Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 11/1 kk. 27-30
  • Yakha Futhi Usebenzise Ukholo Lwakho NgabAhluleli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yakha Futhi Usebenzise Ukholo Lwakho NgabAhluleli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinzuzo Ezivela Endabeni
  • Ukusebenza Kokholo Olunamandla!
  • Funa Izifundo
  • Incwadi YeBhayibheli Yesi-7—AbAhluleli
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Amaphuzu Avelele Encwadi YabaHluleli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • AbaHluleli Okuphakathi
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • “Inkemba KaJehova NekaGideyoni!”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 11/1 kk. 27-30

Yakha Futhi Usebenzise Ukholo Lwakho NgabAhluleli

UMA ubungacelwa ukuba ukhethe iqembu eliseBhayibhelini labantu bokholo oluvelele, yiliphi iqembu obungalikhetha? Abaphostoli abayi-12? Amadodana kaJakobe ayi-12? Mhlawumbe. Kodwa bewungaba nesizathu esifanele sokukhomba elinye iqembu labayi-12 elilukholo lwalo lutuselwa thina eBhayibhelini.

Sisho amadoda ayi-12 amisebenzi yawo yokholo ilandiswe encwadini yabAhluleli. Amanye awo ashiwo ngamagama kumaHeberu 11:32-34: “Isikhathi kambe sizakungishiya, uma ngibalisa ngoGideyoni, noBaraki, noSamsoni, noJefta, . . . abathi ngokukholwa banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama, bacima amandla omlilo, baphepha osikweni lwenkemba, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba-yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe.”

Lapho unabane kubahluleli. Bangaki abanye abahluleli abathembekile ongabakhumbula? Vivinya inkumbulo yakho ngaphambi kokuba ubheke uhla olungezansi.a Mhlawumbe ungakhumbula futhi izenzo ezithile ezimangalisayo ezenziwa abahluleli, njengesokubulala kukaSamsoni amaFilisti namakhosi awo​—naye ngokwakhe​—ngokudiliza ithempeli likaDagoni, noma esokusebenzisa kukaGideyoni amabutho angama-300 kuphela ekuxosheni uquqaba lwabakwaMidiyani. Abantu abaningi kweLobukholwa bazazela kuSonto-sikole lezindaba. Kodwa ingabe bayazizuza izifundo ezibalulekile encwadini yabAhluleli ezingathinta ukholo lwabo, zithuthukise ukuphila kwabo manje futhi zibasize ukuba bazuze ‘ukuphila okuzayo’? (1 Thimothewu 4:8) Uma ucabanga ukuthi akunjalo, ingabe kungokuhlukile ngawe? Ingabe uye wayivumela incwadi yabAhluleli ukuba isize ukholo nokuphila kwakho kobuKristu?

Izinzuzo Ezivela Endabeni

Funda lencwadi. Uyothola ukuthi, noma uyaqala noma usuyayiphinda ukuyifunda, uyothokoziswa izindaba eziningi ezigcwele izenzakalo ezivusa amadlingozi. Ziyokunikeza okuningi ongakhuluma ngakho​—nabantwana bakho noma nabanye abasebasha, kanye futhi nabadala abanomqondo. Nokho, ekufundeni kwakho gcina engqondweni amaphuzu ayinhloko avela kweziningi izindaba. Ngokwesibonelo?

Elinye elokuthi kulula kakhulu ukuvumela ukholo lwakho kuNkulunkulu lube buthakathaka noma ukukhohlwa lokho akwenzele khona. Umuntu ofunda ngethemba lobuKristu nelokuthola intethelelo ngoKristu angaba nentshiseko enkulu ekuqaleni. Angaya ngenjabulo emihlanganweni futhi ahlanganyele enkonzweni yobuKristu. Ubeka lokhu kuqala ekuphileni, engakhathazeki ngezinto ezibonakalayo, njengokuba nemoto entsha, umuzi omuhle noma iTV yamuva ebiza kakhulu. Kodwa ngemva kweminyaka ethile, ingabe uyolulahla ‘uthando lwakhe lwakuqala’? (IsAmbulo 2:4) Umlando wamaIsrayeli owembulwe kubAhluleli ubonisa indlela okungenzeka kalula ngayo lokho kunoma ubani wethu.

Izahluko ezimbili zokuqala ziyisingeniso. Ngemva kokuba amaIsrayeli ngaphansi kukaJoshuwa esehleli eZweni LeSithembiso, awabange esalalela ukuba axoshe amaKhanani akhonza izithombe futhi onakele. (AbAhluleli 1:28-33) Ngakho uJehova wavumela laba bezizwe nonkulunkulu babo ukuba babe uvivinyo kwabakwaIsrayeli. (AbAhluleli 2:19-23) UIsrayeli wahluleka kaningi ovivinyweni. Yilapho-ke lapho abahluleli bangenela khona.

Isimo ngomahluleli wokuqala, uOtheniyeli, sifana nokwenzeka ngokuphindaphindiwe. AmaIsrayeli ayesezinikele ekukhulekeleni okungcolile kukaBali, ngakho uNkulunkulu wavumela inkosi yaseAramu ukuba iwacindezele iminyaka eyisishiyagalombili. Lokhu kwawashukumisela ukuba ‘akhale kuJehova ukuba awasize. Khona-ke uNkulunkulu wawavusela umsindisi owayeyowasindisa, uOtheniyeli. Umoya kaJehova waba phezu kwakhe, waba umahluleli wakwaIsrayeli. Lapho ephuma impi, uNkulunkulu wanikela inkosi yaseAramu esandleni sakhe. Ngemva kwalokho izwe lase liba nokuthula iminyaka engama-40.’—AbAhluleli 3:7-11.

Yeka intokozo lawomaIsrayeli okumelwe ukuba aba nayo ngokukhululwa, njengoba nathi sakwazisa ukufunda iqiniso lobuKristu nokukhululeka enkolweni yamanga! Nokho, yini, iminyaka elandelayo eyayizoyiletha? Ivesi elilandelayo lithi: “Abantwana bakwaIsrayeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wanika uEgiloni inkosi yakwaMowabi amandla phezu kukaIsrayeli.” (AbAhluleli 3:12) Uyasibona isibonelo nengozi ngathi yokuvumela ukholo lwethu lube buthakathaka? Kodwa ngokwesikhuthazo sethu, umlando uyaqhubeka: Kwathi ukuba amaIsrayeli aphenduke; uNkulunkulu wawavusela umahluleli oyinxele uEhudi. Wayisa umbiko oqondile eNkosini ekhuluphele uEgiloni, kwaphumela ekukhululweni kwamaIsrayeli. Funda umlando ovusa amadlingozi kuso sonke isahluko sesi-3.

Ukusebenza Kokholo Olunamandla!

Elinye iphuzu eliyinhloko elifanele likuhlabe umxhwele elokuthi uNkulunkulu angakusebenzisa ukuba ufeze izinto ezimangalisayo uma unokholo oluqinile.​—Qhathanisa noMathewu 17:20; 21:21.

Ezinye izibonelo ezimfushane: Cabanga ngokuthi uGideyoni wabaxosha kanjani abakwaMidiyani ‘ababenjengesikhonyane ngobuningi’ ngamadoda okholo angama-300 kuphela. (AbAhluleli 7:1-25) Ngesikhuthazo sikaDebora, uBaraki wabangela ukukhululeka enyakatho kumaKhanani ayenezinqola zempi ezihlome ngamasikela ensimbi asabekayo ayelenga emasondweni. Kumelwe futhi uphawule ukuthi kulendaba kwakungowesifazane owenza ukugalela kokugcina kokunqoba. (AbAhluleli 4:1–5:31) Amandla kaSamsoni adumile. Ngamandla akhe angavamile, uSamsoni wakwazi ukudwengula ingonyama; ehlome ngomhlathi wembongolo wabulala izitha eziyinkulungwane futhi wancothula isango lomuzi waseGaza, walithwala wenyuka nalo intaba.​—AbAhluleli 14:5–16:3.

Akungabazeki ukuthi labahluleli babonisa ukholo oluvelele, ngokuqinisekile lwabenza bafaneleka ukuba babhalwe ohidini olusencwadini yamaHeberu njengezibonelo kithina. Izibonelo ngayiphi indlela? Ngokuqinisekile awunakulindela ukudwengula ingonyama ngezandla ezingenalutho, akunjalo? Kodwa uyobhekana nezinselele ezinzima zokholo lwakho uma uzama ukuphila usuku ngalunye njengomKristu oqotho kuJehova.

Mhlawumbe njengomusha ofunda isikole ubhekana nokucindezeleka okunzima kokulinga imilaliso noma ubulili, noma ukufuna umsebenzi wokuziphilisa onesikhundla esiholela kakhulu. Wena ngokwakho, noma nomkhaya wakho, mhlawumbe uye wenza ukuzidela okukhudlwana ngokwezinto ezibonakalayo ukuze ukhonze njengesikhonzi sesikhathi esigcwele noma ukuze uhlale lapho kunendingekho enkulu yalokhu, kodwa ubona amanye amaKristu abonakala enza ingcebo nokuphila okunethezekile kube okuphambili ekuphileni. Noma inselele okholweni lwakho ingaphakama ngoba othile uye wakudumaza kakhulu. Kungase kube umuntu obedumile phakathi kwamaKristu kodwa okuqhosha kwakhe kwamholela ukuba amelane nabazalwane bakhe. Ngakolunye uhlangothi, kungaba isihlobo esiseduze esiye sapholelwa uthando lwaso futhi esesiye sayeka ukukhonza uJehova.

Kunoma yisiphi salezi zimo, ungazitholela yini isikhuthazo okholweni lwabahluleli? Ukholo lwabo oluvela kuNkulunkulu lwabenza bakwazi ukwenza lokho okwakungabonakala kungenakwenzeka. UNkulunkulu ofanayo angakunikeza ukholo uma uqhubeka ulufuna ngomthandazo nangokubekezela endleleni yobuKristu. Ukholo luyisithelo somoya kaNkulunkulu ongcwele. (Galathiya 5:22) Ngokuphathelene nomoya ofanayo owenza uSamsoni waba namandla, uJesu wathi, “UYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.” Kanjalo, esahlukweni esifanayo samaHeberu esinohidi lwabahluleli abayizibonelo zokholo siyaqinisekiswa ukuthi uNkulunkulu “ungumvuzi walabo abamfunayo.” (Luka 11:13; Heberu 11:6) Angaluvuza nolwakho ukholo.

Funa Izifundo

Siye saletha ukunaka ezifundweni ezimbalwa ongazithola kubAhluleli. Nokho ngokungangabazeki uyothola inzuzo eyengeziwe kulengxenye yemiBhalo ‘ephefumlelwe nguNkulunkulu, elungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni.’​—2 Thimothewu 3:16.

Ngokwesibonelo, uyobona ukuthi ngokuzithoba uGideyoni akazange enze lutho ngaphambi kokuba aqiniseke ukuthi kwakuyintando kaNkulunkulu. Kamuva, ukuzithoba okufanayo kwamsiza ukuba agweme ukuvumela impumelelo nodumo ‘kumenze aqhoshe.’ Ungase ukwazi ukuzuza kulokhu. Khumbula ukuthi ngosizo lukaNkulunkulu ibutho elincane likaGideyoni lanqoba uquqaba lwabakwaMidiyani. Cabanga ngodumo uGideyoni okwakungamlethela lona. Ngokufanayo, ungathola udumo ngenxa yesiphiwo esithile esivelele, njengokuba isikhulumi sasobala esishisekayo noma njengomhleli onekhono elikhulu. Endabeni engaphambili, “abantu bakwaIsrayeli bathi kuGideyoni: Sibuse, wena nendodana yakho, nendodana yendodana yakho futhi, ngokuba usisindisile esandleni sakwaMidiyani.” Umuntu angasabela kanjani kuloludumo? UGideyoni wathi: “Angiyikunibusa, nendodana yami ayiyikunibusa; nguJehova oyakunibusa.” (AbAhluleli 8:22, 23) Ngokufanayo asilwele ukugcina ukuzithoba, siqaphela ukuthi zonke iziphiwo zethu—nesikufeza ngazo—kuvela emakhonweni uNkulunkulu awanikeze isintu.

Umlando kaGideyoni nabanye abahluleli wenza sibone, futhi, ukuthi babengabantu abangaphelele, njengathi. Singathola izifundo ezithile emaphutheni abo.

Ngakho, lapho uGideyoni evumela amaIsrayeli ukuba ahlanganyele impango yawo kanye naye, wenza ingubo yamahlombe ebiza kakhulu, ingubo esaphinifo, mhlawumbe eyayihlotshiswe ngamatshe ayigugu. Nakuba kwakungenzeka wayenesisusa esihle ekwenzeni lokhu, amanye amaIsrayeli akuthatha njengesithixo, ephambukisa ukunaka kwawo ekukhulekeleni uJehova endaweni engcwele.—AbAhluleli 8:24-27.

Umoya kaJehova wasebenza ngamandla amakhulu phezu kukaSamsoni, umenza ukuba akwazi ukwenza izenzo ezinkulu ezingaphezu kwamandla abantu. (AbAhluleli 14:5, 6, 19; 15:14, 15; 16:3, 28-30) Futhi ‘kwakuvela kuJehova’ ukuthi acele owesifazane othile kumaFilisti ukuba abe ngumkakhe, ngokuba uSamsoni “wayefuna ithuba lokulwa namaFilisti.” (AbAhluleli 14:4) Lokhu kwaholela ekulweni okwaphumela ekufeni kwamaFilisti amaningi ayecindezela. Futhi akuzange kungabazeke ngokuqondisa kukaJehova ukuthi uSamsoni waya eGaza futhi wahlala emzini wesifebe, ngoba lokhu kwaholela esenzweni esikhulu sokuthotshiswa kwamaFilisti onakele.b Nokho, kubonakala ukuthi ukuhlangana kukaSamsoni nalaba besifazane kungenzeka kwamthonya ukuba enze ngobuwula lapho ethandana noDelila, ngokusobala owesifazane wakwaIsrayeli lowo amaFilisti ayengamfumbathisa.—AbAhluleli 16:1-21.

Izindaba ezinjena kufanele zisifundise ukuthi kumelwe siqaphele njalo ukuhlasela kobuqili kwesitha. Ngokwesibonelo, umKristu angaba nenjongo eqotho ngokuvakashela isikhonzi esikanye naye sobulili obuhlukile, njengokunikeza induduzo noma isikhuthazo ngesikhathi sobunzima. Kepha ngokuvamile akusikho ukuhlakanipha ukwenza kanjalo uma ababili bezoba bodwa. Ukungapheleli kobuntu kungase kubaholele ekuziphatheni okungafanele, noma isimo singenza ukuba omakhelwane bathi amaKristu anezimiso zokuziphatha ezingahloniphekile njengomphakathi.

Futhi, zindla ngokholo nangokuzinikela kwendodakazi kaJefta eyabe iyintombi. Amanye amaKristu angashadile angaba nomuzwa wokuthi uma amathuba amahle evela okuba athole abangane abanothando, abathembekile, angashada. Kodwa lapho engakashadi angakhumbula ukuthi ngisho nakuba indodakazi kaJefta yaba nesikhathi lapho yalahlekelwa ilungelo lokushada nokuba nabantwana, yagcina futhi ukholo olutusekayo esabelweni esikhethekile leso ukungashadi okwayivumela ukuba ibe kuso.—AbAhluleli 11:30-40.

Lezi kumane nje kungezinye zezifundo eziningi ezizuzisayo lezo oyokwazi ukuzithola encwadini yabAhluleli ethakazelisayo neyakha ukholo. Kufanele uyiqede incwadi ukholelwa ngokwengeziwe ukuthi uJehova unguMkhululi omkhulu walabo abamkhulekelayo. Uma ungomunye wabakhulekeli bakhe, zimisele ukuba ube nokholo oluqinile, olushukumisayo, njengoba kuye kwaboniswa kahle kubAhluleli.

[Imibhalo yaphansi]

a UOtheniyeli, uEhudi, uThola, uJayire, ulbizani, uEloni, uAbidoni. Nakuba uJoshuwa noSamuweli bahlulela uIsrayeli, ngokuvamile abahlanganiswa neqembu eliye labekwa encwadini yabAhluleli.

b Kunengqondo ukuphetha ngokuthi, njengesivakashi, uSamsoni wayemane nje efuna indawo yokuhlala yalobobusuku, kunokuthi waya endlini yesifebe ngenjongo yokuziphatha okubi. Indaba ithi “walala kwaze kwaba-phakathi kwamabili” kodwa hhayi ukuthi “walala naso kwaze kwaba-phakathi kwamabili.”

[Ishadi ekhasini 28, 29]

(Ukuze ubone ukuthi kumi kanjani, bheka encwadini)

ISIKHATHI ESIPHAKATHI KOKUNQOTSHWA KWEKHANANI NOKUBUSA KUKASAWULE

Lelishadi lenzelwe ukubonisa enye yezindlela eziningi ihlelo lezikhathi zemilando eziboniswe encwadini yabAhluleli elingahlobana ngazo nobude besikhathi esiboniswe kwenye indawo. Ngokwemininingwane eyengeziwe, bheka iAid to Bible Understanding, amakhasi 335-8.

Imigqa emikhulu igqame ngokungafani ukuze kuboniswe izikhathi ezehlukene

1473 B.C.E.

UKUNQOTSHWA kweKhanani (6)

Isikhathi sokuphazamiseka (35[?])

IARAMU ngaphansi kukaKushani-Rishatayimi icindezela uIsrayeli (8)

UOTHENIYELI unqoba iAramu

“Izwe laba-nokuthula” (40)

UMOWABI ngaphansi kukaEgiloni ucindezela uIsrayeli (18)

UEHUDI unqoba abakwaMowabi

“Izwe laba-nokuthula” (80)

IKHANANI ngaphansi kukaJabini waseHasori icindezela uIsrayeli (20)

USHAMGARI ‘usindisa uIsrayeli’ kumaFilisti. Inkathi engaphawuliwe.

UBARAKI unqoba iKhanani

“Izwe laba-nokuthula” (40)

AMAMIDIYANI acindezela uIsrayeli (?)

UGIDEYONI unqoba amaMidiyani

“Izwe laba-nokuthula ezinsukwini zikaGideyoni” (40)

UABIMELEKI uyabusa (3)

UTHOLA (wakwalsakare) wahlulela uIsrayeli (23)

UJAYIRE (wakwaGileyadi) wahlulela uIsrayeli (22)

ABAKWA-AMONI bacindezela uIsrayeli (18)

Iminyaka engama-300 kusukela ekuqaleni kokunqoba kukaIsrayeli. (AbAhluleli 11:26-30)

UJEFTA unqoba abakwa-Amoni; uyahlulela (6)

UIBIZANI (waseBetlehema) uyahlulela (7)

AMAFILISTI acindezela uIsrayeli (40)

UELONI (wakwaZebuloni) uyahlulela (10)

UABIDONI (wakwaEfrayimi) uyahlulela (8)

USAMSONI (wakwaDani) uyahlulela (20)

UMPHONGOLO wesivumelwano eKiriyati-Jeharimi iminyaka engama-20.

UELI UmPristi omkhulu (40)

Amafilisti anqoba uIsrayeli

Isikhathi sokuphazamiseka (5[?]))

USAMUWELI Umprofethi, umahluleli

USamuweli uhola uIsrayeli ekunqobeni amaFilisti (1 Samuweli 7:7-14)

1117 B.C.E.

USAWULE Inkosi (40) Uqala ukubusa ngemva kweminyaka engama-356 kusukela ekunqotshweni kweKhanani. (1 AmaKhosi 6:1; Duteronomi 2:7; IzEnzo 13:21; 2 Samuweli 5:4)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela