IArmagedoni—Impi Eholela Ekuthuleni Kweqiniso
NGOLIMI lwalabo abaphathelene nobuhlobo bezizwe zonke, igama okuchazwa ngalo isimo sezwe sanamuhla elithi MAD—Ukubhubhisana Okuqinisekile (Mutual Assured Destruction). Lelogama lifaneleka ngempela. Eminyakeni engama-40 kusukela kwaqhunyiswa ibhomu lokuqala leathomu empini yaseHiroshima, eJapane, izindawo zezikhali zenyukliye ziye zanda ngokungakholeki. Eminye imibiko ithi zilingana nezigidi eziyizinkulungwane eziyi-12 zamathani eTNT, noma amathani angaba mathathu ngomuntu ngamunye emhlabeni!
Njengoba “engawudalelanga ize [umhlaba], wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo,” uJehova uNkulunkulu ngeke azivumele izizwe ukuba ziqhubeke nenkambo yazo yokuzibulala. (Isaya 45:18; bheka futhi neHubo 104:5.) Ngaphambi kokuba zibe nethuba lokuhlaselana ngazo zonke izikhali zazo ezibulalayo, futhi zizibhubhise kanye nendawo ezizungezileyo, uMdali noMnikazi womhlaba nakho konke okukuwo uzothatha isinyathelo ngokushesha. Uye wathembisa ukuthi lokhu kuyoba “ukulwa kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke,” iArmagedoni yeBhayibheli!—IsAmbulo 16:14, 16.
Khona-ke, iArmagedoni iyoba ngaphezu nje kokuba enye impi yokuxazulula inkinga yanamuhla yezombangazwe. Iyofeza lokho umuntu abekulindele kuyo yonke iminyaka. lyoqeda zonke izimbangela zempi yesintu. Iyomisa ukuthula kweqiniso emhlabeni. Ngaphezu kwakho konke, iyobuyisela ukubusa okufanelekile koMnikazi womhlaba, uJehova uNkulunkulu, phezu kwayo yonke indalo yakhe. Kuyofezwa kanjani konke lokhu? Ake sibone.
Ukuthula—Ngokuqeda Izinto Zokulwa
Esinye sezizathu zokwehluleka kwezizwe ukuqeda impi iwukuthi ziyehluleka ukuqeda izinto zokulwa. Ngisho nakuba zazi ukuthi ukunqwabelanisa izikhali okwandayo kuwukuzibulala, azifuni ukukuyeka noma ukukunciphisa. ‘Kuyomangalisa,’ ngempela, lapho uJehova ethatha isinyathelo futhi efeza lokho izizwe ezingenakukwenza: “Uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.”—IHubo 46:8, 9.
Esikhathini esidlule uJehova uye wabonisa ikhono lakhe lokuqeda amandla ezikhali elithuthuke kakhulu noma ezesabisayo izizwe ezazingazisebenzisa. Ngokwesibonelo, wakhulula abantu bakhe ababebonakala bengavikelekile, amaIsrayeli, ebuthweni elinamandla lombuso wezwe wokuqala, iGibithe, ngokulawula amanzi oLwandle Olubomvu. (Eksodusi 15:3-5) Ngokufanayo, izikhali zobuchwepheshe zeNkosi yaseKhanani uJabini, “izinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi” ziqondiswa induna yakhe yempi uSisera, zathenwa amandla ngokuphelele lapho uJehova ededela amandla esikhukhula. Amabutho esitha akhungatheka ngokuphelele, okwaholela ekuqedweni kwawo kwaze kwangasala noyedwa umuntu. Umphumela waba ukuthi ‘izwe laba-nokuthula iminyaka engamashumi amane.’—Bheka AbAhluleli isahluko 4 no-5:21, 31.
Ngokuphawulekayo, kuleyompi enqumayo namabutho eNkosi uJabini yenzeka emfudlaneni iKishoni, “ngasemanzini aseMegido.” (AbAhluleli 5:19-21) Khona-ke kusinikeza isibonelo esikhanyayo sokunqoba kukaJehova ngokuphelele empini ezayo yeArmagedoni.
Ukuthi iyiphi indlela ‘emangalisayo’ uJehova ayoyisebenzisa ekulweni nezitha zakhe asazi. Esikwaziyo ukuthi unawo amandla angabhubhisa ngawo ngokuphelele izikhali zezizwe. Ngokwesibonelo, ososayensi bayazi ukuthi amandla kagesi—okuthile ngisho nabo abangakwenza ngokuqhumisa izikhali zenyukliye esibhakabhakeni—ayakwazi ukunqamula ukukhulumisana nokuqondisa izikhali zesizwe, khona-ke yonke into ibe sesiphithiphithini. Ngokunengqondo, uJehova uyochitha zonke izinqaba zezikhali zezizwe ukuze abeke isisekelo sokuthula okuphelele.
Ukuthula—Okwalabo Kuphela Abakufunayo
Kuye kwashiwo kaningi ukuthi izimpi zilwiwa abantu, hhayi izikhali. Khona-ke, ngisho nakuba kubalulekile ukuba izinto zokulwa ziqedwe, lokho ngokwakho ngeke kuqinisekise ukuthula okuhlala njalo. Ngokufanelekile, uma sifuna ukubona ukuthula kweqiniso, inzondo engokombangazwe, yobuhlanga neyobuzwe ehlukanisa umhlaba ube imibuso eminingi namaqembu kumelwe nayo iqedwe. Lokhu, uJehova uyokuletha ngokwenza lokho izinkulungwane kuwo wonke umhlaba ebezikukhulekela: “Mawufike umbuso wakho.”—Mathewu 6:9, 10.
Ngisho nakuba iziprofetho zeBhayibheli ezigcwalisekile zibonisa ngokukhanyayo ukuthi uMbuso wobuMesiya ezandleni zikaJesu Kristu wamiswa emazulwini ngonyaka weMpi Yezwe I ka-1914, awuzange wamukelwe izizwe. Asikho nesisodwa sazo esacabanga ukubeka izikhali zaso phansi futhi siyeke ubukhosi baso. Kunalokho, ekulweleni kwazo ukubusa izwe, zangena empini enkulu kakhulu engakaze ibe khona ngaphambi kwalesosikhathi.
Ngokwesiprofetho, iHubo lesibili lichaza lesisimo: “Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bazindle ngokuyize na? Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe.” Yingakho iseluleko sikaJehova eNkosini yakhe emisiwe, uJesu Kristu, sithi: “Uzakubaphula ngentonga yensimbi, ubaphahlaze njengesitsha sombumbi.”—IHubo 2:1, 2, 9; 110:2.
Lokhu kunqoba kweNkosi egcotshwe nguNkulunkulu kuchazwe ngokomfanekiso oningilizayo kusAmbulo 19:11–20:3. ULizwi kaNkulunkulu, uJesu Kristu, esekelwa amabutho ezingelosi, ubonakala egibele ihhashi elimhlophe, futhi “uyahlulela, alwe ngokulunga. . . . Emlonyeni wakhe [ku]phuma inkemba ebukhali ukuze ashaye izizwe ngayo.” Umphumela wokubulawa kwababi mkhulu kakhulu. Ekunqobeni kwayo kokugcina, iNkosi yamakhosi uJesu Kristu ngalesosikhathi iyobhekana nesitha soqobo esiwumbhebhezeli wabo bonke omaye nokuhlupheka emhlabeni. Umbono wesAmbulo uchaza lokhu njengokungathi sekufeziwe kakade, uthi: “Yumbamba udrako, inyoka endala, onguMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane.”
Ukuthula—Iminyaka Eyinkulungwane Nangaphezulu
Ucabanga ukuthi iminyaka eyinkulungwane yokuthula iyosho ukuthini ngesintu? Abaphathi namuhla bayaqaphela ukuthi indlala, izifo, nobumpofu phakathi kwezizwe kungaqedwa ngisho noma ingxenyana kuphela yamakhulu ezinkulungwane zezigidi zamaRandi ezichithelwa ezikhalini unyaka ngamunye ibingasetshenziselwa ukubhekana nakho. Cabanga ngokuyofezwa lapho yonke iminotho yezwe isetshenziswa ngokunenzuzo. Kwakungelona iphupho eliyisifiso lomphuphi lapho uIsaya ephefumlelwa ukuba aprofethe ngokubusa ‘kweNkosi yokuthula,’ uJesu Kristu: “Umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela.”—Isaya 9:6, 7.
Umbuzo obalulekile uwukuthi: Ingabe uyosinda embubhisweni yeArmagedoni ukuze ujabulele ukuthula okungenakuphela? Ungase ubuze, ‘Yini okumelwe ngiyenze ukuze ngisinde?’ Nasi iseluleko seBhayibheli: “Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba enisebenzile ukwahlulela kwakhe; funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.” (Zefaniya 2:2, 3) OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza ukuba wenze kanjalo. Uma kunjalo, iArmagedoni kuwe ayiyukuba impi ebhubhisa yonke into, kodwa impi eholela ekuthuleni kweqiniso.
[Isithombe ekhasini 6]
OLwandle Olubomvu uJehova wabonisa amandla akhe okuqeda amandla ezikhali ezisabekayo zempi