Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g16 No. 5 kk. 14-15
  • U-Aristotle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • U-Aristotle
  • I-Phaphama!—2016
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wayethanda Izinto Eziningi Ezihlukahlukene
  • UbuKatolika Bamukela Izimfundiso Zika-Aristotle
  • Ubani Owenza Imithetho Elawula Izinto Ezisemkhathini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Isayensi NeBhayibheli—Ingabe Kuyangqubuzana Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Ingabe Isayensi Yenze IBhayibheli Laba ize?
    I-Phaphama!—1990
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2016
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2016
g16 No. 5 kk. 14-15

EZASENDULO

U-Aristotle

U-Aristotle

EMINYAKENI engaphezu kuka-2 300 edlule, u-Aristotle waba negalelo elikhulu kwezesayensi nefilosofi. Imisebenzi yakhe isinesikhathi eside ithandwa kanti isihunyushwe futhi yafundwa kabanzi. Uprofesa wezomlando uJames MacLachlan wabhala ukuthi “imibono ka-Aristotle ngokuphathelene nemvelo yaba nethonya elikhulu endleleni abaseYurophu ababebheka ngayo izinto iminyaka ecishe ibe ngu-2 000.” Eminye yemibono ka-Aristotle yathonya ngisho nezimfundiso zobuKatolika, ezobuProthestani kanye nezobuSulumane.

Wayethanda Izinto Eziningi Ezihlukahlukene

U-Aristotle wabhala ngesayensi yamandla kazibuthe, yezinkanyezi, yezinto ezinyakazayo, yezinto eziphilayo, yezokusebenza kwengqondo, yokufinyelela iziphetho, ezobuciko, ezokuzijabulisa, ezokuziphatha, ezolimi, ezombusazwe, ezomthetho, ifilosofi yendalo, izinkondlo, ukusebenzisa amagama ngobuciko kanye nomphefumulo, ayekholelwa ukuthi uyafa. Nokho, udume kakhulu ngemisebenzi yakhe kwezesayensi yezinto eziphilayo neyokufinyelela iziphetho.

Izazi zasendulo ezingamaGreki zazithembela emakhonweni azo okubheka izinto ngokucophelela, okuhlobanisa izinto nawokufinyelela iziphetho ukuze zichaze indawo ezungezile. Ziqala ngalokho ezazikholelwa ukuthi kungamaqiniso asobala, zazikholelwa ukuthi uma zingahlolisisa ngokucophelela lawo maqiniso, zazingakwazi ukufinyelela iziphetho ezinembile.

Ziqondiswa yileyo filosofi, zakwazi ukufinyelela iziphetho ezithile ezinengqondo—esinye esiwukuthi kunokuhleleka okuthile endaweni yonke. Nokho, inkinga enkulu kwakuwukuthi amakhono azo okuhlolisisa izinto ayegcina kulokho ezazingakubona futhi zikuzwe ngaphandle kwemishini—ukushiyeka okwenza inqwaba yamadoda ahlakaniphile yanhlanhlatha, kuhlanganise naye u-Aristotle. Ngokwesibonelo, zazikholelwa ukuthi amaplanethi nezinkanyezi kuzungeza umhlaba. Ngaleso sikhathi, lokhu kwakuthathwa njengeqiniso elisobala. Incwadi ethi The Closing of the Western Mind ithi: “Kokubili ukucabanga nalokho ababekubona kwakubonakala kuhambisana nemibono yamaGreki ngomhlaba ozungezwa amaplanethi nezinkanyezi.”

Lowo mbono oyiphutha wawuzoba nemiphumela engatheni ukube wagcina emkhakheni wezesayensi. Kodwa awuzange.

UbuKatolika Bamukela Izimfundiso Zika-Aristotle

EYurophu “yobuKristu” yangeNkathi Ephakathi, ezinye zezimfundiso zika-Aristotle zamukelwa ngokusemthethweni njengamaqiniso atholakele—okungukuthi, zathathwa njengezinembile. Izazi zemfundiso yenkolo ezingamaRoma Katolika—ikakhulu uThomas Aquinas (cishe wango-1224-1274)—zafaka imibhalo ka-Aristotle ezimfundisweni zazo zenkolo. Ngakho, umbono ka-Aristotle wokuthi umhlaba umi phakathi nendawo futhi uzungezwa amaplanethi nezinkanyezi waba imfundiso esemthethweni yamaKatolika. Le mfundiso yamukelwa nangabaholi bamaProthestani, abanjengoCalvin noLuther, abathi iseBhayibhelini.—Bheka ibhokisi elithi “Babebona Sengathi IBhayibheli Lisho Izinto Elingazishongo.”

Ezinye zezimfundiso zika-Aristotle zamukelwa ngokusemthethweni njengamaqiniso atholakele

Umlobi uCharles Freeman wathi: “Kweminye imikhakha [izimfundiso zika-Aristotle] nobuKatolika kwakungasahlukaniseki.” Ngakho, kuye kuthiwe u-Aquinas “wabhapathizela” u-Aristotle enkolweni yobuKatolika. Nokho, uFreeman wathi eqinisweni, “ngu-Aquinas owashintshela ezimfundisweni zika-Aristotle.” Futhi ngokwezinga elithile, singase senezele ukuthi nesonto lashintshela kuzo. Ngenxa yalokho, usosayenzi wezinkayezi nesazi sezibalo uGalileo, owaveza ubufakazi bokuthi umhlaba uzungeza ilanga, kwadingeka avele eNkantolo Yamacala Ezihlubuki futhi waphoqelelwa ukuba ahoxise umbono wakhe.a Ngokumangazayo, u-Aristotle waqaphela ukuthi ulwazi ngesayensi luyinto eqhubekayo futhi lungathuthukiswa noma nini. Ukube nje namasonto aba nombono ofanayo!

a Ukuze uthole okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Galileo’s Clash With the Church,” kuyi-Phaphama! yesiNgisi ka-April 22, 2003.

AMAZWIBELA

  • U-Aristotle wayekuthanda kakhulu ukufunda futhi “ekwazisa ngokujulile ukubaluleka nokukhetheka kwendawo emzungezile.”—Aristotle—A Very Short Introduction.

  • Wayekholelwa ukuthi imvelo “inoMqondisi Oyinhloko” omuhle nohlala ngaphandle kwendawo yonke, obangela ukuba iqhubeke inyakaza ngokungaphezi.

  • U-Aristotle ubhekwa njengomsunguli wemikhakha emibili yesayensi—isayensi yezinto eziphilayo neyokufinyelela iziphetho.

  • U-Aristotle wafundisa umfana waseMakedoniya okwathi kamuva wakha umbuso onamandla, u-Alexander Omkhulu.

Umdwebo womhlaba ozungezwe amaplanethi nezinkanyezi

Abantu basendulo abaningi babekholelwa ukuthi umhlaba uzungezwe amaplanethi nezinkanyezi

Babebona Sengathi IBhayibheli Lisho Izinto Elingazishongo

Ezinye izazi zenkolo zakudala zabambelela embonweni ka-Aristotle wokuthi umhlaba uzungezwa amaplanethi nezinkanyezi ngenxa yokuthi zazibona izinto ezingekho emiBhalweni yeBhayibheli ethile, njengeHubo 104:5. Lithi: “[UNkulunkulu] usekelé umhlaba phezu kwezindawo zawo ezimisiweyo; ngeke untengantengiswe kuze kube nini nanini, noma kuze kube phakade.” Umlobi weBhayibheli wayengachazi indawo umhlaba omi kuyo emkhathini. Kunalokho, esebenzisa ulimi olusankondlo, wayebhekisela ekubeni khona phakade komhlaba ngokwenjongo kaNkulunkulu.—UmShumayeli 1:4.

Nakuba kunjalo, lapho iBhayibheli lithinta ezesayensi, elikushoyo kusuke kunembile. Ngokwesibonelo, uJobe 26:7, owalotshwa eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule, uthi uNkulunkulu “[walengisa] umhlaba phezu kweze.” UJobe 38:33 ubonisa ukuthi amaplanethi nezinkanyezi kulawulwa imithetho yemvelo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela