Ukuphela Kwazo Zonke Izimpi—Ingabe Kungafezwa?
“IARMAGEDONI”—lisho ukuthini leligama leBhayibheli? Uchungechunge lwezihloko ezifundisayo ngalendaba, olwethulwa yisembozo esinengqondo isikhathi ngasinye luvela komagazini abane beNqabayokulinda kaJanuary noFebruary 1985. Kwethenjwa ukuthi lezingxoxo ezingokomBhalo ziyokududuza ngolwazi lwalokho IARMAGEDONI eyikho ngempela.
“Wozani nibone izenzo zikaJehova, izincithakalo azenzileyo emhlabeni. Uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.”—IHubo 46:8, 9.
Lamazwi angenhla omhubi aphefumlelwe avumelana nesifiso sabantu esiqotho kusukela endulo. Ngempela, ubani ongalulangazeleli usuku lapho impi iyobe ingasekho? Ngisho nakuba singathanda ukulubona, nokho, kuze kube manje yehluleke yonke imizamo yabantu yokuqeda impi. Akukhona nje ukuthi impi isavame kakhulu phakathi kwethu kodwa futhi iye yaba ebhubhisa nebulala kakhulu kangangokuthi ngokokuqala emlandweni wesintu ukuqhubeka kwempucuko, ngisho nokuphila ngokwakho, kuyasongelwa.
Ngenxa yengozi enkulu engaphambili, siphoqekile ukuba sibuze: Kungani imizamo yabantu yokuvimbela impi iye yehluleka ngokudabukisa kangaka? Ingabe ngempela impi ayinakuvinjelwa? Empeleni, kungani, kunezimpi?
Isizathu Sokuhluleka Kwemizamo Yabantu
“Uma uhlala emphakathini lapho kungekho maphoyisa futhi bonke abantu benezibhamu futhi behlala ngokwesaba ukuhlaselwa, khona-ke kuyoba nokudubulana okuningi,” kubhala uGwynne Dyer oyintatheli noyisazi somlando wempi. Uyaqhubeka: “Lolo uhlobo lomphakathi onke amazwe omhlaba analo. Awekho amaphoyisa ezizwe zonke, ngakho izwe ngalinye lizigcina lihlomile futhi lilungele ubudlova; kepha uhlobo lobudlova amazwe ahileleka kulo lunegama elikhethekile. Silubiza ngokuthi impi.”
Nakuba lokhu kuyincazelo eyenziwe lula, iveza eziningana zezici eziyisisekelo ezibangela impi. Kumelwe kube nezindlela zokulwa impi kanye nokuthambekela ekwenzeni kanjalo. Kanye nalokhu, siphawula futhi ukuntuleka komthetho nokuhleleka ‘kulomphakathi,’ kulendaba ewumhlaba.
Izazimlando ezidumile uWill noAriel Durant zakhomba kulezizici eziyisisekelo ezifanayo lapho zibhala encwadini yazo iThe Lessons of History: “Ngenxa yokwehluleka kwamanje komthetho wezizwe zonke nokuntuleka kozwela, isizwe kumelwe silungele ukuzivikela ngaso sonke isikhathi; futhi lapho kuhileleke izithakazelo zaso ezibalulekile kumelwe sivunyelwe ukuba sisebenzise noma yiziphi izindlela esizibona zidingekile ukuze sizisindise. IMiyalo Eyishumi kumelwe ingasetshenziswa lapho ukuzivikela kusengozini.”
Ngakho-ke, ukuphumelela noma ukuhluleka kwanoma imuphi umzamo wokuphelisa impi kuxhomeke kakhulu endleleni osetshenziswa ngayo kulezizici eziyisisekelo. Ingabe likhona icebo labantu, kungakhathaliseki ukuthi lihlakaniphe kangakanani, eliye laphumelela ukwenza kanjalo? Ake sihlole amaqiniso.
Ukuntuleka Kokuhleleka Ezizweni Zonke
Esikhathini esidlule kuye kwenziwa imizamo eminingi ukuze kwakhiwe uhlobo oluthile lwenhlangano yomhlaba enamandla okubusa izizwe nokulondoloza umthetho nokuhleleka ezizweni zonke. Ngokwesibonelo, iNhlangano Yezizwe, yakhiwa ekupheleni kweMpi Yezwe I ukuze iqiniseke ukuthi umhlaba awusenakuyingenela impi. Yafana nengekho ngesikhathi kugqashuka iMpi Yezwe II. Khona-ke, ngo-1945, inhlangano YeZizwe Ezihlangene yavela, futhi yadunyiswa, yakhothanyelwa abefundisi beLobukholwa njengethemba lesintu lokuthula. Uye waba yini umbhalo wayo? Nalapha futhi umlando uyaphendula. “Abantu abangaphezu kwezigidi ezine manje bahileleke ezimpini ezihlukahlukene ezingama-42, ekuvukeleni umbuso nezibhelu. . . . Abantu abaphakathi kwesigidi nezigidi ezinhlanu baye babulawa kulezinxushunxushu,” kubika iThe New York Times ngo-1984. Namuhla bambalwa abantu abakholelwa ukuthi iUN inamandla okuvimbela ukugqashuka kwezimpi nezingxabano. Ubukhona bayo abenzi lutho ekuqedeni ukwesaba impi yezwe yesithathu noma imbubhiso yenyukliye.
Ukusongela Okukhulayo Nokwesaba
Esinye isizathu sokuhluleka kwezinhlangano ezinjengeUN ukuvimbela impi siwukuthi izizwe emhlabeni wonke, zizinikezele ngokuphelele ekubuseni kwazo namalungelo. Azinandaba nezinye izizwe noma imithetho yokuziphatha. Ukuze zifinyelele imigomo yazo,ezinye izizwe zizizwa zinelungelo eliphelele lokusebenzisa noma iyiphi indlela eziyibona idingekile—ukuceka, ukubulawa kwezikhulu zombangazwe, ukuthumba, ukudubula ngamabhomu, nokunye—ngokuvamile kuba abangenacala abayizisulu. Ngisho nemibuso emikhulu yomhlaba ngokuvamile iqhubukushana kuze kube sezingeni elibi ngezaba zokuzivikela nezithakazelo zobuzwe. Izizwe ziyobekezelelana isikhathi eside kangakanani kulokhu kuziphatha okungenangqondo nokokungakhathalelani? Zingaki izimpi ezinjengeyaseFalkland, eyaseAfghnistan, eGrenada, nokudutshulwa kwendiza i-007 yaseKorea, nezinye izwe elingasinda kuzo ngaphandle kwempi enkulu? Akunzima ukubona ukuthi kungani ubuzwe nokuzibusa kuye kwaba izithiyo ezinkulu ekupheliseni impi.
Zihlomile Futhi Zilungele
Manje kwaziwa kahle ukuthi izindawo zezikhali zemibuso emikhulu zigcwele izikhali zenyukliye ezanele ukubhubhisa bonke abantu emhlabeni ngokuphindwe kaningi. Kodwa kuthiwani ngezinye izizwe? Ngokombiko kahulumeni waseU.S., amazwe asathuthukayo emhlabeni wonke, nakuba ecindezelekile ngokwezomnotho, aye achitha amaRandi angaphezu kwezigidi eziyizi-368 000 eshumini leminyaka elidlule ngokuthenga ezinye zezindiza ezithuthuke kakhulu, izikhali ezicitshwayo, nezimoto zempi ezikhona. Waba yini umphumela? “Manje sekufinyelele ezingeni lapho abathengi abaningi benezinkinga zendawo yokuzigcina zonke izikhali zabo ezintsha.” Lezizizwe zihlome ziphelele ngempela. Iqiniso lokuthi zinezikhali okuthhiwa akuzona ezenyukliye lizenza zizimisele kakhulu futhi zilungele ukuzisebenzisa.
Ingabe Sikhona Isizathu Sethemba?
Ukuhluleka okuphindaphindiwe kwemizamo yabantu yokuphelisa impi kumane kugcizelela iqiniso leBhayibheli lokuthi “akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Nakuba abantu bengase bafune ukubona ukuphela kwezimpi, bona ngokwabo abayazi indlela yokukufeza. Kuthiwani-ke ngesithembiso sokuthi ‘ukulwa kuyopheliswa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba’? Ingabe sinikezwe nje ukuba sivuse ithemba noma ukuba kuhlekiswe ngathi? Ngokuqinisekile akunjalo. Ngoba uJehova ayasiqinisekisa ngokuphathelene nanoma iliphi izwi noma isithembiso esiphuma emlonyeni wakhe: “Aliyikubuyela-ze kimi.” (Isaya 55:11) Siyofezeka kanjani-ke lesisithembiso? Isiphi isisekelo esinengqondo esikhona ngathi sokukholelwa ukuthi uNkulunkulu uyophumelela lapho umuntu eye wahluleka khona ngokuphindaphindiwe?