IZwi LikaNkulunkulu Liphilile
Ubaluleke Kangakanani Umthandazo Kuwe?
UDariyu, inkosi yamaMede cishe eminyakeni eyizi-2 500 edlule, wenza uDaniyeli omunye weziphathimandla embusweni wakhe. UDariyu wawazisa umsebenzi kaDaniyeli kakhulu kangangokuthi iBhayibheli lithi ‘wayecabanga ukummisa phezu kombuso wonke.’ Ezinye iziphathimandla zaba nomona futhi zahlela icebo lokufaka uDaniyeli enkathazweni. Icebo laliphathelene nomkhuleko, futhi lokhu kuphakamisa umbuzo, Ubaluleke kangakanani umkhuleko kuwe namuhla?
IZITHA zikaDaniyeli ziya eNkosini uDariyu futhi zimcela ukuba asayine umyalo, noma isimemezelo, “sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe-nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama.” Engayiqapheli injongo yaso, uDariyu usayina lesisimemezelo. Uma wawuyinceku kaJehova uNkulunkulu emuva lé, ingabe wawuyoyeka ukukhuleka kuYe? Lapho ezwa ngesimemezelo, uDaniyeli ngokushesha uya endlini yakhe akhuleke kuNkulunkulu. Njengokuvamile, ukhuleka kathathu ngosuku.
Kulokhu izitha zakhe ziya kuDariyu ziyobika ukuthi uDaniyeli akazange alalele. Lokhu kwenza uDariyu azisole ngokuthi uye wasayina isimemezelo futhi uzama ukucabanga indlela angasindisa ngayo uDaniyeli. Kodwa ngalokho kuhlwa izitha zikaDaniyeli ziza kuDariyu futhi zithi: “Yazi, nkosi, ukuthi kungumthetho wamaMede namaPheresiya ukuba kungaguqulwa isiyalezo nesimiso esimiswa yinkosi.” Ngakho uDariyu uphoqelelekile ukuba anikeze umyalo wokuba kuphonswe uDaniyeli emphandwini wezingonyama.
UDariyu uphazamiseke kakhulu kangangokuba akakwazi ukulala ngalobobusuku. Ngakusasa uvuka ekuseni kakhulu futhi ngokushesha uya emphandwini wezingonyama. Njengoba esondela, umemeza ngezwi lokudabuka: “Daniyeli, wena-nceku kaNkulunkulu ophilayo, uNkulunkulu wakho omkhonza njalo [ukukhululile] kuzo izingonyama na?” Ngokushesha, uDaniyeli uyaphendula: “Nkosi. UNkulunkulu uthumile ingelosi yakhe, wavimba imilomo yezingonyama, azingilimazanga.”
Yeka indlela uDariyu ajabula ngayo! ‘Khuphulani uDaniyeli emphandwini,’ eyala. Khona-ke, inkosi yenzani kulabo abacebe ukuba uDaniyeli anikezwe izingonyama? Phela, yenza ukuba lawomadoda amabi aphonswe emphandwmi wezingonyama! Ngisho nangaphambi kokuba afike phansi komphandu, izingonyama ziyawagxavula. Ngemva kwalokho, uDariyu ubhalela bonke abantu embusweni wakhe, ubatshela ukuthi kumelwe bahloniphe uNkulunkulu kaDaniyeli ngoba wenza izimangaliso ezinkulu. Yebo, uJehova wasindisa uDaniyeli ezingonyameni.—Daniyeli 6:1-28.
Ingabe unohlobo lokholo uDaniyeli ayenalo kuJehova uNkulunkulu? Ingabe uyakholelwa ukuthi lapho uNkulunkulu ephelisa lesimiso esibi sezinto uyokusindisa uma uhlala uthembekile kuye? Uma kunjalo, awunakuvumela noma imuphi umthetho noma ukusongela abantu abangase bakwenze kukubangele uyeke ukumkhonza.