Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g18 No. 2 k. 14
  • 11 Ukukhuthala

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 11 Ukukhuthala
  • I-Phaphama!—2018
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • KUSHO UKUTHINI?
  • KUNGANI KUBALULEKILE?
  • ONGAKWENZA
  • Ongakwenza Ukuze Uthande Umsebenzi Onzima
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • UMBONO WEBHAYIBHELI
    I-Phaphama!—2015
  • Bona Okuhle Ngomsebenzi Wakho Onzima
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Indlela Yokuhlakulela Umbono Onokulinganisela Ngomsebenzi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2018
g18 No. 2 k. 14
Umuntu wesifazane uyagijima

Ukusebenza kufana nokujima, kukuzuzisa manje nasesikhathini esizayo

INTSHA

11 Ukukhuthala

KUSHO UKUTHINI?

Abantu abakhuthele abakwenqeni ukusebenza. Abanankinga nokusebenza kanzima ukuze bathole izinto abazidingayo futhi basize abanye, ngisho noma umsebenzi abawenzayo ubukelwa phansi.

KUNGANI KUBALULEKILE?

Sithanda singathandi, kuningi okufanele sikwenze ekuphileni. Njengoba abantu abaningi bengathandi ukusebenza, ukukhuthala kukuvulela amathuba engeziwe.—UmShumayeli 3:13.

“Ngifunde ukuthi uma usebenza kanzima uyaneliseka futhi ujabule ngomsebenzi wakho. Lokho kungenze ngakuthanda ukusebenza. Ukukhuthala kuyokusiza uzakhele igama elihle.”—UReyon.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Ngazo zonke izinhlobo zokukhandleka kukhona inzuzo.”—IzAga 14:23.

ONGAKWENZA

Amaphuzu alandelayo azokusiza uthande ukusebenza.

Kujabulele ukufunda ukwenza izinto ngendlela efanele. Zimisele kukho konke okwenzayo, kungakhathaliseki ukuthi usemsebenzini, wenza imisebenzi yesikole noma eyasekhaya. Uma wenze umsebenzi othile ngendlela egculisayo, zama ukuthuthuka ngokuzayo, uwenze ngokushesha noma kangcono. Uma uthuthukisa amakhono onawo, yilapho ozokujabulela khona ukwenza umsebenzi.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Uke wambona umuntu onekhono emsebenzini wakhe? Phambi kwamakhosi yilapho eyokuma khona, ngeke ame phambi kwabantukazana.”—IzAga 22:29.

Bheka izinto ngeso elibanzi. Izikhathi eziningi, uma uwenza kahle umsebenzi wakho uzuzisa nabanye. Ngokwesibonelo, uma ukhuthele ekwenzeni umsebenzi wasekhaya, kwenza kube lula kwamanye amalungu omndeni.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

Yenza okungaphezu kokulindelekile. Kunokwenza lokho okulindeleke ukuba ukwenze, zama ukwenza okwengenziwe. Uma wenza kanjalo uyofunda ukwenza izinto hhayi ngoba uphoqiwe, kodwa ngoba kusuka ngaphakathi kuwe.—Mathewu 5:41.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Isenzo sakho esihle singabi njengokungathi ucindezelekile, kodwa sibe ngokuzithandela kwakho.”—Filemoni 14.

Linganisela. Abantu abakhuthele abakwenqeni ukusebenza, kodwa futhi abazigqilazi ngokusebenza amahora amaningi. Bayalinganisela ukuze bajabulele umsebenzi abawenzayo futhi bathole nesikhathi sokuphumula.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Kungcono ukuphumula okuncane kunomsebenzi onzima omningi nokulwela ukufica umoya.”—UmShumayeli 4:6.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela