Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jt k. 12-k. 14 isig. 2
  • Yini Abayikholelwayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Abayikholelwayo?
  • OFakazi BakaJehova—Bangobani? Yini Abayikholelwayo?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Abayikholelwayo?
    OFakazi BakaJehova Ekhulwini Lamashumi Amabili
  • ISifundo Se-⁠10—IBhayibheli​—⁠Lithembekile Futhi Liqinisile
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Amaqiniso Esithanda Ukuwafundisa
    Thanda Abantu—Wenze Abafundi
  • Ingxenye 1 Izinkolelo ZobuKristu
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
Bheka Okunye
OFakazi BakaJehova—Bangobani? Yini Abayikholelwayo?
jt k. 12-k. 14 isig. 2

Yini Abayikholelwayo?

OFAKAZI BAKAJEHOVA bakholelwa kuNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova, uMdali wamazulu nomhlaba. Khona kanye ukuba khona kwezimangaliso eziklanywe ngokuyinkimbinkimbi endaweni yonke esizungezile kubonisa kahle ukuthi konke kwenziwa uMdali ohlakaniphe kakhulu nonamandla. Njengoba nje imisebenzi yamadoda nabesifazane iveza izimfanelo zabo, nemisebenzi kaJehova uNkulunkulu yenza okufanayo. IBhayibheli lisitshela ukuthi “izimfanelo zakhe ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe.” Futhi, ngaphandle kokuphimisela noma kwamazwi, “amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova.”—Roma 1:20; IHubo 19:1-4.

Abantu abazenzi izitsha zobumba, noma benze amathelevishini nama-computer ngaphandle kwenjongo. Umhlaba nokudaliweyo kuwo okuyizitshalo nezilwane kumangalisa ngisho nakakhulu. Ukuklanywa komzimba womuntu namangqamuzana awo ayizigidigidi asinakukuqonda—ngisho nobuchopho esicabanga ngabo bumangalisa ngendlela engenakuqondakala! Uma abantu benenjongo lapho benza imiklamo yabo ewubala uma kuqhathaniswa, ngokuqinisekile uJehova uNkulunkulu wayenenjongo ngendalo yakhe emangalisayo! IzAga 16:4 zithi unayo: “UJehova wenzile konke kube nomgomo wakho.”

UJehova wenza umhlaba ngenjongo, njengoba atshela abantu bokuqala ababili: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba . . . nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.” (Genesise 1:28) Ngenxa yokuthi awuzange ulalele, lo mbhangqwana wehluleka ukugcwalisa umhlaba ngemikhaya enokulunga eyayiyowunakekela ngothando umhlaba nezitshalo zawo nezilwane. Kodwa ukwehluleka kwawo akuyibhuntshisi injongo kaJehova. Ezinkulungwaneni zeminyaka kamuva, kwalotshwa: ‘UNkulunkulu, owawubumba umhlaba akawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo.’ Ngeke ubhujiswe, kodwa “umhlaba umi phakade.” (Isaya 45:18; UmShumayeli 1:4) Injongo kaJehova ngomhlaba iyogcwaliseka: “Icebo lami liyakuma, ngiyakwenza yonke intando yami.”—Isaya 46:10.

Ngakho-ke, oFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi umhlaba uyohlala phakade nokuthi bonke abantu, abaphilayo nabafileyo, abayovumelana nenjongo kaJehova yomhlaba omuhle, owakhiwe, bangaphila kuwo phakade. Sonke isintu sazuza njengefa ukungapheleli ku-Adamu no-Eva, futhi ngenxa yalokho siyizoni. (Roma 5:12) IBhayibheli liyasitshela: “Inkokhelo isono esiyikhokhayo iwukufa.” “Abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi lutho.” “Umphefumulo owonayo uyakufa.” (Roma 6:23; UmShumayeli 9:5; Hezekeli 18:4, 20) Khona-ke kungenzeka kanjani ukuba baphinde baphile ukuze bahlanganyele ezibusisweni zasemhlabeni? Ngomhlatshelo wesihlengo kaKristu Jesu kuphela, ngoba wathi: “Mina ngingukuvuka nokuphila. Lowo obonisa ukholo kimi, ngisho noma efa, uyophila.” ‘Bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo bayolizwa izwi layo futhi baphume.’—Johane 5:28, 29; 11:25; Mathewu 20:28.

Lokhu kuyokwenzeka kanjani? Kuchazwe ‘ezindabeni ezinhle zombuso,’ uJesu aqala ukuzimemezela lapho esemhlabeni. (Mathewu 4:17-23) Kodwa namuhla oFakazi BakaJehova bashumayela izindaba ezinhle ngendlela ekhetheke kakhulu.

[Ishadi ekhasini 13]

LOKHO OFAKAZI BAKAJEHOVA ABAKUKHOLELWAYO

Inkolelo Isizathu EsingokomBhalo

IBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu 2 Thim. 3:16, 17;

futhi liyiqiniso 2 Pet. 1:20, 21;

Joh. 17:17

IBhayibheli lithembeké kakhulu Math. 15:3; Kol. 2:8

kunesiko

Igama likaNkulunkulu nguJehova IHu. 83:18; Isaya 26:4;

42:8, AS; Eks. 6:3

UKristu uyiNdodana kaNkulunkulu Math. 3:17; Joh. 8:42;

futhi ungaphansi kwaKhe 14:28; 20:17;

1 Kor. 11:3; 15:28

UKristu wayeyizibulo lendalo Kol. 1:15; IsAm. 3:14

kaNkulunkulu

UKristu wafela esigxotsheni, hhayi Gal. 3:13; IzE. 5:30

esiphambanweni

Ukuphila kukaKristu kobuntu Math. 20:28; 1 Thim. 2:5, 6;

kwakhokhwa njengesihlengo sesintu 1 Pet. 2:24

esilalelayo

Umhlatshelo owodwa kaKristu wawanele Roma 6:10; Heb. 9:25-28

UKristu wavuswa kwabafileyo 1 Pet. 3:18; Roma 6:9;

njengomuntu womoya ongafi IsAm. 1:17, 18

Ukuba khona kukaKristu kungumoya Joh. 14:19; Math. 24:3;

2 Kor. 5:16; IHu. 110:1, 2

Manje siphila ‘esikhathini Math. 24:3-14;

sokuphela’ 2 Thim. 3:1-5;

Luka 17:26-30

UMbuso ngaphansi kukaKristu uyobusa Isaya 9:6, 7; 11:1-5;

umhlaba ngokulunga nangokuthula Dan. 7:13, 14; Math. 6:10

UMbuso uyoletha izimo zokuphila IHu. 72:1-4; IsAm. 7:9, 10,

ezinhle emhlabeni 13-17; 21:3, 4

Umhlaba awusoze wabhujiswa noma UmSh. 1:4; Isaya 45:18;

ungabi nabakhileyo kuwo IHu. 78:69

UNkulunkulu uyobhubhisa isimiso IsAm. 16:14, 16; Zef. 3:8;

sezinto samanje empini Dan. 2:44; Isaya 34:2;

ye-Armagedoni 55:10, 11

Ababi bayobhujiswa phakade Math. 25:41-46;

2 Thes. 1:6-9

Abantu uNkulunkulu abamukelayo Joh. 3:16; 10:27, 28; 17:3;

bayothola ukuphila okuphakade Marku 10:29, 30

Kunendlela eyodwa kuphela eya Math. 7:13, 14; Efe. 4:4, 5

ekuphileni

Ukufa kwesintu kubangelwa yisono Roma 5:12; 6:23

sika-Adamu

Umphefumulo womuntu uyapheza ukuba Hez. 18:4; UmSh. 9:10;

khona ekufeni IHu. 6:5; 146:4;

Joh. 11:11-14

Isihogo siyithuna elivamile lesintu Jobe 14:13, Dy;

IsAm. 20:13, 14, AV

(umbhalo oseceleni)

Ithemba labafileyo liwuvuko 1 Kor. 15:20-22;

Joh. 5:28, 29; 11:25, 26

Ukufa okwabangelwa ngu-Adamu 1 Kor. 15:26, 54;

kuyophela IsAm. 21:4; Isaya 25:8

Umhlambi omncane wabangu-144 000 Luka 12:32; IsAm. 14:1, 3;

kuphela oya ezulwini uyobusa 1 Kor. 15:40-53;

noKristu IsAm. 5:9, 10

Abangu-144 000 bazalwa ngokusha 1 Pet. 1:23; Joh. 3:3;

njengamadodana kaNkulunkulu IsAm. 7:3, 4

angokomoya

Isivumelwano esisha senziwa Jer. 31:31; Heb. 8:10-13

no-Israyeli ongokomoya

Ibandla likaKristu lakhelwe kuye Efe. 2:20; Isaya 28:16;

Math. 21:42

Imithandazo kumelwe iqondiswe Joh. 14:6, 13, 14;

kuJehova kuphela ngoKristu 1 Thim. 2:5

Izithombe akufanele zisetshenziswe Eks. 20:4, 5; Lev. 26:1;

ekukhulekeleni 1 Kor. 10:14; IHu. 115:4-8

Ukusebenzelana nemimoya kumelwe Dut. 18:10-12; Gal. 5:19-21;

kugwenywe Lev. 19:31

USathane ungumbusi wezwe 1 Joh. 5:19; 2 Kor. 4:4;

ongabonakali Joh. 12:31

UmKristu akumelwe ahlanganyele 2 Kor. 6:14-17; 11:13-15;

ezinqubweni zokuxuba izinkolo Gal. 5:9; Dut. 7:1-5

UmKristu kumelwe azigcine ehlukile Jak. 4:4; 1 Joh. 2:15;

ezweni Joh. 15:19; 17:16

Imithetho yabantu engashayisani Math. 22:20, 21;

nemithetho kaNkulunkulu kumelwe 1 Pet. 2:12; 4:15

ilalelwe

Ukufaka igazi emzimbeni ngomlomo Gen. 9:3, 4; Lev. 17:14;

noma ngemithambo kwephula IzE. 15:28, 29

imithetho kaNkulunkulu

Imithetho yeBhayibheli yokuziphatha 1 Kor. 6:9, 10; Heb. 13:4;

kumelwe ilalelwe 1 Thim. 3:2; IzAga 5:1-23

Ukugujwa kweSabatha kwakunikezwe Dut. 5:15; Eks. 31:13;

ama-Israyeli kuphela futhi Roma 10:4; Gal. 4:9, 10;

kwaphela noMthetho KaMose Kol. 2:16, 17

Isigaba sabefundisi neziqu Math. 23:8-12; 20:25-27;

ezikhethekile akufanelekile Jobe 32:21, 22

Umuntu akazange azivelele kodwa Isaya 45:12; Gen. 1:27;

wadalwa Math. 19:4

UKristu wabeka isibonelo okumelwe 1 Pet. 2:21; Heb. 10:7;

silandelwe ekukhonzeni uNkulunkulu Joh. 4:34; 6:38

Ukubhapathizwa ngokucwiliswa Marku 1:9, 10; Joh. 3:23;

ngokuphelele kubonakalisa IzE. 19:4, 5

ukuzinikezela

AmaKristu alifakazela obala Roma 10:10; Heb. 13:15;

ngenjabulo iqiniso elingokomBhalo Isaya 43:10-12

[Isithombe ekhasini 12]

UMHLABA . . . wadalwa uJehova . . . unakekelwa umuntu . . . kuyohlalwa kuwo phakade

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela