Ukuphila Nenkonzo KaJesu
Izigijimi Ezivela Ezulwini
IBHAYIBHELI lilonke, empeleni, liyisigijimi esivela ezulwini, lilungiselelwe uBaba wethu wasezulwini ukuze asifundise. Nokho, izigijimi ezimbili ezikhethekile zanikezwa cishe eminyakeni eyizi-2 000 edlule ingelosi ‘emi phambi kukaNkulunkulu.’ Igama layo nguGabriyeli. Ake sihlole izimo zalokhu kuvakashela okubili emhlabeni okubalulekile.
Unyaka u-3 B.C.E. Ezintabeni zaseJudiya, ngokunokwenzeka ezingekude kakhulu neJerusalema, kuhlala umpristi kaJehova ogama lakhe linguZakariya. Usemdala, futhi kungokufanayo nangomkakhe uElisabethe. Futhi abanabantwana. Ithuba lakhe uZakariya lokwenza inkonzo yobupristi ethempelini likaNkulunkulu eJerusalema. Ngokushesha uGabriyeli ubonakala ngakwesokunene sealtare lempepho.
UZakariya uthuke kakhulu. Kodwa uGabriyeli uqeda ukwesaba kwakhe futhi uthi: ‘UNkulunkulu uyizwile imikhuleko yakho. Umkakho uElisabethe uzakuba nendodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane. Uzakulungiselela uJehova abantu abalungisiwe.’ Kodwa kunzima ukuba akukholelwe uZakariya. Kubonakala kungenakwenzeka ukuthi, ebudaleni babo, yena noElisabethe bangaba nengane. Ngakho uGabriyeli uthi, ‘Ngoba awungikholelwanga ngeke ukwazi ukukhuluma kuze kube yilapho lezinto zenzeka.’
Nokho, ngalesosikhathi abantu ngaphandle bayamangala ukuthi kungani uZakariya ethatha isikhathi eside kangaka ethempelini. Lapho ekugcineni ephuma, futhi engakwazi ukukhuluma kodwa ekwazi nje kuphela ukukhuluma ngezandla zakhe, futhi bayaqaphela ukuthi ubone okuthile okungaphezu kwemvelo.
Ngemva kokuba uZakariya eqede inkathi yakhe yokukhonza ethempelini, ubuyela ekhaya. Futhi ngokushesha ngemva kwalokho kuyenzeka ngempela—uElisabethe uyakhulelwa! Lapho esalinde ukuzalwa kwengane yakhe, uElisabethe uhlala ekhaya angahlangani nabantu izinyanga ezinhlanu.
Bheka! UGabriyeli uyavela futhi. Futhi ukhuluma nobani? Ukhuluma nowesifazane osemusha ogama lakhe linguMariya wasemzini waseNazaretha. Yisiphi isigijimi asilethile manje? Lalela! ‘Uzokhulelwa futhi ube nengane yomfana, futhi ufanele uyiqambe ngokuthi uJesu,’ kusho uGabriyeli. ‘Uzoba iNkosi enkulu, futhi uMbuso wakhe awunakuphela.’
Singaqiniseka ukuthi uGabriyeli wazizwa enelungelo lokuletha lezigijimi. Futhi njengoba sifunda okwengeziwe ngoJohane noJesu komagazini abalandelayo, sizobona ngokukhanya ngokwengeziwe ukuthi kungani lezizigijimi ezivela ezulwini zibaluleke kakhulu. 2 Thimothewu 3:16; Luka 1:5-33.
◆ Yiziphi izigijimi ezimbili ezibalulekile ezanikezwa zivela ezulwini?
◆ Ngubani owaletha lezozigijimi, futhi kobani?
◆ Kungani kwakunzima ukuzikholelwa lezizigijimi?