Ukuqondisisa Izindaba
Ababhishobhi Bamelene Nezikhali Zenyukliya
Ababhishobhi baseU.S. bamaRoma Katolika abavumelani nenkambiso yamuva yaseU.S. ngezikhali zenyukliya. Encwadini yabo yamuva yabefundisi enamakhasi ayi-150, “Inselele Yokuthula: Isithembiso SikaNkulunkulu Nokusabela Kwethu,” ababhishobhi, abangama-239 bemelene nabayi-8, basola impi yenyukliya ngokuphelele futhi bathi akuvinjelwe ngokushesha izimiso ezintsha zezikhali zenyukliya. AmaKatolika aqotho kulokhu abona ushintsho olusheshayo. Esikhathini esidlule, uhulumeni waseU.S. wayengathembela kubabhishobhi bamaKatolika ukuba babusise ukuhlanganyela kwabo empini. Lokhu kwaboniswa phakathi nempi yaseVietnam ngamazwi kaKhadinali Spellman ongasekho: “Izwe lakithi, lilungile noma alilungile. Izwe lakithi.”
Kodwa manje okuthile sekushintshile. I“U.S.News & World Report” icaphuna uKhadinali Bernardin waseChicago, usihlalo wekomiti yokuloba izincwadi, ethi noma ikuphi “ukuhlasela okubhekiselwe ngamabomu ezindaweni zezakhamuzi kufanele kubhekwe njengokubulala ngokolwazi lwamaKatolika ngokuziphatha okuqotho. Akuthethelelwa, ngisho noma kuwukuphindisela ngokuhlaselwa kwamadolobha ethu, futhi akukho okwehlukile kulesisimiso okungamukelwa.” Umbhishobhi omkhulu waseSan Francisco, uQuinn, owayengumongameli womkhandlu wababhishobhi, wanezela kulokho. Wathi amaKatolika angamasosha kumelwe enqabe noma ikuphi ukuyalwa kokuqhumisa ibhomu yenyukliya, ngisho noma lokho kuyala kuvela kumongameli, kubika i“U.S.News & World Report.”
Ngakho-ke ababhishobhi kubonakala ukuthi bazwakalise izwi elihle maqondana nendlela izigidi ezingama-50 zamaKatolika aseMelika okumelwe zisabele ngayo endabeni yezikhali zenyukliya. Incwadi yabefundisi, nakuba ingenzi sibopho, nokho yenza inkinga konembeza bamaKatolika aseMelika angamasosha, ezikhundleni zeningi nasemisebenzini yokuvikela izwe. Lokho incwadi ekutusayo, nokho, akusifaneli isimiso esibekwe kuIsaya 2:4, esibizela ‘ukukhanda izinkemba zibe-ngamakhuba nokungaphinde zifunde impi’—noma iluphi uhlobo lwempi.
Isomiso Esikhulu EAfrika
UJesu wabikezela ukuthi ‘kuyoba-khona indlala . . . izindawo ngezindawo’ njengengxenye yesibonakaliso esiyinhlanganisela esiphawula “ukuphela kwezwe.” (Mathewu 24:3, 7) Izwekazi laseAfrika linikeza obunye ubufakazi balokhu. Amazwe ayi-15 eAfrika antula ukudla ngokungathi sína ngenxa yesomiso, ngokusho kweNhlangano yeUN Yezokudla Nezolimo. Kubikwa ukuthi izwe laseSwazini liye laba nesomiso esibi kakhulu kunanoma isiphi eminyakeni engama-30, iNingizimu Afrika neMozambique iye yaba nesibi kakhulu kunoma isiphi eminyakeni engama-50, iZimbabwe ithi iye yaba nesibi kakhulu kulelikhulu leminyaka, okuphumele ekulahlekelweni ummbila ongamaphesenti angama-50 nesilinganiso semfuyo engaba yisigidi nengxenye. Njengoba isomiso sasiqala, izindawo eziningi kwakuthiwa zisenhlekeleleni. Ikusasa lazo lafiphala ngokubheka kwabantu, kodwa iBhayibheli libonisa ukuthi ngokushesha ukubusa kukaKristu kuyoqinisekisa ukuba khona “kwenala kakolweni ezweni.”—IHubo 72:16.
“Pheza Ukuthukuthela”
“Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, ungakhathazeki, kubanga ukona nje,” kululeka iBhayibheli. (IHubo 37:8) Eminyakeni eminingi, ukuhlakanipha kwabantu okuthandwa kakhulu kwaphika. Isisho sasithi, “Kuveze obala.” “Kuyimpilo ukuveza ukuthukuthela,” kwasho izazi eziningi zengqondo. Kodwa manje ukuhlola kwesayesi kuqokomisa ukubaluleka kokuthiba ulaka. Ngokwesibonelo, isazi sengqondo sezenhlalo yabantu uCarol Tavris wathi encwadini yakhe entsha i“Anger: The Misunderstood Emotion”: “Ukubonisa ukuthukuthela kwenza uthukuthele kakhulu, kuqinisa isimo sokuthukuthela, futhi kwakhe umkhuba wonya.” Ngakho-ke uyeluleka: “Uma ungakunaki ukucasuka kwesikhashana futhi ukuphazamisa ngemisebenzi ejabulisayo kuze kube yilapho ukuthukuthela sekwehlile, amathuba awukuthi uyozizwa ungcono, futhi uyozizwa ungcono ngokushesha, kunokuba ungenele ukuthetha.”
IDuke University Medical Center, ngemva kokuhlola kweminyaka eyisikhombisa, yaphetha ngokuthi abantu abathukuthela ngokushesha bangafa ngokushesha kunalabo abaphuza ukuthukuthela. Ukusikisela kwabo kwakuthi ulaka olweqile luhlangene nokulimala kwenhliziyo njengoba kunjalo ngokubhema nokuvaleleka kwegazi emithanjeni. Ngakho-ke, njengoba izibalo ngalendaba zibonisa ubufakazi obuncane bokuthi ukukhipha ulaka kunempilo, ingabe akungcono yini ukulalela lokho izAga 14:29 ezikushoyo: “Uma wephuza ukuthukuthela, uhlakaniphile, kepha uma ushesha ukuthukuthela, umane ubonisa ukuthi uyisiwula kangakanani.”—“Today’s English Version.”