Wenza “Imithwalo Enzima” Yaba Lula
UJesu wathi ngokuqondene nababhali nabaFarisi: “Babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe; kepha bona abavumi ukuyifukula ngomunwe wabo.” (Mathewu 23:4) Njengobufakazi obubonisa indlela lokhu okuyiqiniso ngayo, sifunda okulandelayo ku-AA Dictionary of the Bible, ehlelwe uJames Hastings:
“Ababhali babengezona izazi zefilosofi; babengabahumushi boMthetho ongcwele. . . . Yonke ingxenye yokuphila yayibuswa yiwo. Yonke imiyalo yeBhayibheli yayizungezwe iqoqo lemithetho emincane. Lwalungekho uxolo ngezimo ezishintshayo; ukulalelwa okugcwele koMthetho kuzo zonke izici zawo kwakufunwa ngokungancengi kuwo wonke amaJuda. Emiyalweni yoMthetho Olotshiwe kwakwengezelwe neka‘Halakha’ noma uMthetho Wesiko, owawudluliselwa ezizukulwaneni ngezizukulwane njengokukholwa okungcwele futhi ekugcineni kwahlanganiswa neTalmud. . . . Kanjalo umzamo wenziwa wokwenza noma yini ecatshangwayo ibe semqondweni woMthetho, futhi ngendlela engenamusa yokuba baqondise ukuziphatha kwabantu ngemithetho enzima ababezicabangele yona. Imininingwane engokomthetho yaphindaphindwa yaze inkolo yaba umsebenzi, futhi ukuphila kwakuba wumthwalo ongabekezeleleki. Abantu babehliswa baba njengemishini eqotho esebenza ngokungacatshangelwa. Ilungelo likanembeza lalivinjiwe; amandla aphilayo ezwi laPhezulu ayethunaziwe futhi agqitshwa ngaphansi kwemithetho eminingi yaphakade. Ngakho iNkosi yethu yabasola abaFarisi, ngokuthi ngamasiko abo bawenza ize uMthetho.”
Yeka ukuthi kumelwe ukuba kwakukhuthaza kanjani ngabathobekile abantu abaqotho, ukuba bezwe ukuthi iNdodana kaNkulunkulu yayingakubheki ukukhulekela ngaleyondlela! Yeka ukuthi kumelwe ukuba bawathola ejabulisa kanjani amazwi akhe: “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza. Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.”—Mathewu 11:28-30.