Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lff isif. 4
  • Ungubani UNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungubani UNkulunkulu?
  • Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • FUNDA OKWENGEZIWE
  • UKUBUYEKEZA
  • HLOLA OKWENGEZIWE
  • Kungani Kufanele Sisebenzise Igama LikaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Igama LikaNkulunkulu
    I-Phaphama!—2017
  • Ubani Igama LikaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • Igama likaNkulunkulu—Ukusetshenziswa Kwalo Nencazelo Yalo
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bheka Okunye
Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
lff isif. 4
Isifundo 4. Isithombe esiveza izinkanyezi nemithala esathathwa nge-telescope ebusuku.

ISIFUNDO 04

Ungubani UNkulunkulu?

Uhlelo Oluprintiwe
Uhlelo Oluprintiwe
Uhlelo Oluprintiwe

Cishe selokhu abantu baba khona bebekhonza onkulunkulu nonkulunkulukazi abaningi. Kodwa iBhayibheli likhuluma ngoNkulunkulu oyedwa ‘omkhulu kunabo bonke abanye onkulunkulu.’ (2 IziKronike 2:5) Ungubani? Yini emenza abe mkhulu kunabo bonke abanye onkulunkulu abantu ababakhonzayo? Kulesi sifundo uzofunda ukuthi yini lo Nkulunkulu afuna uyazi ngaye.

1. Ubani igama likaNkulunkulu, futhi yini ebonisa ukuthi uyafuna silazi?

EBhayibhelini uNkulunkulu uyazethula kithi. Uthi: “NginguJehova. Yilelo igama lami.” (Funda u-Isaya 42:5, 8.) Igama elithi “Jehova” lihumusha igama lesiHebheru cishe elisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona.” UJehova ufuna silazi igama lakhe. (Eksodusi 3:15) Sazi kanjani? Wenza igama lakhe labhalwa eBhayibhelini izikhathi ezingaphezu kuka-7 000.a Igama elithi Jehova ‘ngelikaNkulunkulu weqiniso phezulu emazulwini nasemhlabeni.’​—Duteronomi 4:39.

2. Lisitshelani iBhayibheli ngoJehova?

IBhayibheli lisitshela ukuthi konkulunkulu abakhonzwa abantu, nguJehova kuphela ongunkulunkulu weqiniso. Kungani kunjalo? Kunezizathu eziningi. UJehova unegunya eliphakeme kunawo wonke, ngenxa yalokho uyena kuphela ‘ongoPhezukonke emhlabeni wonke.’ (Funda iHubo 83:18.) ‘UnguMninimandla Onke,’ okusho ukuthi unamandla okwenza noma yini afuna ukuyenza. “Wadala zonke izinto”​—emazulwini nasemhlabeni. (IsAmbulo 4:8, 11) Nguye kuphela obelokhu ekhona futhi uyohlale ekhona.​—IHubo 90:2.

FUNDA OKWENGEZIWE

Hlola umehluko okhona phakathi kweziqu zikaNkulunkulu negama lakhe. Thola nokuthi kungani akutshela igama lakhe nokuthi wakwenza kanjani.

Indoda ibuka isibhakabhaka ebusuku. Igama elithi Jehova libhalwe esibhakabhakeni.

3. UNkulunkulu uneziqu eziningi kodwa unegama elilodwa

Ukuze ubone umehluko okhona phakathi kwegama lomuntu nesiqu sakhe, dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

IVIDIYO: Uneziqu Eziningi Kodwa Unegama Elilodwa (0:41)

  • Uyini umehluko phakathi kwesiqu, njengesithi “Nkosi,” kanye negama?

IBhayibheli lithi abantu bakhonza onkulunkulu abaningi namakhosi amaningi. Fundani iHubo 136:1-3, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ubani ‘uNkulunkulu wonkulunkulu neNkosi yamakhosi’?

4. UJehova ufuna ulazi igama lakhe futhi ulisebenzise

Yini ebonisa ukuthi uJehova uyafuna ulazi igama lakhe? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

IVIDIYO: Ingabe UNkulunkulu Unalo Igama?​—Isiqeshana (3:11)

Isithombe esithathwe kuyividiyo ethi ‘Ingabe UNkulunkulu Unalo Igama?​—Isiqeshana.’ Indoda ihlola igama likaNkulunkulu elithi Jehova encwadini yeHubo 83:18 ku-‘King James Version’ ka-1611.
  • Ucabanga ukuthi kungani uJehova efuna laziwe igama lakhe?

UJehova ufuna abantu balisebenzise igama lakhe. Fundani eyabaseRoma 10:13, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Kungani kubalulekile ukusebenzisa igama likaNkulunkulu elithi Jehova?

  • Uzizwa kanjani wena lapho umuntu ekhumbula igama lakho futhi elisebenzisa?

  • Ucabanga ukuthi uJehova uzizwa kanjani lapho usebenzisa igama lakhe?

5. UJehova ufuna ube umngane wakhe

Owesifazane waseCambodia okuthiwa uSoten wathi ukufunda igama likaNkulunkulu kwamnikeza injabulo ayengakaze abe nayo. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

IVIDIYO: Ukufuna Kwami UNkulunkulu Weqiniso (8:18)

Izithombe ezihlanganisiwe: Izithombe ezithathwe kuyividiyo ethi ‘Ukufuna Kwami UNkulunkulu Weqiniso.’ 1. USoten uhleli ehlathini phansi kwesihlahla ubuka isibhakabhaka bese ethandaza kuNkulunkulu weqiniso. 2. UHerold ufundisa uSoten ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova.
  • Kule vidiyo ukufunda igama likaNkulunkulu kwaba namuphi umphumela kuSoten?

Ngokuvamile ngaphambi kokuba ube umngane womuntu, uqale wazi igama lakhe. Fundani uJakobe 4:8a, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • UJehova ukumema ukuba wenzeni?

  • Ukwazi igama likaNkulunkulu nokulisebenzisa kungakusiza kanjani usondele kuye?

ABANYE ABANTU BATHI: “Uyedwa uNkulunkulu ngakho akunandaba ukuthi umbiza kanjani.”

  • Ingabe uyakholelwa ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova?

  • Kungani ungathi uNkulunkulu ufuna silisebenzise igama lakhe?

UKUBUYEKEZA

Igama likaNkulunkulu weqiniso uJehova. Ufuna silazi lelo gama futhi silisebenzise ukuze sisondele kuye.

Ufundeni?

  • UJehova uhluke kanjani kubo bonke abanye onkulunkulu abakhonzwa abantu?

  • Kungani kufanele silisebenzise igama likaNkulunkulu?

  • Yini ebonisa ukuthi uJehova ufuna usondele kuye?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Hlola izizathu ezinhlanu ezenza siqiniseke ukuthi uNkulunkulu ukhona.

“Ingabe Ukhona UNkulunkulu?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Thola ukuthi kungani kuhlakaniphile ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu ubelokhu ekhona.

“Ubani Owenza UNkulunkulu?” (INqabayokulinda, Agasti 1, 2014)

Funda ukuthi kungani kufanele sisebenzise igama likaNkulunkulu ngisho noma singazi ukuthi lalibizwa kanjani kudala.

“Ungubani UJehova?” (Isihloko esikuyi-Inthanethi)

Kubalulekile yini ukuthi simbiza kanjani uNkulunkulu? Funda ukuthi kungani singathi unegama elilodwa kuphela.

“UNkulunkulu Unamagama Amangaki?” (Isihloko esikuyi-Inthanethi)

a Ukuze uthole okwengeziwe ngencazelo yegama likaNkulunkulu nokuthi kungani amanye amaBhayibheli elikhiphile, bheka iSithasiselo A4 seBhayibheli elithi IBhayibheli​—ImiBhalo Engcwele.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela