Ukuzala Kwencasakazi—Ungakukholelwa?
UMA uJesu, indodana kaNkulunkulu, ngempela azalwa yincasakazi, kumelwe uvume ukuthi ngokuqinisekile kwakuyisimangaliso esivelele emlandweni. Kepha ungakukholelwa ukuthi kwenzeka? Ingabe kuyakuthinta ngendlela ethile ukuphila kwakho?
Abanye balabo abangakholelwa ekuzaleni kwencasakazi bathi kuphambene nesayensi kanye ne“mithetho yemvelo.” Ingabe abesayensi bacabanga kanjalo? Ingabe okuye kwafunyanwa muva nje kwezesayensi yokwakheka komuntu kuye kwaveza umbono othile endabeni?
Kungenzeka Yini Ngokwesayensi?
Ukuzala ngaphandle kosizo lowesilisa kwaziwa ngokuthi yi-parthenogenesis [ngesiGreki pharthenos okusho ukuthi “intombazane” no“genesis”]. Muva nje ososayensi bebenza ukuhlola okuphumelelayo ngokuzala ngaphandle kosizo lwesilisa ezilwaneni. IThe Economist ka-August 1, 1981, yabika: “Ukukhula kwehlule ngaphandle kwesidoda kuyindlela engokwemvelo yokuzala kweziningi izinhlobo zezilwane eziphansi. . . . Ukuzala ngaphandle kwesilisa kuyahlolwa kusetshenziswa amagundane asemalaboratory. Kukhona izindlela eziningi ezikhona zokushukumisa iqanda legundane elingalumbene nalutho.”
Ngokufanayo, uDr. M. B. V. Roberts weMarlborough College, eNgilandi, uyaloba: “Iqanda elingalumbene nalutho lakhishwa kunogwaja wensikazi, lashukunyiswa ngokuhlatshwa, lase libuyiselwa esizalweni. Owesifazane wayeselashiwe ngaphambili ngama-hormone ukuze ulwebu lwesizalo lulungele ukutshalwa kweqanda. Kwalandela ukukhula okuvamile, futhi inzalo ebonakala iphilile yavela.”
Ingabe-ke ngalokhu singaphetha ngokuthi uNkulunkulu wabangela ukukhulelwa kukaMariya ngendlela enjalo ngeqanda elingalumbene nalutho? Cha. Eshadini elikulesihloko ungase ubone ukuthi ngani. Uma izibulo likaMariya lalithole womabili amachromosomes (ango-X) kuyena, inzalo yayiyoba eyesifazane.
Ngakho-ke, kumelwe ukuba kwakuhileleke okuthile okungaphezu kwalokho ekukhulelweni kwakhe uJesu. Ukuthi lokho kwakuyini ingelosi yachaza kuJosefa: “Lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele.” (Mathewu 1:20) Asazi ngokuqondile ukuthi lokhu kwenziwa kanjani? Nokho kumelwe sivume ukuthi uma umuntu ongelutho engakwenza ngendlela elinganiselwe ukuqondisa inqubo yokuzala elaboratory, ngokuqinisekile akukho ngalé kwamandla oMdali noMniki-kuphila wendawo yonke ukuba enze kanjalo nokuba adlulisele amandla okuphila eNdodana yakhe esuka ezulwini aye esizalweni sentombazane eyincasakazi.
Ukuhlobisa Okungokwenkolo
Njengoba sesiphawulile, nokho, ukuphikisa kwabanye ngokuqondene nokuzala kwencasakazi kubangelwa ngenye into. Kuphathelene nokuhlobisa okungokwenkolo umlando weBhayibheli okuye kwaba khona phakathi namakhulu eminyaka. Kubonakala sengathi amaSonto obuRoma Katolika nawobuOrthodox ayengafuni ukuvuma ukuthi, ngemva kokufeza indima yakhe yokuzala iNdodana kaNkulunkulu, uMariya akabanga nendawo ekhethekile ebandleni lobuKristu. Phakathi namakhulu eminyaka enza izinyathelo eziqatha zokumphakamisela esimweni sokulingana nombono wawo kaNkulunkulu oZiqu-zintathu.
Ngonyaka ka-553 C.E. isiGungu sesiBili saseConstantinople samemezela uMariya njenge“Ncasakazi yaphakade,” okwakuyosho ukuthi ukushada kwakhe noJosefa kwakungenakho ukuhlangana kobulili futhi ababanga nabo abantwana bobabili. Khona-ke ngo-1854 uPapa Pius IX wamemezela ukuKhulelwa Okungenasisihla kukaMariya. Leyomfundiso ibonisa ukuthi uye walondolozwa kuso sonke isono esazuzwa kuAdamu; eqinisweni, isho ukuthi wayengenakusenza isono. Ngo-1950 uPapa Pius XII wakwenza kwaba yindaba yokholo ukuthi uMariya, esiphelweni sokuphila kwakhe kobuntu, wathathwa ngomzimba waya ezulwini. Futhi kusukela ngo-1950 iVatican izindla ngokuthi ingabe incasakazi uMariya yafa ngempela.
Naphezu kwemfundiso engokomthetho yeSonto, singabuza ngokufanelekile ukuthi ngemva kokuzalwa kukaJesu ingabe uMariya ‘wahlala eyincasakazi yini.’ Noma ingabe waba nabo abanye abantwana kuJosefa ngemva kokuzalwa kukaJesu? Ingabe kunendaba? Yebo, uma sikhathalela iqiniso. Ngakho-ke imiBhalo ithini?
UMathewu uloba ukuthi uJosefa “akaze aya kuye [uMariya], waze wazibula ngendodana,” uJesu. (Mathewu 1:25) Ikhulumela ukubaluleka kwelithi “waze” lapha, iRevised Standard Version, yamaKatolika, eyakhishwa iCatholic Truth Society, eLondon, ithi: “Lokhu kumane kusho ukuthi uJosefa akangenanga ngalutho ekukhulelweni kukaJesu. Akubonisi lutho ngokuqondene nokwenzeka kamuva.”
Nokho, akukho sizinda emiBhalweni sokuphetha ngokuthi akukho lutho olwenzeka, ukuthi uJosefa noMariya abazange babe nomshado ovamile. Asikho isiprofetho esake sagudlisela nokugudlisela entweni enjalo, ayikho imfuneko yaphezulu eyayifuna lokho. Ukuphila kwabo kwangasese nanoma ibuphi ubuzali obaba umphumela akuthintene ngalutho neze nenkonzo kaJesu yasemhlabeni noma imisebenzi yakhe eyalandela ezulwini. Ngempela, kude kakhulu nokusekela umqondo wokuthi uMariya wayelokhu eyincasakazi, iVangeli liphawula ukuthi uJesu wayeyizibulo likaMariya nokuthi wayenabo abafowabo nodadewabo. UMarku ubhala ukuthi emzini wakubo kaJesu, eNazaretha, wayeshumayela esinagogeni kubantu ababemazi. Abaningi bamangala ngokufundisa kukaJesu bathi: “Lo akusiye umbazi, indodana kaMariya, nomfowabo kaJakobe, noJose, noJuda, noSimoni, na? Nawodadewabo abakho lapha kithi na?”—Marku 6:2, 3; Luka 2:7.
Izazi zenkolo zamaKatolika zithi ‘abafowabo nodadewabo’ eqinisweni babengabantwana bomunye uyise. Kodwa iNew Catholic Encyclopedia (Umq. 9, k. 337) iyavuma ukuthi “amagama esiGreki . . . asetshenziswe ekuboniseni ubuhlobo phakathi kukaJesu nalezihlobo zakhe anomqondo wabafowabo nodadewabo begazi ngokuphelele.” Lawa yilamagama adelphos nelithi adelphé. Kanti, igama elithi umfowabo womunye uyise lithi anepsios kanti elesihlobo, syggenon. (Kolose 4:10; Luka 1:36) Asikho isizathu esizwakalayo sokucabanga ukuthi abalobi bamavangeli baphambanisa lamagama. (Qhathanisa noMarku 6:4; Luka 14:12.) Sibe singekho futhi isizathu sokuphika ukuthi uJosefa noMariya baba nomkhaya ngemva kokuzalwa kukaJesu.
Ingabe UJesu Wayengumuntu-Nkulunkulu?
Ukuhlotshiswa kwamuva komlando osobala weBhayibheli wokuzala kwencasakazi yilokho kokuthi ingane eyazalwa yayingeyena umuntu ngokuphelele kodwa yayimbathe umzimba wobuntu. Ngakho-ke, esesibili se“Zici Zokholo” zeSonto laseSheshi siyaphawula: “. . . iKhanda likaNkulunkulu noBuntu, kwahlanganiswa ndawonye kuMuntu oyedwa kungenakulokotha kuhlukaniswe, ngakho-ke kunguKristu oyedwa, yena kanye uNkulunkulu, naye kanye uMuntu.”
Izinkolo ezifundisa uZiqu-zintathu zikholelwa ukuthi emhlabeni uJesu wayenezimo ezimbili kuye. Kodwa iBhayibheli aliwusekeli umqondo onjalo. Umphostoli uPawulu uthi ngoJesu: “Njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, . . . kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke.” (Heberu 2:14, 17) Wayengaba kanjani “njengabafowabo kukho konke” uma ayengumuntu-Nkulunkulu? UPawulu wabhalela abaseFilipi ngo“Kristu Jesu owathi enesimo sikaNkulunkulu, . . . wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu.” (Filipi 2:5-7) Ngakho leNdodana kaNkulunkulu yasezulwini yasihlubula ngokuphelele “isimo sikaNkulunkulu” yathatha isimo sobuntu, yaba umuntu. Ukuthi kungani kwakumelwe ibe ngumuntu ngokuphelele, hhayi umuntu-Nkulunkulu, nezizathu zokuzalwa yincasakazi, sizokukhulumela kwesilandelayo.
[Umdwebo ekhasini 5]
(Ukuze ubone ukuthi kumi kanjani, bheka encwadini)
Iqanda lesifazane liphethe ama“chromosomes” amabili ango-X. Ingqamuzana yesidoda sesilisa ino-X no-Y. Umzali ngamunye ukhipha i“chromosome” eyodwa. Uma o-X ababili behlangana, kuvela intombazane. Uma kungu-X no-Y, umntwana uyoba ngowesilisa.
Ukuzalisa ngaphandle kwesilisa okwenziwa ema“laboratory” kwenza ukuba iqanda lesifazane lihlukane bese likhula, ngakho umphumela (XX) kumelwe kube umntwana wesifazane.
Okunjalo ukuzalisa ngaphandle kwesilisa kwakungenakwenzeka kuMariya, ngoba izibulo lakhe (uJesu) kwakungelesilisa. Njengoba ayeyincasakazi, i“chromosome” engu-Y kumelwe ukuba yalethwa ngokuyisimangaliso. njengoba iBhayibheli lisho.