INGOMA 30
UBaba, UNkulunkulu Wami, NoMngani
Uhlelo Oluprintiwe
1. Ukuphila k’leli zwe,
Kugcwel’ usizi nobuhlungu.
Nokho zonk’ izinsuku
“Angiphilel’ ize.”
(CHORUS)
Ngoba uBaba wethu,
Uyakwazisa es’kwenzayo.
Ngizizwa ngingesabi,
Ngoba uJah ungakimi.
Uyanginakekela,
futhi unguMvikeli wami.
Yebo uJah unguBaba,
UnguMngani.
2. Manje sengikhulile,
Sekuyis’khathi sezinsizi.
Nokho ngenxa yokholo,
Ithemba l’yakhanya.
(CHORUS)
Ngoba uBaba wethu,
Uyakwazisa es’kwenzayo.
Ngizizwa ngingesabi,
Ngoba uJah ungakimi.
Uyanginakekela,
futhi unguMvikeli wami.
Yebo uJah unguBaba,
UnguMngani.
(Bheka neHu. 71:17, 18.)