Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 101 k. 234-k. 235 isig. 4
  • UPawulu Uthunyelwa ERoma

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UPawulu Uthunyelwa ERoma
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yiba Nesibindi​—UJehova UnguMsizi Wakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • “Akukho Noyedwa Kini Ozofa”
    ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
  • Memezela UMbuso KaJehova Ngesibindi!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’
    ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 101 k. 234-k. 235 isig. 4
UPawulu nabanye bayabhukuda noma bantanta ngezingodo zomkhumbi eduze kogu lwaseMalta

ISIFUNDO 101

UPawulu Uthunyelwa ERoma

Uhambo lukaPawulu lwesithathu lokushumayela lwaphelela eJerusalema. Ngesikhathi elapho waboshwa wavalelwa ejele. Phakathi nobusuku, wabona umbono, kulowo mbono uJesu wathi kuye: ‘Uzohamba uye eRoma uyoshumayela khona.’ UPawulu wathathwa eJerusalema wathunyelwa eKhesariya, wafike wahlala lapho iminyaka emibili ejele. Ngesikhathi kuqulwa icala lakhe, uPawulu wathi kuMbusi uFestu: ‘Ngicela uKhesari waseRoma aqule icala lami.’ UFestu wathi: ‘Ngizokudlulisela kuKhesari njengoba nje ucelile.’ UPawulu wagibela umkhumbi wayiswa eRoma futhi abazalwane ababili, uLuka no-Aristarku, bahamba naye.

Olwandle kwaba nesiphepho esikhulu, esaqhubeka izinsuku eziningi. Wonke umuntu owayesemkhunjini wayecabanga ukuthi uzofa. Kodwa uPawulu wathi: ‘Madoda, ephusheni ingelosi ithe kimi: “Ungesabi, Pawulu. Wonke umuntu osemkhunjini uzofika ephephile eRoma.” Ngakho ningesabi! Ngeke sife.’

Isiphepho savunguza izinsuku ezingu-14. Ekugcineni, babona indawo eyomile. Kwakuyisiqhingi saseMalta. Umkhumbi waphuka lapho nje usuzofika, kodwa bonke abantu abangu-276 ababesemkhunjini bafika bephephile esiqhingini. Abanye babhukuda kanti abanye babambelela ezingcezwini zomkhumbi bantanta phezu kwazo baze bayofika ogwini. Abantu abahlala eMalta babanakekela bababasela nomlilo wokotha.

Ngemva kwezinyanga ezintathu, amasosha ayisa uPawulu eRoma ngomunye umkhumbi. Lapho efika, abazalwane beza bazombona. Lapho ebabona, uPawulu wabonga uJehova waba nesibindi. Nakuba uPawulu ayeyisiboshwa, wayevunyelwa ukuba aqashe indlu uma ezogadwa isosha. Wahlala lapho iminyaka emibili. Abantu babeza bezombona futhi wayebashumayeza ngoMbuso kaNkulunkulu ebafundisa nangoJesu. UPawulu wayephinde abhalele amabandla ase-Asia Minor nawaseJudiya. Ngempela, uJehova wamsebenzisa uPawulu ukuze asakaze izindaba ezinhle ezindaweni eziningi.

“Ngazo zonke izindlela sibonisa ukuthi siyizikhonzi zikaNkulunkulu, ngokukhuthazelela izinto eziningi, ngezinsizi, ngezikhathi zokuswela, ngobunzima.”—2 Korinte 6:4

Imibuzo: Yini eyenza uFestu wadlulisela uPawulu eRoma? Yini eyenzeka ngesikhathi uPawulu esendleleni eya eRoma?

IzEnzo 21:30; 23:11; 25:8-12; 27:1–28:31; Roma 15:25, 26

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela