Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g20 No. 2 kk. 10-11
  • 3. Kungani Abantu Abalungile Behlupheka?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 3. Kungani Abantu Abalungile Behlupheka?
  • I-Phaphama!—2020
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Kubaluleke Ukwazi Lokhu
  • Lokho Ongacabanga Ngakho
  • Lokho Okushiwo IBhayibheli
  • 4. Ingabe Sasidalelwe Ukuhlupheka?
    I-Phaphama!—2020
  • Okushiwo YiBhayibheli Ngokuhlupheka
    I-Phaphama!—2015
  • Lithini IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Okuphakathi
    I-Phaphama!—2020
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2020
g20 No. 2 kk. 10-11
Abazali babheke indodana yabo elele esibhedlela ngemva kokunqunywa ingalo.

3. Kungani Abantu Abalungile Behlupheka?

Okwenza Kubaluleke Ukwazi Lokhu

Kubonakala bungekho ubulungisa lapho abantu abalungile behlupheka. Kungase kubonise nokuthi akusizi ngalutho ukuba ngumuntu olungile.

Lokho Ongacabanga Ngakho

Abanye abantu bakholelwa ukuthi umuntu uyafa aphinde azalwe. Bathi labo ababenza izinto ezinhle baphinde bazalwe bese bephila ukuphila okungcono kunokwangaphambili, kanti labo ababenza izinto ezimbi bazalelwa esimweni esinzima kakhulu sokuphila. Ngokwale nkolelo, ngisho nomuntu olungile angahlupheka uma ayenza izinto ezimbi “ekuphileni kwakhe kwangaphambili.” Kodwa . . .

  • Lokho kuhlupheka kungafeza yiphi injongo uma umuntu okuthiwe uphinde wazalwa engakukhumbuli ukuphila kwakhe kwangaphambili?

  • Kungani sizikhandla ngokuhlala sinempilo futhi sigwema izingozi uma inhlalakahle yethu ngokwezinga elikhulu inqunywa izinto esazenza ekuphileni kwangaphambili?

    FUNDA OKWENGEZIWE

    Bukela ividiyo ethi: Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka? ku-jw.org/zu.

Lokho Okushiwo IBhayibheli

Ukuhlupheka akusona isijeziso esivela kuNkulunkulu.

Ngokuphambene nalokho, okuningi kwakho kwenzeka kungalindelekile​—ngokuvamile kuba ukuthi umuntu usendaweni engafanele ngesikhathi esingafanele.

“Ukuphumelela umncintiswano akuyi ngabanejubane, noma impi ngabanamandla, noma ukudla ngabahlakaniphileyo, noma ingcebo, ngabaqondayo, ngisho nalabo abanolwazi abawutholi umusa; ngoba isikhathi nesenzakalo esingalindelekile sibehlela bonke.”​—UMSHUMAYELI 9:11.

Ukuzalwa kwethu sinesono kunomthelela ekuhluphekeni kwethu.

Abantu ngokuvamile basebenzisa igama elithi “isono” lapho bebhekisela esenzweni esibi esenziwe othile. Nokho, iBhayibheli liphinde lilisebenzise ekuchazeni isimo bonke abantu​—abalungile nabangalungile—​abasizuza njengefa.

“Ngazalwa ngezinseka nginesiphambeko, umama wangikhulelwa esonweni.”​—IHUBO 51:5.

Isono esazalwa naso siye saba nemiphumela edabukisayo kubantu.

Asizange nje silimaze ubuhlobo bethu noMdali wethu kodwa sibangele ukuba senze ngokuphambene nayo yonke indalo kaNkulunkulu. Lokho kuphumele ekuhluphekeni okukhulu kwabantu ngabanye nalo lonke uhlanga lwesintu.

“Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi.”​—ROMA 7:21.

“Indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi isezinhlungwini kanyekanye.”​—ROMA 8:22.

Kungani abantu abalungile behlupheka?

Ukuhlupheka kwethu okuningi kubangelwa yisono, abantu abalungile nabangalungile abasizuze njengefa. Isono sinomthelela ekuphazamisekeni ngokomzimba nangokwengqondo kanye nemikhuba eyenza abantu balimazane.

Ingabe yilokhu uNkulunkulu ayekuhlosile? Ingabe sasidalelwe ukuhlupheka?

Bheka umbuzo 4.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela