‘Funani Ukuthula Nikujonge’
1. (a) Singaku‘funa kanjani ukuthula futhi sikujonge’ kulelizwe lobudlova? (b) Ezimweni ezivivinyayo, kungani kumelwe sinxuse uJehova ngobuqotho?
SINGASILANDELA kanjani iseluleko somphostoli uPetru, esicashunwe ngenhla, njengoba sizungezwe izwe elinobudlova? UPetru uyaphendula, esitshela ukuba ‘sidede ebubini, senze okuhle.’ Ngakho-ke, sidinga ukwenza umzamo oqotho ukuze sibe sebuhlotsheni bokuthula noJehova uNkulunkulu ngesisekelo sokholo emhlatshelweni kaJesu Kristu. Ngemva kwalokho sijonga ukuthula ngokulandela ngokuseduze izimiso uNkulunkulu azibekile eZwini lakhe. “Ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo, kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi.” (1 Petru 3:11, 12) Lapho omubi ezama ukwenza izinto ezimbi kithi, singanxusa ngokuqotho uJehova. Singambiza ngokuzwakalayo ngegama ukuze sithole usizo, njengalapho sihlaselwa umdlwenguli noma omunye umenzi wobubi.—Qhathanisa noDuteronomi 22:25-27.
2. Lapho sihlangabezana nobudlova, singaba naliphi ithemba njengoba labonakaliswa uDavide?
2 Ezimweni zobudlova ukuthemba uJehova ngokungangabazi ngokuvamile kuye kwaba indlela yokuphepha. Ezikhathini eziningi, ufakazi kaJehova uye waphepha ngokubambelela ethembeni uDavide alibonakalisa emkhulekweni kumaHubo 18:46, 48: “UJehova usekhona, malidunyiswe idwala lami; makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami, ongikhululile ezitheni zami, yebo, ongiphakamisile phezu kwabangivukelayo, wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.” Lezo zigidi zoFakazi BakaJehova namuhla ezibheka phambili ngokholo oluqinile ekugcwalisekeni kwesithembiso sikaNkulunkulu sokuthi ‘abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo’ ziyaqinisekiswa futhi ukuthi “ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova; uyinqaba yabo esikhathini sokuhlupheka.”—IHubo 37:29, 39.
3. (a) UDuteronomi 32:10 noDaniyeli 3:19-27 babonisani kithi? (b) Yini eboniswa yindlela yokusindiswa kukaRahabi, ngokufanayo nephayona losuku lwanamuhla?
3 Kungakhathaliseki ukuthi iziphi izimo ezingaphakama kulelizwe lobudlova, uJehova uyakwazi ‘ukuvikela abantu bakhe njengenhlamvu yeso lakhe.’ (Duteronomi 32:10; Daniyeli 3:19-27) Ukwazi ngisho, uma ethanda, ukulondoloza abakhe embubhisweni esabisayo njengeyenyukliya. Lokhu kwabonakaliswa ngoAugust 6, 1945, kokuhlangenwe nakho kwesikhonzi esithembekile sikaJehova esasishushiswa etilongweni laseHiroshima eJapani. Ngalokho kusa ukusuka endaweni yaso eyayimisiwe kwasibeka esimweni sokuba singalinyazwa ukuqhuma kwebhomu ye-athomu.a Ingxenye enkulu yejele yabhidlika, kodwa ngokufanayo njengoba uRahabi asinda ekubhujisweni okukhulu kweJeriko, uKatsuo Miura wasinda embhujisweni yaseHiroshima. (Joshuwa 6:23, 24) Wambonga uJehova, njengoba akubonakalisa, ethi ‘wakhishwa ejele ngebhomu,’ ukuze achithe iminyaka esele yokuphila kwakhe enkonzweni yokuphayona. (Qhathanisa neHubo 116:15.) Ayikho into emangalisa ngokweqile ngeNkosi Yobukhosi “ogama lakho linguNkulunkulu omkhulu oyiqhawe, uJehova-Sebawoti.”—Jeremiya 32:16-19.
Zigcine Useduze Nenhlangano KaJehova
4. UIsaya isahluko 60 usichaza kanjani isimo senhlangano kaNkulunkulu kulesikhathi?
4 Ukuze sibhekane nalezizinsuku zobudlova, sidinga ukuqondiswa komusa kwenhlangano kaJehova engumama. Kusukela ngo-1938 kuye kwabakhona isimo esithuthukisiwe esingokwasezulwini phakathi kwabantu bakaNkulunkulu, njengoba uJehova ayebikezele: “Indluzula ayisayikuzwakala ezweni lakho, nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemikhawulo yakho, kepha uyakubiza izingange zakho ngokuthi iNsindiso, namasango akho ngokuthi iNdumiso.” Ukuthula nothando kokulunga lokho manje okuluphawu lwenhlangano kaJehova emhlabeni wonke kuye kwenezela okuningi ‘komncane’ wezinkulungwane ezimbalwa zabamemezeli boMbuso beminyaka engama-64 edlule eba “isizwe esinamandla” esiyi-2 477 000 esiqinile, beqhubekela phambili kuwo wonke amazwe angama-205 omhlaba. Imibiko evela ensimini ibonisa ukuthi, njengoba sisondela “esiphelweni,” uJehova ‘uyakusheshisa ngesikhathi sakho.’—Isaya 60:17, 18, 22; Mathewu 24:14.
5. Njengoba kuboniswe kumaHubo, yini eye yagcina abantu bakaJehova beqinile naphezu kobudlova?
5 Okuningi kwalokhukwanda kuye kwenzeka ezindaweni ezinobudlova, njengalokhu oFakazi BakaJehova abahlangabezana nakho ezinkanjini zokuhlushwa zikaHitler nangesikhathi sokuhlasela kwesixuku esilwayo eUnited States. Ubudlova buyaqhubeka banda ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Amazwe ambalwa, uma ekhona, aye abhekana nobudlova obukhulu eminyakeni yamuva ukwedlula iLebanon. Nokho abazalwane bethu lapho baqinile. Yini eye yabagcina beqinile? Ukuthemba uJehova ngobuqotho nokuzimisela ukuqhubeka behlanganyela emihlanganweni yabo nakweminye imisebenzi yobuKristu.—IHubo 73:28; 149:1.
6. Kumelwe sikubheke kanjani ukuhlanganyela njalo, futhi ngani?
6 Lokhu kumelwe kusibonise ukuthi ngezikhathi zobudlova akumelwe siyeke ukuhlangana ndawonye. (Heberu 10:24, 25) Uma lokhu kubaluleke kangako ekusiqiniseni ebudloveni bezwe likaSathane, kudingekile futhi ekutholeni amandla ukuze sibhekane namaqhinga amaningi obuqili kaDeveli. Ukuhlanganyela kwethu njalo emihlanganweni kusho ukuphila kithi!
7. (a) USathane ukufuna kanjani ukonisa abantu bakaNkulunkulu? (b) Kungaziphi izindlela ezikhethekile uSathane aphakamisa ngazo umoya wobudlova nokuziphatha okubi? (c) Singakujonga kanjani ukuthula, futhi sinamuphi umgomo engqondweni?
7 Kulezikhathi ezinzima, uSathane ufuna ukonisa abantu bakaNkulunkulu ngokubenza ukuba babe“ngabazithandayo, nabathandimali, [nezinto ezikhangayo ezibonakalayo lezo ezithengayo], . . . nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu.” Lezi izinto ezingasidonsela kude nokuhlanganyela njalo nabantu bakaNkulunkulu. (2 Thimothewu 3:1, 2, 4) Esikhundleni sokuthatha umoya kaSathane wobudlova nokuziphatha okubi, ophakanyiswa ngezinhlelo zeTV, ngemidlalo ethile yethelevishini nokunye, yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba siqhubeke ngesifundo somuntu siqu, ukuzindla nangemihlangano yethu, singenise futhi sisebenzise ulwazi oluqondile olusho “ukuphila okuphakade”!—Johane 17:3; Filipi 1:9-11; Kolose 1:9-11.
Sikuphi Isivikelo Sethu?
8. (a) Abantu abaningi bezwe basabela kanjani kulezikhathi zobudlova? (b) Ngezibonelo, bonisa ukuthi kungani inkambo yabo ingubuwula.
8 Ubudlova buletha ukwesaba ezinhliziyweni zabantu basemadolobheni amakhulu omhlaba. Ngokwemibiko yokuhlola kwamuva nje, amaphesenti angama-45 abaseMelika bayesaba ukuhamba bebodwa ebusuku ibanga eliyikhilomitha ukusuka emakhaya abo. Abaningi baphatha izibhamu. Kodwa ingabe yilendlela oFakazi BakaJehova okumelwe bayithathe—ukuhlangabezana nobudlova obungenzeka ngokulungiselela ukuba babe nobudlova? Izingozi eziningi ezihilela “ukuzivikela ngezikhali”—nabantwana abancane bebulala ngisho abanye abantwana—kumelwe kusenze ukuba sime futhi sihlole isimo. Kwaziwa kahle ukuthi umuntu ofundisiwe ukusebenzisa isibhamu, lapho ebona esinye isibhamu, uyodubula—futhi adubulele ukubulala. Khona-ke yini engenziwa umuntu osafunda ukuphatha isibhamu!
9. UmKristu angakuthola kuphi ukuvikeleka futhi kanjani?
9 UmKristu angathola ukulondeka, hhayi ngokuba nezikhali, kodwa ‘ngokufuna ukuthula futhi akujonge.’ (1 Petru 3:11) Thembela kuJehova. Uma uhlangabezana nesigebengu, sazise ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova. Ungabi nenkani kulowo osongela ngobudlova; mnike izinto ezibonakalayo azifunayo. Ukuphila kwakho kuyigugu kakhulu kunalezo zinto. Lapho uvinjelwe futhi usongelwa, nxusa usizo kuJehova. Khumbula: “Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo alondeke.”—IzAga 18:10.
10. (a) Maqondana nokuzivikela, indaba ekuEzra isahluko 8 nakwabe-2 Korinte isahluko 11 isibonisani? (b) Imibiko evela eAfrika naseIreland isitshelani maqondana nobuwula bokuphatha izibhamu?
10 Nokho, ingabe ngeke zibekhona izimo, njengokuhamba endaweni enabavukelimbuso abayingozi, lapho oFakazi BakaJehova kungabangcono ukuba baphathe izibhamu ukuze bazivikele? Impendulo ngokuqinisekile inguCha. (Qhathanisa uEzra 8:21-23, 31; 2 Korinte 11:23-27.) Thatha ngokwesibonelo ababonisi bethu abajikelezayo ezweni elithile laseAfrika. Eminyakeni yamuva labazalwane ngokuvamile kwakufuneka ukuba bahambe ezindaweni zempi lapho bekhonza amabandla. Ngezinye izikhathi babezithela phezu kwamaqembu alwayo noma amasosha ezokuvikela. Ukuba izibhamu zazingatholwa kubo kwakuyosho ukulahlekelwa ukuphila kwabo ngabo. Kwabambalwa, ukubonisa kwabo ukuthi bangoFakazi BakaJehova, kuhlanganise nokungabi nanoma iziphi izikhali zobudlova, kwabanika indlela yokuya lapho beya khona. Kungokufanayo naseNyakatho Ireland ehlukaniswe ukulwa, lapho kuye kwathiwa “ukufa kuyingxenye yezwe.” Ukungathathi-hlangothi koFakazi BakaJehova kwaziwa kahle, futhi njengabathandi bokuthula bathola ukuvikelwa kokubili ezindaweni zamaKatolika namaProthestani.
11. (a) Yini eyenza kube sobala ukuthi amaKristu akumelwe azihlomise ngezikhali ezibulalayo? (b) NgokwemiBhalo, kumelwe sithembele kuphi?
11 ImiBhalo, esekelwa okuhlangenwe nakho kwanamuhla koFakazi BakaJehova, yenza kube sobala ukuthi akutuswa ngamaKristu ngamanye ukuba aphathe, noma ukuba abe nesibhamu ekhaya lawo noma kwezinye izindawo, noma isiphi esinye isikhali esingasetshenziswa ukubulala abahlaseli abangabantu noma izelelesi. (Isaya 2:4; 1 Petru 3:11) Umuntu ozilungiselela ubudlova ubiza ubudlova. Esikhundleni salokho, ithemba elisemqoka lomKristu kumelwe libe uJehova, uNkulunkulu wakhe.—IHubo 18:48; 140:1, 4; IzAga 3:5-7.
12. (a) NgokomBhalo, kungani umKristu angacela ukuvikelwa iphoyisa? (b) Ingabe umKristu angasebenzisa isibhamu lapho kuphuthuma, noma angaziphathela umthetho?
12 Ngokuvumelana namaRoma 13:1, 4, “amandla ombuso” ezwe angabeka amanxusa athile agcina ukuthula, njengamaphoyisa ahlomile ngokomthetho ukuze avikele izakhamuzi nempahla. Ngenxa yokuthi amalungiselelo anjalo avunyelwe uNkulunkulu achazwa njenge“sikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokwehlisela ulaka kowenza okubi,” kuyoba okufanelekile ngomKristu ukucela nokwamukela ukuvikelwa enxuseni elinjalo. Kodwa ngisho noma angakuthola kudingekile ukuba azivikele noma abathandekayo bakhe nganoma yini esesandleni, akumelwe asebenzise isibhamu. Noma aziphathele umthetho. Emazweni amaningi akuvunyelwe ngisho ukuphatha isibhamu ukuze uzivikele.—Mathewu 22:21; qhathanisa noEksodusi 22:2.
13. Kungani umKristu engenakusebenzisa ubuciko bokulwa ukuze azivikele?
13 Nokho, ngokuzivikela kwangasese, ingabe akumelwe umKristu aziqeqeshele ubuciko bokulwa, njengeKung fu yamaShayina? Makuqashelwe ukuthi lezindlela eziyingozi kakhulu zokulwa zaseMpumalanga zasungulwa eminyakeni eyi-1 400 edlule yizindela ezingamaZen Buddhist zesiGodlo iShaolin entabeni iSongshan, enye yezintaba zaseShayina ezingcwele. Kulomthombo wenkolo kwaqhamuka futhi izindlela zokulwa zaseJapani—iBushido, okusho ukuthi, ngokuqondile, “Indlela Yeqhawe.” Izingcweti eziningi ebucikweni bejudo, ikendo nekarate zisavukwa amadlingozi okuzindla okungokwenkolo. Ikarate ngomgomo wokugoga isisulu, okungaphumela ekulimaleni okungathi sína noma ukufa. Ngokuqinisekile, labo abathembela kuJehova ngeke baphendukele ebucikweni bokulwa ukuze bazivikele!—IzAga 3:31.
14, 15. (a) Kungani kungaba okufanelekile ngomKristu ukuzingela noma ukubulala izilwane ukuze zidliwe? (b) Kodwa yini engaholela umKristu ukuba angafanelekeli amalungelo akhethekile, futhi ngani?
14 Ingabe kungaba okufanelekile ngomKristu ukuba abe nesibhamu ngenjongo yokuzingela izilwane ngenxa yokudla? Ukusukela kuZamcolo, uNkulunkulu uye wavumela ukubulawa kwezilwane ukuze zidliwe, nakuba igazi kumelwe lichithelwe emhlabathini, lingadliwa. (Genesise 9:3, 4; Duteronomi 12:23-25) Lapho bevunyelwe umthetho wendawo, abanye oFakazi bagcina izibhamu ukuze bazivikele ezilwaneni zasendle noma ukuze badubule izinyamazane. (Mathewu 22:21) Kubo lokhu kungaba umthombo obalulekile noma olusizo wokuthola ukudla. Kodwa akumelwe noma ubani acabange ukuthi uJehova uzovumela ukubulawa kwezilwane kubhekwe njengomdlalo, njengenjabulo yokubulala—njengoba kuye kwabanjalo ngo“Nimrode” basendulo nabanamuhla. Ngenxa yokuthi “umphefumulo womzimba usegazini,” lokhu kuyigugu emehlweni kaJehova.b—Levitiku 17:11, 14.
15 Uma idlanzana loFakazi ebandleni likhathazwa ukuthi othile uzingela izilwane ngenjongo yomdlalo, futhi kungekhona ukuthola ukudla, angase angabi sesimweni sokuthola amalungelo akhethekile enkonzo, ngenxa yedumela lakhe elisolekayo.—1 Thimothewu 3:2.
16. Abadala bangase basize kanjani, kodwa ungaba yini umphumela kulabo abehluleka ukulandela iseluleko esingokomBhalo ezigabeni 9 kuya kwese-15 ngenhla?
16 Kungokufanayo uma omunye woFakazi BakaJehova ephikelela ephatha noma eba nesibhamu ukuze azivikele kubantu, noma ukuze afunde ubuciko bokulwa. Abadala abangokomoya kumelwe bathathe isinyathelo ngokushesha ukuba bameluleke futhi bamsize ukuba alungise isimo. (Mika 4:3) Noma ubani ngaleyondlela oqhubeka ephatha izikhali zakhe siqu noma ngezinye izindlela ezihlomisela ukuba “isilwi” akayikuwafanelekela amalungelo akhethekile ebandleni.—1 Thimothewu 3:2, 3.
Ukusetshenziswa Kwezikhali Emsebenzini Wombuso
17. Kungani oFakazi abaningi begwema umsebenzi ohilela ubuciko bokulwa noma ukuphathwa kwezikhali?
17 Uma othile enomsebenzi ohilela ukuphatha isikhali ukuze sisetshenziswe kwabanye abantu, noma kudingeka ukuba aqeqeshelwe ubuciko bokulwa, njengejudo nekarate, kumelwe enze njani? Lapho enza isinqumo sakhe siqu kumelwe akhumbule ukuthi umlandeli kaJesu kufanele ajonge ukuthula. (Roma 12:17, 18) Ngokwalokho okushiwo kuIsaya 2:4, oFakazi BakaJehova abaningi bayawugwema umsebenzi onjalo. Ngisho nakuba umsebenzi ungaba ngowenjongo yokuvikela umphakathi (noma impahla) ngokuvumelana namaRoma 13:4, okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi ezikhathini eziningi kuye kwabakhona ingozi yokuzifaka ecaleni legazi ngokubulala ngesikhali, okulimaza unembeza womuntu, ngokufanayo nokuba khona kwengozi yokulimala noma ukufa ngenxa yokuphindisela. (IHubo 51:14; qhathanisa noNumeri 35:11, 12, 22-25.) Ngokuqinisekile kungcono ukugwema izingozi ezinjalo ngokukhetha umsebenzi lapho zingaphakami khona.
18. (a) Umbono womKristu ovuthiwe ungahluka kanjani kowezwe? (b) Ukuze agcine unembeza omsulwa, angazama kanjani ukulungisa izimo?
18 Phakathi nalezi“zinsuku zokugcina” eziningi izisebenzi kulindelwe ukuba ziphathe isibhamu. Ogadi basebhange noma ogadi bokulondeka, omantshingelana namaphoyisa kungafuneka ngisho ukuba benze kanjalo ukuze baqhubeke nomsebenzi. Kodwa kuthiwani ngomKristu obophekile ‘ukondla abakubo’? (1 Thimothewu 5:8) Umbono wakhe oqeqeshwe ngokweBhayibheli ungaba ohlukile kowabantu bezwe, abazizwa bekhululekile ukuphatha izikhali ezinjalo nokuzisebenzisa njengoba bebona kufanelekile kunoma isiphi isimo esiyingozi esingaphakama. (Efesu 5:15-17) Uyofuna ukugwema ukuba necala legazi, ekhumbula umbono kaJehova ngobungcwele begazi. (Genesise 9:6; IHubo 55:23) UmKristu ovuthiwe kumelwe azame ukuthola umsebenzi ongadingi ukuhloma.c Abanye oFakazi ngokukhuluma nomqashi wabo baye baphumelela ekushintshelweni emsebenzini ongadingi ukuphatha isikhali.
19. Yimaphi amalungelo umzalwane angase angawafanelekeli kuze kube yilapho esenze ushintsho? (2 Korinte 13:11)
19 Njengoba izwe likhula ngobudlova asisenakumbheka njengoyisibonelo umzalwane oqhubeka emsebenzini wokuhloma. Kumelwe avunyelwe izinyanga eziyisithupha ukuba enze ushintsho. Uma engalwenzi ushintsho ngeke abe sesimweni sokuphatha amalungelo akhethekile enkonzo nomthwalo wemfanelo ebandleni.—1 Thimothewu 3:2; Thithu 1:5, 6.
Sonke Masijonge Ukuthula
20. (a) Kungani indlela yokuthula ifanele ituswe? (b) Naphezu kovivinyo olunzima, ngisho nokufa, uyoba yini umphumela kwabagcina ubuqotho? (c) Wethembele kubani?
20 Ngokujonga indlela yokuthula oFakazi BakaJehova ezikhathini eziningi baye bathola ukuvikelwa—ngokomzimba, ngokuziphatha okuhle, ngokomoya! Ngokusobala lendlela engokomBhalo yiyo okumelwe ilandelwe. Ezindabeni ezimbalwa lapho kuye kwabakhona ukulimala phakathi kwamaKristu athembekile, ukungesabi kwawo ukufa kuye kwawabeka esimweni sokuvuswa ngasekuqaleni kovuko. (Heberu 11:36-40; IsAmbulo 2:10) Ngezinye izikhathi uJehova uvumela uSathane ukuba enze uvivinyo olunamandla kubantu baKhe, njengakuJobe, nakuba umphumela wokugcina kulowo mgcini wobuqotho wawujabulisa. (Jobe 1:18, 19; 42:12-15) Kodwa kungakhathaliseki ukuthi kungenzekani kulezizikhathi zobudlova, makungasigudlukisi ebuqothweni bethu. Masithembele kuNkulunkulu. “Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe-namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye.”—2 Izikronike 16:9.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngomlando oningiliziwe, bheka isihloko esithi “In the Mushroom Cloud,” amakhasi 17-19 kuAwake! kaSeptember 8, 1954.
b Bheka iPhaphama!, kaOctober 8, 1976, amakhasi 18-21
c Bheka futhi iNqabayokulinda ka-August 15, 1973, ikhasi 384.
Ungaphendula ngokuthini?
□ Kuzo zonke izimo ezisongela ngobudlova, umKristu kumelwe alibekephi ithemba lakhe?
□ Iyiphi inzuzo ekhona ngokuba seduze nenhlangano kaJehova neseluleko sayo?
□ Kungani kungubuwula ukuphatha izibhamu noma ukufunda ubuciko bokulwa ngokuzivikela?
□ Maqondana nomsebenzi odinga ukuhloma, iyiphi indlela exwayiswayo ngamaKristu, futhi ngani?
[Ibhokisi ekhasini 22]
Ukwanda Kobudlova—Kuyophelela Kuphi?
“lmpi yomzamo omkhulu yenyukliya phakathi kweUnited States neSoviet Union ingabangela ukufa . . . cishe kwabangamaphesenti angama-80 abakhileyo emhlabeni.”—The Express, March 29, 1982, kusekelwe engxoxweni nelungu lephalamende laseCalifornia.
“Behlulekile—Ingozi iwukuthi abaholi bezombangazwe, baseSoviet naseMelika bangathambekela ekucabangeni ukususa impi yenyukliya. Iqiniso liwukuthi, ngempela, noma iyiphi impi yenyukliya lapho zonke, noma ingxenye enkulu, yezinqolobane zezikhali zenyukliya zeSoviet neMelika zisetshenziswa ingabhubhisa ngokuphelele wonke amazwe angenhla kwenkabazwe.”—UDr. Frank Barnaby, umcwaningi wezokuthula, December 26, 1982.
“Uma ukushesha kwempi kudingekile ukuze kubekhona ukuthula, khona-ke ukuthula kwakungamelwe kuqinisekiswe. Izigidi zaseHiroshima zafa, futhi lokhu kulokhu kungavimbeli” namunye wezakhamuzi eziyi-4 200 000 000 ukuba achithe amaR115 ngonyaka ezikhalini.”—UAndre Fontaine, kuyiLe Monde, kukhishwe futhi kuyiThe Guardian, kaJanuary 9, 1983.
“Ungqongqoshe weU.N. Uthi Ukusongela Kwempi Yenyukliya Kuyakhula—‘Ukukhetha kuphakathi kwezizukulwane ezintsha zezikhali nezizukulwane zabantu zesikhathi esizayo’ washo.”—The New York Times, February 16, 1983, icaphuna uNobhala-jikelele uJavier Pérez de Cuéllar.
“Isizukulwane siyamuka, isizukulwane siyeza, kepha umhlaba umi phakade.” “Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe uyakube engasekho. Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.”—UmShumayeli 1:4; IHubo 37:10, 11.
[Ibhokisi ekhasini 23]
OFakazi BakaJehova Bakhuthazelela izikhathi Zobudlova ETripoli, ELebanon
“Ngempela babhekana nezikhathi ezilukhuni kodwa abazange balahlekelwe umhlangano. Basitshela ukuthi lapho benomhlangano wesigodi elinye iqembu labayi-117 lalihlangene ekhaya lomzalwane, futhi lapho udade wokugcina engena, ibhomu laqhuma emnyango. Kuwo wonke umhlangano amabhomu nombayimbayi kwawa ngapha nangapha kwabo njengemvula. Basitshengisa izinsika zezibani ezinqanyuliwe nezakhiwo eziseduze ezibhidlizwe ngamabhomu—kodwa akukho okwashaya isakhiwo ababehlangene kuso!
“Ngesinye isikhathi imikhaya emibili yangabaza noma kwakumelwe yini izame ukuya emihlanganweni ngenxa yombayimbayi. Yanquma ukuqhubeka, futhi ukuphila kwayo kwasindiswa ngoba, lapho isemhlanganweni, ikhaya lomunye umkhaya lashaywa ngebhomu futhi labhidlizwa ngokuphelele, futhi elinye ikhaya lafafazwa ngezincezu zebhomu eziqhumayo kangangokuthi akekho owayengasinda.
“Omunye umkhaya woFakazi ohlala endaweni yabangakwesobunxele lapho abangakwesokudla babehlasela khona kwakumelwe uthathwe futhi uyobulawa. Kodwa isihlobo esasingekho eqinisweni futhi esasikuleloqembu sezwa ngalokho futhi saya kuwo ngaphambi kokuba iqembu lababulali lifike. Sabayisa endlunkulu yeqembu lapho wachaza konke ngokungathathi-hlangothi koFakazi, wanikeza ubufakazi obuhle futhi wakhululwa. Lena indaba evamile.”—Njengoba ibikwa esinye isivakashi.
[Isithombe ekhasini 25]
Bhekana nobudlova ngobudlova noma themba uJehova?