Bangobani?
KUYISIFISO soFakazi BakaJehova ukuba ubazi kangcono. Kungenzeka wake wahlangana nabo njengomakhelwane, abaqashwa osebenza nabo noma kwezinye izimo zokuphila kwansuku zonke. Kungenzeka wake wababona emgwaqweni behambisela abadlulayo omagazini babo. Noma, kungenzeka wake wakhuluma nabo kafushane kwakho.
Eqinisweni, oFakazi BakaJehova banesithakazelo kuwe nasenhlalakahleni yakho. Bafuna ukuba ngabangane bakho futhi bakutshele okwengeziwe ngabo, izinkolelo zabo, inhlangano yabo nangendlela abazizwa ngayo ngabantu nangezwe sonke esiphila kulo. Ukuze bafeze lokhu, baye bakulungiselela le ncwajana.
OFakazi BakaJehova bafana nawo wonke umuntu ngezindlela eziningi. Banezinkinga ezivame kuwo wonke umuntu—ezingokomnotho, ezingokomzimba nezingokomzwelo. Ngezinye izikhathi benza amaphutha, ngoba abaphelele, abaphefumulelwe, futhi bayona. Kodwa bazama ukufunda ezimweni abahlangana nazo futhi batadisha iBhayibheli ngenkuthalo ukuze benze ukulungisa okudingekayo. Baye bazinikezela kuNkulunkulu ukuba benze intando yakhe, futhi bayazikhandla ukuze bafeze lokho. Kuyo yonke imisebenzi yabo bafuna isiqondiso eZwini likaNkulunkulu nasemoyeni wakhe ongcwele.
Kubaluleke kakhulu kubo ukuba izinkolelo zabo zisekelwe eBhayibhelini hhayi nje emiqondweni yabantu noma ezivumweni zokholo. Bazizwa njengomphostoli uPawulu lapho ekhuluma ngaphansi kokuphefumulelwa: “UNkulunkulu makatholakale eqinisile, nakuba wonke umuntu engatholakala engumqambimanga.” (Roma 3:4a) Lapho kuziwa ezimfundisweni ezivezwa njengeqiniso leBhayibheli, oFakazi batusa kakhulu inkambo eyalandelwa abaseBereya lapho bezwa umphostoli uPawulu eshumayela: “Bamukela izwi ngokulangazela okukhulu kakhulu kwengqondo, behlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke ukuthi zinjalo yini lezizinto.” (IzEnzo 17:11) OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi zonke izimfundiso ezingokwenkolo kufanele zihlolwe ngale ndlela ukuthi ziyavumelana yini nemiBhalo ephefumulelwe, kungakhathaliseki ukuthi imfundiso ivela kubo noma komunye umuntu. Bayakumema—bayakunxusa—ukuba ukwenze lokhu lapho uxoxa nabo.
Kulokhu kuba sobala ukuthi oFakazi BakaJehova bakholelwa eBhayibhelini njengeZwi likaNkulunkulu. Babheka izincwadi zalo ezingu-66 njengeziphefumulelwe nezinembile ngokomlando. Imibhalo okuthiwa iTestamente Elisha bayibiza ngokuthi imiBhalo YamaKristu YesiGreki, kanti iTestamente Elidala bathi imiBhalo YesiHeberu. Bathembela kuyo yomibili imiBhalo yesiGreki neyesiHeberu, futhi bayithatha njengoba injalo, ngaphandle kwalapho izinkulumo noma izimo zibonisa ngokusobala ukuthi zingokomfanekiso. Bayaqonda ukuthi iziprofetho eziningi zeBhayibheli sezigcwalisekile, ezinye ziyagcwaliseka, futhi ezinye zisazogcwaliseka.
IGAMA LABO
OFakazi BakaJehova? Yebo, yileyo ndlela abazibiza ngayo. Leli yigama elibachazayo, elibonisa ukuthi banikeza ubufakazi mayelana noJehova, ubuNkulunkulu bakhe nezinjongo zakhe. Amagama athi “Nkulunkulu,” “Nkosi” nelithi “Mdali”—njengelithi “Mongameli,” “Mbusi” nelithi “Jenene”—ayiziqu futhi angasetshenziswa kubantu abaningi abahlukahlukene. Kodwa elithi “Jehova” liyigama lakhe siqu futhi libhekisela kuNkulunkulu umninimandla onke noMdali wendawo yonke. Lokhu kuboniswe kumaHubo 83:18: “Bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJehova; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.”
Igama elithi Jehova (noma Yahweh, njengoba i-Jerusalem Bible yamaRoma Katolika nezinye izazi zikhetha ukulibiza kanjalo) livela cishe izikhathi ezingu-7 000 emiBhalweni yokuqala yesiHeberu. AmaBhayibheli amaningi awalivezi ngaleyo ndlela, kodwa afaka elithi “Nkulunkulu” noma “Nkosi” esikhundleni salo. Nokho, ngisho nakula maBhayibheli, ngokuvamile umuntu angabona lapho umbhalo wokuqala wesiHeberu usebenzisa khona elithi Jehova, ngoba kulezo zindawo amagama athathe indawo yalo abhalwe ngosonhlamvukazi abakhulu nabancane, kanje: NKULUNKULU, NKOSI. Izinguqulo eziningana zanamuhla ziyalisebenzisa igama elithi Jehova noma Yahweh. Ngakho-ke, ku-Isaya 42:8, iBhayibheli lesiZulu elivamile lifundeka kanje, “NginguJehova; yilo igama lami.”
Ukulandisa okungokomBhalo oFakazi BakaJehova abathathe kukho igama labo kusesahlukweni 43 sika-Isaya. Lapha isimo somhlaba sibhekwa njengesenzakalo sasenkantolo: Onkulunkulu bezizwe bamenywa ukuba balethe ofakazi babo ukuze bafakazele ukuzisholo kwabo ukuthi balungile, noma balalele ofakazi bakaJehova futhi bavume iqiniso. Lapha uJehova uthi kubantu bakhe: “Ningofakazi bami, usho uJehova, nenceku yami engiyikhethileyo; ukuba nazi futhi ningikholelwe, niqonde ukuthi nginguye: ngaphambi kwami akwenziwanga uNkulunkulu, nangasemva kwami akayikuba khona. Mina, mina nginguJehova; futhi ngaphandle kwami akekho umsindisi.”—Isaya 43:10, 11, American Standard Version.
UJehova uNkulunkulu wayenofakazi emhlabeni izinkulungwane zeminyaka ngaphambi kokuba uJesu azalwe. Ngemva kokuba amaHeberu isahluko 11 eveze abanye balabo bantu bokholo, amaHeberu 12:1 athi: “Ngakho-ke, ngenxa yokuthi sinefu elikhulu kangaka lofakazi elisihaqile, nathi masilahleni konke okusindayo nesono esisithandela kalula, futhi masiwugijime ngokukhuthazela umncintiswano obekwe phambi kwethu.” UJesu washo phambi kukaPontiyu Pilatu wathi: “Ngizalelwe lokhu, futhi ngizele lokhu ezweni, ukuba ngifakazele iqiniso.” Ubizwa ngokuthi “ufakazi okholekileyo noqinisileyo.” (Johane 18:37; IsAmbulo 3:14) UJesu watshela abafundi bakhe: “Nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu, futhi nizoba ofakazi bami kokubili eJerusalema nakulo lonke iJudiya naseSamariya nasezingxenyeni eziqhele kakhulu zomhlaba.”—IzEnzo 1:8.
Ngakho-ke, namuhla abantu abangaba ngu-6 000 000 abamemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaJehova ngoKristu Jesu emazweni angaphezu kuka-230 banomuzwa wokuthi bazibiza ngokufanelekile ngokuthi bangoFakazi BakaJehova.
[Umbhalo waphansi]
a Izingcaphuno zemiBhalo yesiGreki zithathwe kweyolimi lwanamuhla INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki, kanti izingcaphuno zemiBhalo yesiHeberu zithathwe eBhayibhelini lesiZulu Elivamile, ngaphandle kokuba kuboniswe ngenye indlela. Lapho kuno-NW ngemva kwengcaphuno, kubonisa ukuthi ihunyushwe isuselwa eBhayibhelini lesiNgisi i-New World Translation of the Holy Scriptures—With References.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
Bazinikezele kuNkulunkulu ukuba benze intando yakhe
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
Bakholelwa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
Igama njengoba lashiwo esenzakalweni sasenkantolo
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
KunoFakazi abangaba ngu-6 000 000 emazweni angaphezu kuka-230
[Isithombe ekhasini 3]
Banesithakazelo kuwe
[Isithombe ekhasini 4]
Igama likaNkulunkulu siqu ngesiHeberu sakudala