Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • bm ingxenye 13 k. 16
  • Amakhosi Amahle Namabi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amakhosi Amahle Namabi
  • IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wafunda Emaphutheni Akhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Wafunda Emaphutheni Akhe
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-32—UJona
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • UJona Ufunda Ngesihe SikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
bm ingxenye 13 k. 16
Inkosi yakwa-Israyeli esencane

INGXENYE 13

Amakhosi Amahle Namabi

U-Israyeli uhlukene phakathi. Njengoba isikhathi sidlula, maningi amakhosi abusa ama-Israyeli, futhi iningi lawo alithembekile. IJerusalema libhujiswa abaseBhabhiloni

NJENGOBA nje uJehova ayebikezele, u-Israyeli wahlukana phakathi ngemva kokuba uSolomoni eyeke ukukhulekela okumsulwa. Indodana yakhe eyamlandela esikhundleni, uRehobowamu, yayinonya. Ngenxa yalokho, izizwe eziyishumi zakwa-Israyeli zahlubuka futhi zakha umbuso wakwa-Israyeli osenyakatho. Zimbili izizwe ezahlala zithembekile enkosini eyayisesihlalweni sobukhosi sikaDavide eJerusalema, zakha umbuso wakwaJuda oseningizimu.

Yomibili imibuso yayinomlando oneziyaluyalu, ikakhulukazi ngenxa yamakhosi ayengenalukholo nayengalaleli. U-Israyeli kwamhambela kabi kakhulu kunoJuda ngoba kwathi zibekwa nje amakhosi akwa-Israyeli akhuthaza ukukhulekela kwamanga. Naphezu kwemisebenzi yamandla yabaprofethi abanjengo-Eliya no-Elisha​—bobabili abaze bavusa ngisho nabafileyo—​u-Israyeli wayelokhu ephindela ekwenzeni okubi. Ekugcineni, uNkulunkulu wavumela ukuba umbuso wasenyakatho uqothulwe i-Asiriya.

UJuda wahlala iminyaka engaphezu kweyikhulu ngemva kokuba u-Israyeli ebhujisiwe, kodwa uNkulunkulu wamjezisa naye. Ambalwa kuphela amakhosi akwaJuda alalela izixwayiso zabaprofethi bakaNkulunkulu futhi azama ukubuyisela isizwe kuJehova. Ngokwesibonelo, iNkosi uJosiya yaqala ukuqeda ukukhulekela kwamanga kwaJuda futhi yakha kabusha ithempeli likaJehova. Lapho kutholakala ikhophi yoMthetho KaNkulunkulu ayewunikeze ngoMose, uJosiya wathinteka kakhulu, wayesefaka umfutho emkhankasweni wokwenza izinguquko.

Ngokudabukisayo, abalandela uJosiya esikhundleni abasilingisanga isibonelo sakhe esihle. Ngakho uJehova wavumela isizwe saseBhabhiloni ukuba simnqobe uJuda, saqothula iJerusalema nethempeli lalo. Abasinda bathunjelwa eBhabhiloni. UNkulunkulu wabikezela ukuthi babezohlala lapho iminyaka engu-70. Izwe lakwaJuda lahlala liyincithakalo sonke leso sikhathi​—kwaze kwaba yilapho leso sizwe sivunyelwa ukuba sibuyele ezweni laso, njengoba kwakuthenjisiwe.

Nokho, awekho amakhosi ohlu lozalo lukaDavide ayezobusa kuze kubuse uMkhululi owayethenjisiwe, noma uMesiya owayebikezelwe. Iningi lamakhosi ayehlale esihlalweni sobukhosi sikaDavide eJerusalema, labonisa ukuthi abantu abangaphelele abakufanelekeli ukubusa. NguMesiya yedwa owayeyokufanelekela ngempela. Ngakho uJehova watshela inkosi yokugcina kulawo makhosi ohlu lukaDavide: ‘Susa umqhele. Ngeke ube owamuntu aze afike onelungelo elingokomthetho, ngiwunike yena.’​—Hezekeli 21:26, 27.

​—Isekelwe kweyoku-1 neyesi-2 AmaKhosi; 2 IziKronike izahluko 10 kuya ku-36; Jeremiya 25:8-11.

  • Kwenzeka kanjani ukuba u-Israyeli ahlukane phakathi, futhi kwayihambela kanjani imibuso emibili eyakheka?

  • Kwenzekani ohlwini lwamakhosi ozalo lukaDavide, futhi ngani?

  • Indaba kaJona isifundisani ngoJehova? (Bheka ibhokisi.)

UJONA

Ngesikhathi umbuso uhlukene phakathi, uNkulunkulu wathuma uJona ukuba ayoxwayisa abantu basemzini waseNineve owawukude futhi unobudlova. Kunokuba aye khona, uJona wazigibelela umkhumbi waya kwenye indawo. Lokho kwenza ukuba kube nesimangaliso​—uNkulunkulu wabangela ukuba inhlanzi enkulu igwinye uJona. Esesiswini senhlanzi, uJona wathandaza kuJehova, owabe eseyibangela ukuba imhlanzele ezweni elomile. UJona wabe eseya lapho ayethunywe khona.

Ngemva kokuba uNkulunkulu efundise uJona leso sifundo sokulalela, kwaqhamuka inkinga yesibili: UJona washumayeza abaseNineve, kodwa wadumala kakhulu lapho uNkulunkulu ebabonisa isihe, futhi ngobubele enquma ukungabe esababhubhisa ngoba baphenduka. Yifunde le ncwadi emnandi ubone indlela uNkulunkulu asebenzisa ngayo isimangaliso sesibili ukuze afundise uJona ukuba nomusa kakhudlwana

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela