Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 75 k. 178-k. 179 isig. 4
  • UDeveli Ulinga UJesu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UDeveli Ulinga UJesu
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kudingeka Silwe Nezilingo
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • “Melanani NoDeveli” Njengoba Kwenza UJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Funda Endleleni UJesu Abhekana Ngayo Nezilingo
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukufunda Ezilingweni ZikaJesu
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 75 k. 178-k. 179 isig. 4
UJesu wenqaba ukuziphonsa phansi esuka endaweni ephakeme kakhulu ethempelini

ISIFUNDO 75

UDeveli Ulinga UJesu

UJesu wenqaba ukuphendula amatshe abe isinkwa

Ngemva kokuba uJesu ebhapathiziwe, umoya ongcwele wamholela ehlane. Akazange adle lutho kwaze kwaphela izinsuku ezingu-40 futhi wayelambe kakhulu. UDeveli wafika ezolinga uJesu wathi kuye: ‘Uma ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu, tshela la matshe abe yizinkwa.’ Kodwa uJesu wamphendula ngokucaphuna imiBhalo wathi: ‘Kulotshiwe ukuthi udinga okungaphezu kokudla ukuze uphile. Kumele ulalele wonke amazwi ashiwo uJehova.’

Ngemva kwalokho, uDeveli wavivinya uJesu wathi: ‘Uma ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu, gxuma uziphonse phansi usuka endaweni ephakeme kunazo zonke ethempelini. Kulotshiwe ukuthi uNkulunkulu uyothumela izingelosi zakhe zikubambe.’ Kodwa uJesu waphinda wacaphuna imiBhalo wathi: ‘Kulotshiwe ukuthi akufanele ulinge uJehova.’

UJesu wenqaba imibuso yezwe ayeyinikwa uSathane

USathane wabe esebonisa uJesu yonke imibuso yomhlaba nemicebo yayo, wathi: ‘Ngizokunika yonke le mibuso nemicebo yayo, uma ungikhothamela kanye nje kuphela.’ Kodwa uJesu waphendula wathi: ‘Hamba Sathane! Kulotshiwe ukuthi kufanele ukhulekele uJehova kuphela.’

UDeveli wahamba, izingelosi zeza futhi zanika uJesu ukudla. Kusukela lapho kuqhubeke, uJesu washumayela izindaba ezinhle zoMbuso. Kwakuwumsebenzi ayethunyelwe ukuba awenze emhlabeni. Abantu babekuthanda lokho uJesu ayekufundisa futhi bemlandela nomaphi lapho eya khona.

“Lapho [uDeveli] ekhuluma amanga, ukhuluma ngokuvumelana nalokho ayikho, ngoba ungumqambimanga noyise wamanga.”—Johane 8:44

Imibuzo: Yiziphi izilingo ezintathu uSathane alinga uJesu ngazo? UJesu wamphendula kanjani uDeveli?

Mathewu 4:1-11; Marku 1:12, 13; Luka 4:1-15; Duteronomi 6:13, 16; 8:3; Jakobe 4:7

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela