IZwi LikaNkulunkulu Liphilile
Isizathu Sokuba UMarta Akholelwe Ovukweni
LAPHO ezwa ukuthi uJesu uyeza, uMarta waya komhlangabeza. Wathi: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga.” Ebona ukudabuka kwakhe, uJesu wamduduza ngalamazwi: “Umnewenu uzakuvuka.” UMarta waphendula, njengoba uzibonela: “Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina.”—Johane 11:17-24.
Kungani uMarta ayenokholo oluqinile lokuthi umnewabo uLazaru wayezovuswa? Phela wayazi, ngokwesibonelo, ukuthi eminyakeni eminingi edlule abaprofethi bakaNkulunkulu uEliya noElisha, ngamandla kaNkulunkulu, ngamunye wayevuse umntwana. (1 AmaKhosi 17:17-24; 2 AmaKhosi 4:32-37) Futhi wayazi ukuthi umuntu ofileyo wayevusiwe lapho ephonswa emgodini futhi ethinta amathambo kaElisha ofile. (2 AmaKhosi 13:20, 21) Kodwa okwaqinisa ukholo lwakhe kakhulu ovukweni kwakuyilokho uJesu ngokwakhe ayekufundisile futhi wakwenza.
Eminyakeni engaphezu kwemibili ngaphambili uJesu wayethé: “Ningamangali ngalokhu, ngoba siyeza isikhathi lapho bonke abasemathuneni okukhunjulwa beyolizwa izwi layo futhi baphume.” (Johane 5:28, 29, NW) Kuze kube yilesosikhathi akukhomlando weBhayibheli wokuthi uJesu wayevuse noma ngubani. Kodwa ngokushesha kamuva wavusa indodana yomfelokazi okwakuwukuphela kwayo emzini waseNayini. Izindaba zalokhu zasakazekela eningizimu eJudiya, ngakho-ke uMarta ngokuqinisekile wayekuzwile lokhu. (Luka 7:11-17) Kamuva uMarta futhi ngokuqinisekile wayezwe imibiko ngokuvusa kukaJesu indodakazi kaJayiru eyayineminyaka eyi-12.—Luka 8:40-56.
Nokho uMarta wayengamlindele uJesu ukuba avuse umnewabo ngalesisikhathi. Yingakho athi: “Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina.” Nokho, ukuze agxilise kuMarta ingxenye ayenayo ekuvuseni abafileyo, uJesu wathi: “Mina ngingukuvuka nokuphila.” Khona-ke wavusa uLazaru, ngisho nakuba uLazaru ayesefe izinsuku ezine!—Johane 11:24-27, 38-44.
Thina namuhla sinesizathu esiqine ngokungaphezulu sokukholelwa ovukweni. Ngani? Ikakhulukazi ngenxa yokuvuswa kukaJesu Kristu ngokwakhe. “UJesu lo uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke,” kwasho uPetru. (IzEnzo 2:32) Akukho kuthandabuza ngokuthi uJesu wavuswa kwabafileyo, ngoba ngemva kwalokho wazibonakalisa ephila kubafundi bakhe abaningi, ngesinye isikhathi kwabangama-500 babo. (1 Korinte 15:3-8) Ngakho-ke abafundi bakhe bakholelwa kakhulu ovukweni kangangokuba babezimisele ukubhekana nokushushiswa ngisho nokufa ukuze bakhonze uNkulunkulu. Ingabe unalo lolohlobo lokholo ngovuko?
[Izithombe ekhasini 10, 11]
UVUKO
Olwenziwa uEliya
Olwenziwa uElisha
“Nkosi, . . . ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni”
Olwenziwa uJesu
ULazaru ‘uyaphuma’