ISAHLUKO 104
AmaJuda Ezwa Izwi LikaNkulunkulu—Azolubonisa Yini Ukholo?
ABANTU ABANINGI BEZWA IZWI LIKANKULUNKULU
LOKHO ABAYOKWAHLULELWA NGAKHO
Esethempelini ngoMsombuluko, ngoNisani 10, uJesu ukhuluma ngokufa kwakhe okusondelayo. Ekhathazekile ngendlela idumela likaNkulunkulu elizothinteka ngayo, uJesu uthi: “Baba, khazimulisa igama lakho.” Kube sekuzwakala izwi elikhulu livela ezulwini lithi: “Ngilikhazimulisile futhi ngizophinde ngilikhazimulise.”—Johane 12:27, 28.
Abantu abalizwayo bayadideka. Abanye bacabanga ukuthi kudume izulu. Abanye bathi: “Ingelosi ikhulume naye.” (Johane 12:29) Empeleni, uJehova abamuzwe ekhuluma! Akukhona okokuqala ukuthi abantu bezwe izwi likaNkulunkulu kusukela uJesu aqala inkonzo yakhe emhlabeni.
Eminyakeni emithathu nohhafu eyedlule lapho uJesu ebhapathizwa, uJohane uMbhapathizi wezwa izwi likaNkulunkulu lithi: “Lo yiNdodana yami ethandekayo, engiyamukele.” Ngokuhamba kwesikhathi, ngemva kwePhasika lika-32 C.E., uJesu waguqulwa isimo phambi kukaJakobe, uJohane noPetru. Bezwa uNkulunkulu ethi: “Le yiNdodana yami, ethandekayo, engiyamukele. Yilaleleni.” (Mathewu 3:17; 17:5) Kodwa manje, njengoba esekhuluma okwesithathu, uJehova ukhuluma ngendlela yokuthi abaningi balizwe izwi lakhe!
UJesu uthi: “Leli zwi lizwakale ngenxa yenu, hhayi ngenxa yami.” (Johane 12:30) Lokhu kuwubufakazi bokuthi uyiNdodana kaNkulunkulu, uMesiya owayebikezelwe.
Ngaphezu kwalokho, ukuba qotho kukaJesu kuyisibonelo sendlela abantu okufanele baphile ngayo futhi kufakazela ukuthi uSathane uDeveli umbusi waleli zwe ufanelwe ukubulawa. UJesu uthi: “Manje leli zwe liyahlulelwa; umbusi waleli zwe uzophonswa ngaphandle.” Ukufa kukaJesu okuzayo kuzoba ukunqoba kunokuba kube ukuhlulwa. Kanjani? UJesu uyachaza: “Nokho uma mina ngiphakanyiswa emhlabeni, ngizodonsela kimi abantu bazo zonke izinhlobo.” (Johane 12:31, 32) Ngokufa esigxotsheni, uJesu uzodonsela abantu kuye ngokubavulela indlela eholela ekuphileni okuphakade.
Siphawula ngalokho uJesu akushoyo ukuthi ‘uzophakanyiswa,’ isixuku sithi: “Sizwile eMthethweni ukuthi uKristu uhlala kuze kube phakade. Usho kanjani ukuthi iNdodana yomuntu kumelwe iphakanyiswe? Ingubani le Ndodana yomuntu?” (Johane 12:34) Naphezu kwabo bonke lobu bufakazi obuhlanganisa ukuzwa izwi likaNkulunkulu, abaningi abamamukeli uJesu ukuthi ngempela uyiNdodana yomuntu, uMesiya owayethenjisiwe.
UJesu uzibiza ‘ngokukhanya’ njengoba ake asho esikhathini esidlule. (Johane 8:12; 9:5) Uncenga isixuku athi: “Ukukhanya kuzoba phakathi kwenu isikhashana. Hambani nisenokukhanya, ukuze ninganqotshwa ubumnyama . . . Njengoba nisenokukhanya, bonisani ukholo ekukhanyeni, ukuze nibe ngabantwana bokukhanya.” (Johane 12:35, 36) UJesu uyasuka phakathi kwabo ngoba kusawuNisani 10, akukabi usuku lokuba abulawe. ‘Uzophakanyiswa’ ngePhasika likaNisani 14, ebethelwe esigxotsheni.—Galathiya 3:13.
Uma sibheka emuva enkonzweni kaJesu, kuyacaca ukuthi lapho amaJuda engakholelwa kuye kwakugcwaliseka isiprofetho. U-Isaya wabikezela ukuthi amehlo abantu ayengeke abone nezinhliziyo zabo zaziyoba lukhuni kangangokuba babengeke baphenduke ukuze belashwe. (Isaya 6:10; Johane 12:40) Yebo amaJuda ayenqaba ngamabomu ukuthi uJesu unguMkhululi wawo othenjisiwe, indlela eya ekuphileni.
UNikhodemu, uJosefa wase-Arimatheya, nabanye ababusi abaningi, “empeleni baba nokholo” kuJesu. Ingabe bazobonisa ukuthi banalo ukholo kuJesu, noma bazohlehlela emuva ngoba besaba ukuxoshwa esinagogeni noma ngenxa ‘yokuthanda ukwamukelwa abantu?’—Johane 12:42, 43.
UJesu uchaza ukuthi kuhlanganisani ukuba nokholo kuye, uthi: “Noma ubani oba nokholo kimi, akabi nokholo kimi kuphela, kodwa nakulowo ongithumile; noma ubani ongibonayo uyambona naLowo ongithumile.” Amaqiniso uNkulunkulu ayala uJesu ukuba awafundise futhi uJesu aqhubeka ewafundisa, abalulekile kangangokuba wathi: “Noma ubani onganginaki nongawamukeli amazwi ami unomuntu omahlulelayo. Izwi engilikhulumile yilo eliyomahlulela ngosuku lokugcina.”—Johane 12:44, 45, 48.
UJesu uphetha ngokuthi: “Angikhulumanga okusuka kimi, kodwa uBaba owangithuma unginike umyalo ngokuqondene nokuthi yini okumelwe ngiyisho nokuthi yini okumelwe ngiyikhulume. Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe usho ukuphila okuphakade.” (Johane 12:49, 50) UJesu uyazi ukuthi maduze uzothulula igazi lakhe eliwumhlatshelo ngenxa yabantu ababonisa ukholo kuye.—Roma 5:8, 9.