Ucabangani NgeBhayibheli?
Ingabe . . .
liyincwadi yokuhlakanipha kwabantu?
liyincwadi yezinganekwane nezinsumansumane?
liyiZwi likaNkulunkulu?
OKUSHIWO IBHAYIBHELI
“Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu.”—2 Thimothewu 3:16, IBhayibheli-ImiBhalo Engcwele.
LOKHO OKUNGASE KUKUSHO NGAWE
Uthola izimpendulo ezanelisayo zemibuzo elukhuni ekuphileni.—IzAga 2:1-5.
Uthola isiqondiso sokuphila kwansuku zonke ongasethemba.—IHubo 119:105.
Uba nethemba langempela ngekusasa.—Roma 15:4.
SINGAKUKHOLELWA NGEMPELA YINI OKUSHIWO IBHAYIBHELI?
Yebo, okungenani ngenxa yezizathu ezintathu:
Ukuvumelana kwalo okumangalisayo. Kwathatha iminyaka engaba ngu-1 600 ukuba iBhayibheli liqedwe futhi labhalwa abantu abangaphezu kuka-40. Iningi lababhali alikaze lihlangane. Noma kunjalo, iBhayibheli lilonke liyavumelana, linesihloko esisodwa!
Ukunemba komlando walo. Izazimlando zivame ukukufihla ukunqotshwa kwabantu bakubo. Ngokuphambene nalokho, ababhali beBhayibheli bawabhala njengoba enjalo amaphutha abo nawesizwe sakubo.—2 IziKronike 36:15, 16; IHubo 51:1-4.
Iziprofetho zalo ziyagcwaliseka. IBhayibheli labikezela ngokubhujiswa kweBhabhiloni, umuzi wasendulo, kusasele iminyaka engaba ngu-200. (Isaya 13:17-22) Alishongo kuphela indlela iBhabhiloni elaliyobhujiswa ngayo kodwa lasho negama lomuntu owayeyolibhubhisa!—Isaya 45:1-3.
Nezinye iziprofetho zeBhayibheli eziningi zagcwaliseka ngokuphelele. Kodwa akukona yini lokho esingakulindela eZwini likaNkulunkulu?—2 Petru 1:21.
CABANGA NGALOKHU
IZwi likaNkulunkulu lingakuthuthukisa kanjani ukuphila kwakho?
IBhayibheli liyawuphendula lowo mbuzo ku-ISAYA 48:17, 18; nakweyesi-2 THIMOTHEWU 3:16, 17.