Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g18 No. 3 k. 3
  • Ubuhlungu Bokushonelwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubuhlungu Bokushonelwa
  • I-Phaphama!—2018
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphakathi
    I-Phaphama!—2018
  • Kulo Magazini: Usizo Kwabasosizini Lokushonelwa
    I-Phaphama!—2018
  • Ongakulindela
    I-Phaphama!—2018
  • “Ngingaphila Kanjani Nosizi Lwami?”
    I-Phaphama!—1987
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2018
g18 No. 3 k. 3
Indoda eshonelwe ihleli yodwa endaweni yokudla

USIZO KWABASOSIZINI LOKUSHONELWA

Ubuhlungu Bokushonelwa

“Mina noSophiaa sase sishade iminyaka engaphezu kwengu-39 lapho enqotshwa ukugula okwase kumphathe isikhathi eside. Abangane bangisekela kakhulu, nami ngazigcina ngimatasa. Noma kunjalo, kwaphela unyaka ngizwa sengathi kunengxenye yami esusiwe. Imizwa yami yayivame ukushintshashintsha. Namanje, nakuba sekuphele iminyaka engaba mithathu ashona, ngisafikelwa imizwa ezumayo yobuhlungu.”—UKostas.

Ingabe uke washonelwa umuntu omthandayo? Uma kunjalo, kungenzeka uyawaqonda amazwi kaKostas. Zimbalwa izinto ezibuhlungu ukwedlula ukushonelwa umuntu oshade naye, isihlobo noma umngane omthandayo. Ngisho nochwepheshe abacwaninga ngobuhlungu bokushonelwa bayavumelana nalokho. Isihloko esavela encwadini ethi The American Journal of Psychiatry sithi “akukho okunye ukulahlekelwa okubuhlungu ukwedlula ukushonelwa.” Ubuhlungu obungabekezeleleki bokushonelwa bungenza umuntu oshonelwe azibuze: ‘Kuyoze kube nini ngizizwa ngale ndlela? Ngiyoke ngiphinde ngijabule nje kodwa? Yini engangisiza ngibe ngcono?’

Le Phaphama! inazo izimpendulo zale mibuzo. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngezinto ongase ulindele ukubhekana nazo uma usanda kushonelwa. Ezinye izihloko ezizolandela zizoxoxa ngezinto ezihlukahlukene ezingakusiza unciphise ubuhlungu bokushonelwa.

Sethemba ukuthi izihloko ezilandelayo zizokwazi ukududuza nokusiza labo ababhekene nobuhlungu bokushonelwa.

a Amanye amagama akulesi sihloko nezilandelayo ashintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela