“Fezani Ukusindiswa Kwenu”
“Fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela.”—Filipi 2:12.
1. (a) Ubani noma yini edumisa uJehova ngaphandle kwamazwi, futhi lokho kwenzeka kanjani? (b) Obani futhi abacelwa ukwenza kanjalo?
IMISEBENZI kaJehova iyamdumisa. “Mdumiseni nina-langa nenyanga, nimdumise nina-zinkanyezi zonke ezikhanyayo.” Ngaphandle kokukwazi ukukhuluma, zikhuluma ngodumo lwakhe. Ngokufanayo nezintaba namagquma, imithi nezilwane, izinyoni nezinto ezihuquzelayo. (IHubo 148:3, 9, 10; 19:1-4) Lokhu kudumisa kwenzeka kanjani uma kungekho-mazwi? Kuyenzeka ngoba umsebenzi uveza isisebenzi. Lokhu kushiwo ngokuqondile ngokuphathelene nemisebenzi kaJehova: “Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe.” (Roma 1:20) Uma indalo engakwazi ukukhuluma imdumisa, yeka ukuthi kukhulu kangakanani ngalabo abakwazi ukukhuluma! Ngakho kungokufanelekile ukuthi amaHubo 146 kuya kumaHubo 150 avula abuye avale ngokumemeza okuphaphamisayo, “Dumisani uJehova.”
2. Imiphi imisebenzi okumelwe ibonise ubuKristu bethu?
2 Njengoba imisebenzi kaJehova imchaza, ngakho nemisebenzi yethu iyasichaza. Ingabe isembula njengabafuni bomnotho noma abadumisi bakaJehova? Umsebenzi oyinhloko wamaKristu manje kumelwe ube ukugcwalisa amazwi kaJesu: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” Amazwi akhe ehlukana nabalandeli bakhe athi: “Hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho.” (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Njengoba ‘sifakaza endlini ngendlu,’ umsebenzi wethu wokushumayela kumelwe ube ngowohlobo oluphakeme. Kanjalo singaba nokuma okuhle ngaphambi kwamaKhosi uJehova noKristu Jesu. “Uyambona umuntu ehlakaniphile emsebenzini wakhe na? Uyakuma phambi kwamakhosi.”—IzEnzo 20:20, 21; IzAga 22:29.
3. Siwuqeqeshelwa kanjani lomsebenzi, futhi kungani kumelwe sibe nekhono lawo?
3 IBhayibheli lilungiselelwe ukuyala okudingekile nokuqeqesha, ukuze “umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.” Ngakho ngesifundo sangasese noma seqembu, ngokuba khona njalo emihlanganweni yebandla nangokuhlanganyela ezimisweni eziqeqeshayo “khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.” (2 Thimothewu 3:17; 2:15) USathane, unkulunkulu walelizwe elibi elikhona, uye weluka uhide olude lwamanga angokwenkolo futhi wawaneka njengesembozo ezizweni ukuze abangakholwayo bangaziboni izindaba ezinhle ezikhanyiselayo zombuso kaKristu. Kodwa iZwi likaJehova linjengenkemba esika nhlangothi zombili futhi oFakazi BakaJehova kumelwe babe nekhono ekulisebenziseni ukuba badweshule isembozo esiphuphuthekisayo benze ukukhanya kukhanye ezingqondweni nasezinhliziyweni ezithembekile zamadoda anjengezimvu, abesifazane nabantwana.—2 Korinte 4:3, 4.
Iminikelo Eyamukelekayo Yokudumisa
4. Ukudumisa kwethu kufaniswe nani, futhi ikuphi ukwehluleka okuboniswe kuMalaki 1:6-8?
4 Amazwi ethu okudumisa uJehova afaniswa nemihlatshelo eyayidingeka emthethweni kaMose: “Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.” Amazwi afaniswa futhi ne“milomo yethu njengangezinkunzi.” (Heberu 13:15; Hoseya 14:2) Imihlatshelo eyayinikelwa ngaphansi koMthetho yayimelwe ibe engenacala, futhi abapristi ababengayinaki lemfuneko babesolwa uJehova, njengoba kuchazwe kuMalaki 1:6-8:
“Indodana idumisa uyise, nenceku inkosi yayo; uma nginguyise, kuphi ukudunyiswa kwami? Uma ngiyinkosi, kuphi ukwesatshwa kwami? usho uJehova-Sebawoti kinina-bapristi enilidelela igama lami. Nokho nithi: Silidelele kanjani igama lakho na? Ngokunikela ngesinkwa esingcolileyo ealtare lami. Besenithi: Sikungcolisé ngani na? Ngokusho kwenu ukuthi: Itafula likaJehova lidelelekile. Lapho ninikela ngesilwane esiyimpumputhe sibe-ngumhlatshelo, akukubi na? Lapho ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi na? Mawusisondeze kumbusi wakho; uyakuba nomusa kuwe na? Uyakukwamukela na?”
5. Singakugwema kanjani ukunikela iminikelo enecala yokudumisa?
5 Ingabe imihlatshelo yethu namuhla, ‘izinkunzi ezincane zezindebe zethu’ ne“sithelo sezindebe” zethu, ingengenacala ngangokwamandla ethu ukuba siyenze? Ingabe ngokutadisha nangokufunda nangokusebenzisa izipho zethu siyenzile iminikelo yethu yokudumisa kahle ngangokuba singaphumelela? Ingabe siyaphenyisisa futhi sizindle ngamazwi eqiniso, ukuze siwashumayele emakhaya abantu ngendlela ejabulisayo? “Futhi ngokuba uMshumayeli wayehlakaniphile, wayefundisa abantu ukwazi, wazindla, waphenya, walungisa izaga eziningi. UMshumayeli wafuna ukuthola amazwi enamisayo afanele ukulotshwa, amazwi eqiniso.”—UmShumayeli 12:9, 10.
6. Singakwenza kanjani kube lula ngabantu ukwamukela isigijimi soMbuso?
6 Kunzima ngabantu ukuvuma ukuthi bebesephutheni nokuthi kudingeka bashintshe ukucabanga kwabo, ikakhulukazi kokuthile okuthinta imizwa njengemibono yabo yenkolo. Ingabe siyazama ukukwenza kube lula ngabo? Ingabe siyazibeka esimweni abakusona, njengoba umphostoli uPawulu enza? Wathi: “KubaJuda ngaba-njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda; kwabaphansi komthetho ngaba-njengophansi komthetho, noma ngingephansi komthetho mina, ukuze ngizuze abaphansi komthetho; kwabangenamthetho ngabanjengongenamthetho, ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu kepha ngiphansi komthetho kaKristu, ukuze ngizuze abangenamthetho; kwababuthakathaka ngababuthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka; sengabayikho konke kubo bonke, ukuze ngakho konke ngisindise abanye. Ngikwenza konke ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe-ngumhlanganyeli kulona.”—1 Korinte 9:20-23.
7. Singakwenza kanjani ukushumayela kwethu kube okufundisa ngokwengeziwe?
7 Ingabe amazwi ethu abonisa ukubonelela umusa nokuphilisa? “Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakubizwa ngokuthi oqondileyo, nobumnandi bezindebe buyandisa imfundiso. Amazwi amahle anjengamakhekheba oju; amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni.” Ingabe siyatadisha ukuze sibonise ukuqonda uma sifakaza kwabanye ngokuqondene nombuso kaNkulunkulu, ngalokho senezela imfundiso enkulumweni yethu? “Inhliziyo yohlakaniphileyo iyafundisa umlomo wakhe, yenezele imfundiso ezindebeni.” (IzAga 16:21, 24, 23) Usawoti unandisa ukudla okungaba duma ngaphandle kwawo, futhi uPawulu usebenzisa leliqiniso ukubonisa ukuthi ukudla okungokomoya esikunikeza abanye kumelwe kube okuhlwabusayo: “Ukukhuluma kwenu makube-nomusa njalo, kuyoliswe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.”—Kolose 4:6.
Hlobisani Ukufundisa Kwenu Ngemisebenzi Emihle
8. Yini ebalulekile ukuze sigweme ukusolwa njengabazenzisi?
8 Ngaphandle kwemisebenzi yokushumayela izindaba ezinhle, imisebenzi yokwenza lokho esikushumayelayo ibalulekile ukuze singasolwa njengabazenzisi. Umphostoli uPawulu wayekuqaphela kakhulu lokhu. Wasola abanye abafundisi abangamaJuda bosuku lwakhe njengabanecala lalokhu: “Wena-ke ofundisa omunye awuzifundisi wena na? Wena oshumayela ukuthi akungebiwa uyeba na? Wena othi akungaphingwa uyaphinga na? Wena owenyanya isithombe uphanga ithempeli na? Wena ozibonga ngomthetho udumaza uNkulunkulu ngokweqa umthetho na?” (Roma 2:21-23) UPawulu wayeyiqaphele ngokukhanyayo lengozi kuyena, ethi: “Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.”—1 Korinte 9:27.
9. Iyiphi impikiswano engavumelani nombono ongamanga wabasontayo othi ‘Uma ususindisiwe, usindiswe phakade’?
9 Lokhu kubonisa ukuthi uPawulu akawuvumanga umbono wabantu abaningi abasontayo namuhla, okungukuthi, ‘Uma ususindisiwe, usindiswe phakade.’ Ngemva kokwamukela uJesu njengomsindisi wethu nomhlengi, nokunikezela ukuphila kwethu kuJehova uNkulunkulu, sisaqalile nje endleleni eya ekusindisweni, asikakaqedi. Ngakho-ke uPawulu useluleka ukuba ‘sifeze ukusindiswa kwethu ngokwesaba nangokuthuthumela.’ (Filipi 2:12) Kungani kumelwe ‘siqhubeke sisebenza’ futhi kungani kuba “ngokwesaba nangokuthuthumela,” uma ‘osesindisiwe, esindiswe phakade’? Kusenokwenzeka uwe futhi abanye balaba akunakwenzeka ukuba balulamele ekuphendukeni futhi, “lokhu sebezibethelela iNdodana kaNkulunkulu.” Futhi uJesu ngokwakhe wathi kusenokwenzeka ngomunye ukuba ‘akwamuke umqhele wakho.’ Wabuye wathi futhi emazwini akhe nge‘siphelo sesimiso sezinto’: “Kodwa okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni nguyena oyakusindiswa.” (Heberu 6:4-6; IsAmbulo 3:11; Mathewu 24:3, 13) Okubalulekile ukuma kwethu manje ngakuNkulunkulu, akusikho lokho esasiyikho, kungakhathaliseki noma kuhle noma kubi. (Hezekeli 33:12-16) Kungakho kumelwe siqhubeke sisebenza ekushumayeleni ngombuso, siqhubeke siziphatha kahle, futhi senze lokhu kokubili ngokwesaba okuphilayo kokuba singasileli.
10. Ikuphi ukuhloba okumelwe kuhambisane nesifundiso sethu, futhi namiphi imiphumela?
10 AmaKristu elulekwa ukuba abe ‘ngazithibayo, azothileyo, aqondileyo, angahlebi, angabiyizigqila zewayini eliningi, aphathe kahle amakhaya awo, abe msulwa, ahlanzeke enkulumweni nangemisebenzi.’ Futhi ngani? “Ukuba izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.” Futhi, ukuze ngenkambo enjalo ‘engase ahlobise isifundiso soMsindisi wethu, uNkulunkulu ezintweni zonke.’ Ngaphezu kwalokhu kuhlobisa ngenkambo enhle ekushumayeleni kwabo, oFakazi BakaJehova baba“yisibonelo semisebenzi emihle.” (Thithu 2:1-10) UPawulu wayala: “Yala abacebileyo kulelizwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho, benze okuhle, bacebe ngemisebenzi emihle, baphane, babelane, bezibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambe ukuphila okuyikho.”—1 Thimothewu 6:17-19.
11. Isiphi isidingo esibalulekile esenziwa yilokhu kuphila kwanamuhla, naphezu kwezinsuku ezimbalwa ezigcwele usizi?
11 Lokhu kuphila kwamanje okuphilwa yizwe akukhona ukuphila okuyikho. “Kepha lowo ozinikela ekutamaseni ufile esekhona.” (1 Thimothewu 5:6) Lokhu kuphila, nokho, kwenza lendingeko eyodwa eyinhloko, okungukuthi, ‘ukuceba ngemisebenzi emihle,’ ‘ukuzibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo,’ ‘ukubamba ukuphila okuyikho’ endaweni yombuso kaJehova ngaphansi kukaKristu. Singaba nakho konke lokho ukuphila okungasinikeza khona, kodwa uma kungenayo imisebenzi emihle kuyokonakala futhi kube yize. Izinsuku zalokhu-kuphila zimbalwa futhi zigcwele inkathazo nobuhlungu, usizi nokuhlupheka, ukudabuka nokudumazeka, ububi nokufa. Izinsuku zimbalwa, kodwa zanele ngathi ukuba sizicebise ngemisebenzi emihle uma singalibali. Ukwenza imisebenzi enjalo kusilethela injabulo nokwaneliseka, ukuthula nokwenama, imizwa yokuqonda nenjongo, impilo engokomoya nokuphila okuphakade.
Umsebenzi Oqabulayo Wosindiso
12. Yini ebonakala icoba kofakazi bakaJehova abathembekile, kodwa yini eqabulayo?
12 Nakuba kungase kubonakale kungajwayelekile kulezizikhathi zokungakhathali okukhulu nokuphikisa, ukuyeka ukumemezela umbuso kaJehova kuyacoba koFakazi BakaJehova abaphapheme. Ukukhuluma kuyimpumuzo futhi kuyaqabula kubo. Lapho uJeremiya enquma ukungashumayeli, isigijimi sasinjengomlilo emathanjeni akhe, futhi ekugcineni wathi: “Ngikhathele ukubekezela, angikwazi.” (Jeremiya 20:9) UElihu wadinga impumuzo yokukhuluma amaqiniso ayegodlwe isikhathi eside: “Ngokuba ngigcwele amazwi; umoya phakathi kwami uyangiqhubezela. Bhekani, okuphakathi kwami kunjengewayini elingenambobo; kucishe ukuqhuma njengezimvaba ezintsha. Ngiyakukhuluma ukuba ngikhululeke.” (Jobe 32:18-20) Ngemva kokwenza lomsebenzi uElihu wazizwa eqabulekile. UNkulunkulu waqabuleka ngemva kokuqeda umsebenzi wakhe wokudala. Ukwenza umsebenzi kaJehova kwakunjengokudla okuqabulayo kuJesu. Futhi ukufeza umsebenzi wokushumayela kuyaqabula manje koFakazi BakaJehova. ‘Bakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi.’—Isaya 40:31.
13. Kuyini okungokufanelekile ngathi ukuba sikwenze manje, futhi kubani futhi kulusizo kanjani?
13 Manje isikhathi sokutadisha iZwi likaNkulunkulu iBhayibheli, ukuyeka kufana nalesisimiso esidala esibi, ukuguqula ngokushintsha ingqondo yenu. “Ningathandi izwe nezinto ezisezweni.” “Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.” (1 Johane 2:15, 17; Roma 12:2) Zihlomiseleni ukududuza abalilayo ngezindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu. Hlobisani isifundiso senu ngokuthela izithelo zomoya ekuphileni kwenu siqu—“uthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba.” (Galathiya 5:22, 23) Sizani abathobekileyo ukuba bashintshe izingqondo zabo, babe abacebile emisebenzini emihle, futhi ukuba bahlale phakade emhlabeni oyipharadesi. (IHubo 37:11, 29) Basizeni ukuba basebenzele usindiso lwabo njengoba niqhubeka nisebenzela olwenu siqu.
14. (a) Imuphi umyalo onikezwayo ngokuthola usindiso, futhi kungani ungofanelekile manje? (b) Ngokuwusebenzisa kithi uqobo, sikwazi ukuba njani futhi senzeni?
14 Lezizinsuku zinzima futhi isikhathi sesincishisiwe, ngakho iseluleko esivela kuNkulunkulu sithi: “Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso.” “Yibani-ngabagxilile, abangaxegiyo, abavamé njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.” “Ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi.” (2 Thimothewu 4:2; 1 Korinte 15:58; Roma 12:11) Kuzo zonke lezindlela “fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela . . . ukuze nibe-ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni, nibambelele ezwini lokuphila.”—Filipi 2:12, 15, 16.
◻ Imisebenzi kaJehova imdumisa kanjani?
◻ Hlobo luni lwemihlatshelo olwamukelekayo kuNkulunkulu namuhla?
◻ Singenza kanjani kube lula ngabanye ukwamukela isigijimi soMbuso?
◻ Imiphi imisebenzi emihle esidinga ukuhlobisa ngayo isigijimi sethu?
◻ Imuphi umsebenzi oqabulayo ezincekwini zikaNkulunkulu?
◻ Lesi isikhathi sokwenzani manje?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 22]
Ingabe siyaphenya futhi sizindle ngamazwi eqiniso, ukuze siwakhulume emakhaya abantu ngendlela ejabulisayo?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 23]
Imisebenzi yokwenza lokho esikushumayelayo ibalulekile ukuze singasolwa njengabazenzisi
[Isithombe ekhasini 21]
Imisebenzi kaJehova emangalisayo ibonisa uhlobo lukaNkulunkulu ayilo. Imisebenzi yethu ibonisa ukuthi singabantu abanjani
[Isithombe ekhasini 24]
Ukukhuluma amaqiniso eBhayibheli kwabanye kuwumsebenzi oqabulayo