namaPheresiya, owamaGreki, owaseRoma, nombuso wamaNgisi namaMelika. Lemibuso imelelwe ingxenye yensimbi yesithombe.—Luka 21:24, King James Version.
Nokho, ekupheleni kwezikhathi zabezizwe ngo-1914, kuye kwavela ingxubevange yezinhlobo ezihlukahlukene zokubusa komuntu lapha emhlabeni. (Mathewu 24:3-12) Umuntu ovamile (“inzalo yesintu” eyenziwe ngothuli lomhlaba) usebenzisa ithonya elikhulu ezindabeni zikahulumeni. Ubusoshalizimu nokubusa kwabantu kuye kwabonakala kanye nezinhlobo zohulumeni ezicindezela njengensimbi. Bafana ‘nensimbi exubene nebumba’ okwenza izinyawo nezinzwane zesithombe.
Imibono ehlukahlukene iye yavezwa ngokuqondene ‘nezinzwane’ eziyishumi. Kodwa njengoba ‘okuyishumi’ kusetshenziswa eBhayibhelini ukubonisa ukuphelela kwezinto zasemhlabeni, khona-ke izinzwane ‘eziyishumi’ ngokunengqondo zibonakala zimelela isimiso sembulunga yonke ekupheleni kwezinsuku. Kungokuqondene nezinyawo nezinzwane zesithombe ukuthi ‘umbuso kaNkulunkulu uze,’ uqothe imbokodwe nesisekelo ekubuseni kokugcina komuntu. Yeka injabulo esingaba nayo ngokuthi ukubusa okunokuthula, nokubusisekile koMbuso kaKristu kuyokwazi ukugcwalisa umhlaba wonke!a—Mathewu 6:9, 10; qhathanisa noIsaya 11:1, 9.
Einye iphupho likaNebukadinesari elichazwe kuDaniyeli isahluko 4 likhomba futhi ezenzakalweni ezilandela ukuphela kwezikhathi zabezizwe. Ekugcineni abantu kumelwe ‘bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo,’ okungukuthi, iNkosi, uJesu Kristu.—Daniyeli 4:25; 7:13, 14.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka “Intando Yakho Mayenziwe Emhlabeni,” eyakhishwa ngo-1958 yiWatch Tower Bible and Tract Society of New York, amakhasi 108-127, ukuze uthole incazelo ebanzi ‘yesithombe esikhulu.’