Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/11 k. 16
  • Izinyo Elizilolayo Le-Sea Urchin

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinyo Elizilolayo Le-Sea Urchin
  • I-Phaphama!—2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2011
  • Kungani Kufanele Uye Kudokotela Wamazinyo?
    I-Phaphama!—2007
  • Umlando Wobuhlungu Obukhulu Bokuphathwa Yizinyo
    I-Phaphama!—2007
  • Ukuvikela Amazinyo Asheshe Azwele
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 11/11 k. 16

Ingabe Laklanywa?

Izinyo Elizilolayo Le-Sea Urchin

● Sisebenzisa amaziyo aso ayisihlanu, isilwane sasolwandle okuthiwa i-sea urchin sikwazi ukubhoboza imbobo edwaleni ukuze sizakhele indawo yokucasha. Naphezu kokuququda nokukhuhla, amazinyo e-sea urchin ahlala ebukhali. “Cishe awekho amanye amathuluzi okusika nokukhuhla esiwaziyo akwazi ukwenza lokhu,” kusho uPupa Gilbert, onguprofesa wezinto zemvelo eYunivesithi yaseWisconsin-Madison e-United States. Iyini imfihlo ye-sea urchin?

Cabanga ngalokhu: Izinyo le-sea urchin lakhiwa amakristalu abumbene. Kodwa, uGlbert uthi “leli zinyo liklanywe ngendlela yokuba linqamuke ezindaweni ezithile.” Izakhi ezibuthaka ezikulezi zindawo—njengezimbobo ephepheni—zenza kube lula ukuba imilalela esibuthuntu yaleli zinyo iphuke, kuvele ingxenye entsha nebukhali. Ngenxa yokuthi leli zinyo liyaqhubeka likhula ngesikhathi esifanayo libe lizilola, akwenzeki libe buthuntu. UGilbert ubiza izinyo le-urchin ngokuthi “lingomunye wemiklamo yendalo embalwa kakhulu ekwazi ukuzilola.”

Ukwazi indlela izinyo elizilolayo le-sea urchin elisebenza ngayo kusho lukhulu kubenzi bamathuluzi. Bathi kungaholela ekwakhiweni kwamathuluzi azilolayo ngesikhathi esetshenziswa. “Isihluthulelo salokhu inqubo esetshenziswa yi-urchin,” kusho uGilbert.

Ucabangani? Ingabe izinyo elizilolayo le-sea urchin laba khona ngengozi, noma ingabe laklanywa?

[Umdwebo ekhasini 16]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Izinyo elisahluma

Ungwengwezi lwe-calcareous

Izinyo elibukhali

[Isithombe ekhasini 16]

I-sea urchin

[Isithombe ekhasini 16]

Amazinyo ayisihlanu

[Umthombo Wesithombe ekhasini 16]

Both photos: Courtesy of Pupa Gilbert/University of Wisconsin-Madison

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela