INGXENYE YESITHATHU
‘Ngiyoniqoqa’—Isithembiso Sokubuyiselwa Kwendlela Emsulwa Yokukhonza UNkulunkulu
IPHUZU ELIYINHLOKO: Ukubuyiselwa kwendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu kuyavezwa eziprofethweni zikaHezekeli
U-Israyeli uhlakazekile—ubunye bakhe buqedwe ukuhlubuka. Ungcolise indlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu, wangcolisa negama laKhe, manje ubhekana nemiphumela yezenzo zakhe. Njengoba ephelelwe yithemba, uJehova ushukumisa uHezekeli ukuba asho iziprofetho eziningi ezinikeza ithemba. Esebenzisa amagama akha izithombe engqondweni nemibono emangalisayo, uJehova akakhuthazi nje izithunjwa ezingama-Israyeli kuphela kodwa nabo bonke abalangazelela ukubona indlela emsulwa yokumkhonza ibuyiselwa.