Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Maqondana nokuphawula umuntu ohamba ngokungafanele ebandleni, ingabe ngingakwenza lokhu noma nini lapho nginomuzwa wokuthi kudingekile, noma kumelwe ngilinde kuze kube yilapho abadala sebenikeze inkulumo ngenkinga?
‘Ukuphawula’ omunye umKristu akumelwe kuthathwe kalula ngoba kuyisinyathelo esingathi sína. Kumelwe unqume ukuthi kunini lapho ufanele uthathe khona lesisinyathelo. Kodwa ezindabeni eziningi ‘ukuphawula’ kumelwe kulandele imizamo yabadala yokusiza isoni, kuhlanganise nokuba ekugcineni banikeze inkulumo ebandleni ngenkinga aqhubeka ona ngayo.
Lapho umphostoli uPawulu elobela abaseThesalonika ‘ngokuphawula’ amalungu alelobandla, wayeqondisa abantu abathile lapho ababeye bashiya ngokusobala iseluleko sikaNkulunkulu. Babe“hamba ngokungafanele . . . Bengasebenzi-lutho, kepha benza okuyize nje.” (2 Thesalonika 3:6, 10-12) Naphezu kweseluleko esingokombhalo ngobuvila, abantu ababenza okungafanele babengasebenzi futhi babewumthwalo kwabanye. (IzAga 6:6-11; 10:4, 5; 12:11, 24, 27; 24:30-34; 26:13-16) Ngakho-ke uPawulu ngokusobala wayala ngokumelene nenkambo yabo. Futhi, wabaluleka bonke ngokuthi uma bengasabeli kulesiseluleko esiqinile esinikezwa phambi kwalo lonke ibandla, babeyo“phawulwa” futhi bagwenywe, ngokusobala ezindabeni zokuhlalisana.
Abanye abantu namuhla baye bazibuza ukuthi banga‘mphawula’ yini umuntu owenza ngokumelene neseluleko sokwesaba uNkulunkulu ngisho nakuba abadala bengayinikezanga inkulumo yebandla ngesenzo esibi. Zingase zibe mbalwa kakhulu izimo lapho kungadingeka khona lokho. (Qhathanisa no-1 Korinte 5:1, 2.) Kodwa zikhona izizathu zokuthi kungani, ezimweni eziningi, kukuhle ukuba ‘ukuphawula’ kulindele izinyathelo ezifanelekile zabadala, kuhlanganise ukunikeza kwabo inkulumo ebandleni.
Okokuqala, njengabantu abangaphelele ukuthambekela kwethu kungase kube ukusebenzisa kabi ‘ukuphawula,’ ukukusebenzisa njengohlobo lokujezisa ukoniwa okuncane noma ukuxabana komuntu siqu. Kwelinye ibandla kungase kube khona udade ocasulayo. Uyabadina abanye, kunzima ukusebenzelana naye noma ukuphila naye. Ngakho-ke abanye odade bangase bacabange ukuthi kumelwe ‘bamphawule’ futhi bamgweme. Lokho ngokuqinisekile akunakuba ukuvumelana neseluleko sothando sikaJesu sokuthi kumelwe sibe nomusa kubo bonke abafowethu nodadewethu, sibathethelele ukushiyeka kwabo namaphutha abo amancane. Khumbula, ngokwesibonelo, lokho akufundisa emthandazweni oyisibonelo ukuthi kunini lapho uNkulunkulu eyothethelela khona amacala ethu noma iziphambeko. Futhi uJesu usikhuthaza ukuba sisheshe silungise izinsolo esinazo nabanye. (Mathewu 5:23-25; 6:12) Ngakho kuyoba okungalungile ‘ukuphawula’ umzalwane ngenxa yokuxabana kobuntu okuncane noma isiphambeko.
Okwesibili, lapho uPawulu eloba ngoku“phawula” abathile kwakungengenxa yokuthi babenecala lokuxabana okuncane okuhilela umuntu siqu, lokho okuthandwa umuntu ngamunye noma umbono womuntu siqu. Abadala abanakuzama ukuhileleka noma ukweluleka ngezinto ezinjalo. Kodwa, njengoPawulu, kumelwe baqaphele abantu abaphula ngokuqondile izimiso zeBhayibheli (ngisho nakuba amaphutha engakabi izono ezinkulu okumelwe basuselwe zona). Abadala kumelwe baluleke labantu abenza ngokungafanele abaphambukayo. Njengoba sifunda kwabaseGalathiya 6:1. “Uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina-bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene.”
Uma imizamo ephindaphindiwe yabadala yokusiza ngasese umuntu onjalo ingaphumeleli, bangase baxoxe ngendaba futhi banqume ukuba omunye wabo anikeze inkulumo engokombhalo ngendaba ebandleni. Nakuba, njengoPawulu, bengenakumgagula ngegama lowo ongasilaleli ngokungathi sína iseluleko sikaNkulunkulu, bayoxwayisa ngokumelene nokucabanga okubi noma inkambo. Ngalendlela ibandla liyoba nengqondo ehluzekile maqondana nalokho okucatshangwa uNkulunkulu futhi liyoba eliqaphile ukuze lizilinde ekuthonyweni noma ekudukisweni. Ngakho-ke, njengoba uPawulu aloba, amaKristu ngamanye ‘angamphawula’ omunye umuntu owenza ngokungafanele futhi angazijwayelanisi naye. Futhi, njengoba abadala benikeza iseluleko ngenkinga, umuntu ophambukayo uyoqonda ukuthi kungani abanye ebandleni benqaba izimemo zakhe zokudlelana njengabangane naye.—2 Thesalonika 3:13-15.
Ngakho-ke, ngokuvamile kuwukuhlakanipha ukugwema ‘ukuphawula’ omunye umuntu ngaphandle kokuba indaba iye yasingathwa obala abadala, ngisho njengoba uPawulu aluleka obala ngendaba engathi sína futhi kamuva abantu ngabanye babengasebenzisa iseluleko sakhe ‘ngokuphawula.’ Ngokubheka izindaba ngalendlela siyogwema ingozi yokusebenzisa kabi ‘ukuphawula’ ekuphambukeni okuncane nasezindabeni zezinto ozithandayo noma ukwehluka kobuntu. Futhi, kubonisa ukuhlonipha abadala njengabelusi abanothando abanakekela izidingo zomhlambi.—1 Petru 5:2.