Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • bm ingxenye 24 kk. 27-28
  • Izincwai ZikaPawulu Ziya Emabandleni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izincwai ZikaPawulu Ziya Emabandleni
  • IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iseluleko Ngokholo, Ukuziphatha Nothando
    IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
  • Ingabe Ungumlingisi KaKristu Noma UngumKristu-Mbumbulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • UThimothewu—“Umntwana Woqobo Okholweni”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • UPawulu ERoma
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
bm ingxenye 24 kk. 27-28
UPawulu ubhala incwadi

INGXENYE 24

UPawulu Ubhalela Amabandla

Izincwadi zikaPawulu ziqinisa ibandla lobuKristu

IBANDLA lobuKristu elalisanda kumiswa lalizofeza indima ebalulekile ekugcwalisekeni kwenjongo kaJehova. Kodwa amaKristu angekhulu lokuqala asheshe ahlaselwa. Ingabe ayezobugcina ubuqotho bawo kuNkulunkulu lapho ebhekene nokushushiswa okuvela ngaphandle kwebandla kanye nezingozi ezicashile ezazivela ngaphakathi ebandleni? ImiBhalo YamaKristu YesiGreki inezincwadi ezingu-21 ezanikeza iseluleko nesikhuthazo esasidingeka.

Izincwadi ezingu-14​—kusukela encwadini yabaseRoma kuya kweyamaHebheru—​zalotshwa umphostoli uPawulu. Lezi zincwadi zibizwa ngabantu eziya kubo​—kungaba umuntu ngamunye noma amalungu ebandla elithile. Cabanga ngezinye zezindaba okukhulunywa ngazo ezincwadini zikaPawulu.

Isiyalo ngokuziphatha. Abantu abafebayo, abaphingayo nabenza ezinye izono ezinkulu “ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.” (Galathiya 5:19-21; 1 Korinte 6:9-11) Abakhulekeli bakaNkulunkulu kumelwe babe nobunye kungakhathaliseki ukuthi basizwe sini. (Roma 2:11; Efesu 4:1-6) Kufanele bazinikele ngenjabulo ukuze basize amakholwa adinga usizo. (2 Korinte 9:7) “Thandazani ningaphezi,” kusho uPawulu. Ngempela, abakhulekeli bakhuthazwa ukuba bathululele izifuba zabo kuJehova ngomthandazo. (1 Thesalonika 5:17; 2 Thesalonika 3:1; Filipi 4:6, 7) Ukuze uNkulunkulu ayizwe imithandazo, kumelwe sithandaze ngokholo.​—Hebheru 11:6.

Yini eyosiza imikhaya ukuba ijabule? Amadoda kufanele athande omkawo njengoba ethanda imizimba yawo. Abafazi kumelwe babe nenhlonipho ejulile ngabayeni babo. Izingane kumelwe zilalele abazali bazo, ngoba lokhu kuyamjabulisa uNkulunkulu. Abazali kudingeka baqondise futhi baqeqeshe abantwana babo ngothando, besebenzisa izimiso zikaNkulunkulu.​—Efesu 5:22–6:4; Kolose 3:18-21.

Ibalazwe elibonisa izindawo lapho uPawulu alobela khona izincwadi zakhe

Injongo kaNkulunkulu yacaciswa. Izici eziningi zoMthetho KaMose zalonda futhi zaqondisa ama-Israyeli kwaze kwaba yilapho kufika uKristu. (Galathiya 3:24) Nokho, amaKristu akudingeki agcine lowo Mthetho ukuze akhulekele uNkulunkulu. Lapho ebhalela amaHebheru​—amaKristu ayekade engamaJuda—​uPawulu wawakhanyisela ukuthi wawusho ukuthini uMthetho nokuthi injongo kaNkulunkulu igcwaliseka kanjani ngoKristu. UPawulu wachaza ukuthi izici eziningi zalowo Mthetho zaziyisiprofetho. Ngokwesibonelo, ukunikelwa kwezilwane kwakufanekisela ukufa kukaJesu okuwumhlatshelo, okwakuyofeza ukuthethelelwa kwezono kwangempela. (Hebheru 10:1-4) Ngokufa kukaJesu, uNkulunkulu wasesula isivumelwano soMthetho ngoba sasingasadingeki.​—Kolose 2:13-17; Hebheru 8:13.

Ibandla lobuKristu lokuqala lilalele incwadi kaPawulu efundwayo

Isiqondiso sokwenza izinto ngendlela ehlelekile ebandleni. Amadoda afisa ukuba nemithwalo yemfanelo ebandleni kumelwe aziphathe ngendlela esezingeni eliphakeme futhi abe nezimfanelo ezingokomoya ezidingekayo. (1 Thimothewu 3:1-10, 12, 13; Thithu 1:5-9) Abakhulekeli bakaJehova uNkulunkulu kufanele bahlangane njalo namakholwa abakanye nawo ukuze bakhuthazane. (Hebheru 10:24, 25) Imihlangano yokukhulekela kufanele ibe eyakhayo nefundisayo.​—1 Korinte 14:26, 31.

Ngesikhathi uPawulu ebhala incwadi yakhe yesibili kwezimbili azibhalela uThimothewu, wayesebuyele eRoma; wayeboshiwe, elinde isahlulelo. Abambalwa futhi abanesibindi kuphela abafaka ukuphila kwabo engozini baya komvakashela. UPawulu wayazi ukuthi isikhathi sakhe sifushane. Wathi: “Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiligijimile ibanga ngaze ngayoqeda, ngilugcinile ukholo.” (2 Thimothewu 4:7) Cishe uPawulu wafela ukholo ngokushesha nje emva kwalokho. Kodwa izincwadi zalo mphostoli zisabaqondisa abakhulekeli bakaNkulunkulu nanamuhla.

​—Isekelwe encwadini yamaRoma; eyoku-1 neyesi-2 Korinte; Galathiya; Efesu; Filipi; Kolose; eyoku-1 neyesi-2 Thesalonika; eyoku-1 neyesi-2 Thimothewu; Thithu; Filemoni; Hebheru.

  • Izincwadi zikaPawulu zinasiphi isiyalo ngokuziphatha?

  • UPawulu wakukhanyisa kanjani ukugcwaliseka kwenjongo kaNkulunkulu ngoKristu?

  • Yisiphi isiqondiso uPawulu asinikeza ngokwenza izinto ngendlela ehlelekile ebandleni?

UBANI INZALO ETHENJISIWE?

Ngemva kokuba u-Adamu no-Eva bonile, uNkulunkulu wasebenzisa ulimi olungokomfanekiso lapho ethi enyokeni: “Ngizobeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyokulimaza ekhanda wena uyoyilimaza esithendeni.” (Genesise 3:15) ImiBhalo ibiza uDeveli ngokuthi “inyoka yokuqala.” (IsAmbulo 12:9) Ukuthi yayingubani iNzalo kaNkulunkulu ethenjisiwe noma uMkhululi, kwakuyimfihlo okwaphela amakhulu eminyaka ilokhu yembulwa kancane kancane eBhayibhelini.

Ngemva kweminyaka engaba ngu-2 000 u-Adamu no-Eva bonile, uJehova wabonisa ukuthi iMbewu ethenjisiwe yayiyovela ohlwini lozalo luka-Abrahama. (Genesise 22:17, 18) Ngemva kwamakhulu eminyaka, umphostoli uPawulu wembula ukuthi ingxenye eyinhloko yeNzalo nguMesiya, uJesu Kristu. (Galathiya 3:16) Njengokusho kukaGenesise 3:15, uJesu walinyazwa “esithendeni” lapho ebulawa. Nokho, uNkulunkulu wamvusa uJesu, ‘owaphiliswa emoyeni.’​—1 Petru 3:18.

UNkulunkulu wayehlose nokuthi abantu abangu-144 000 babe yingxenye yesibili yembewu. (Galathiya 3:29; IsAmbulo 14:1) Bavuselwa ekuphileni komoya njengezindlalifa ezikanye noKristu eMbusweni wasezulwini.​—Roma 8:16, 17.

NjengeNkosi enamandla ezulwini, maduzane uJesu uzosusa inzalo kaDeveli​—abantu ababi namademoni alandela uSathane. (Johane 8:44; Efesu 6:12) Ukubusa kukaJesu kuzoletha ukuthula nenjabulo kuso sonke isintu esilalelayo. Ekugcineni uzoyilimaza “ekhanda” inyoka, ayichoboze ingabe isaba khona.​—Hebheru 2:14.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela