Umbono WeBhayibheli
Ingabe Kufanele Uzikhokhele Izinkonzo Zenkolo?
EMAZWENI amaningi, abaholi bezinkolo zobuKristu nezinye bayakhokhelwa ngezinkonzo zabo zenkolo. Lezi zinkonzo zingahlanganisa ukubhapathiza, imishado noma imingcwabo. Imali ekhokhwayo ingafinyelela emakhulwini futhi ngezinye izikhathi ezinkulungwaneni zamaRandi.
Abanye abefundisi baholelwa uhulumeni ngokwenza izinkonzo zemikhosi nezobufundisi nangokuvula isishaya-mthetho ngomthandazo nsuku zonke. Ziyaziswa kakhulu izinkonzo ezinjalo, futhi namasonto anenzindleko okufanele abhekane nazo. Kodwa, ingabe iBhayibheli liyayisekela imikhuba enjalo yokukhokhisa abantu ngezinkonzo zenkolo ngisho nokubenza bazizwe bebophekile ukuba bakhokhe?
“Indlu Yokuthengisela”?
Lapho uJesu esemhlabeni, abaholi benkolo abangamaJuda kanye nabanye babesebenzisa imibuthano engokwenkolo njengamathuba okwenza inzuzo, ikakhulukazi ngePhasika. Ingabe uJesu wakwamukela lokhu? Lutho! Empeleni, iBhayibheli lisitshela ukuthi “wachitha izinhlamvu zemali zabashintshi bemali, wagumbuqela namatafula abo.” Wathi: “Yekani ukwenza indlu kaBaba indlu yokuthengisela!”—Johane 2:14-16.
Kwaba nesimo esifanayo ngesikhathi somprofethi uMika, owaphila phakathi nekhulu lesi-8 B.C.E. IBhayibheli libika ukuthi abaholi benkolo bakwa-Israyeli ‘babenengwa ubulungisa,’ nabapristi ‘babefundisa ngenjongo yokuthola imali nje.’ Kodwa ngesikhathi esifanayo babethi basekelwa uNkulunkulu, bethi: “UJehova akaphakathi kwethu yini?” (Mika 3:9, 11) Kodwa uJehova uNkulunkulu wayengabasekeli. Kunalokho wayenengwa ukuziphatha kwabo futhi wakwenza kwacaca ngomprofethi wakhe.
Namuhla abaholi abaningi benkolo basebenzisa lezi zindlela ezifanayo zobugovu, ngaleyo ndlela benza izindawo zabo zokukhulekela zibe ‘izindlu zokuthengisela.’ Empeleni, izinhlangano zezenkolo zizonke zihileleke kwezentengiselwano, ngokuvamile zithola imali eningi ngokudayisa imifanekiso nezinye izinto ezihlukahlukene zenkolo.a—1 Johane 5:21.
“Namukelé Ngesihle, Yiphani Ngesihle”
Lapho eyala abaphostoli bakhe ukuba bashumayele izindaba ezinhle, belaphe abagulayo futhi bavuse ngisho nabafileyo, uJesu wathi: “Namukelé ngesihle, yiphani ngesihle.” (Mathewu 10:7, 8) Yebo, abalandeli bakhe beqiniso kwakungafanele bakhokhise abantu ngezinkonzo ababebenzela zona. Ngaphezu kwalokho, uJesu ngokwakhe wabeka isibonelo ngokukhonza abanye ngaphandle kokulindela inzuzo yemali.
Elandela isibonelo esabekwa uJesu, umphostoli uPawulu wenza inkonzo yakhe “ngaphandle kwenkokhiso.” (1 Korinte 9:18) Lapho edinga imali, wayenza amatende. (IzEnzo 18:1-3) Ngenxa yalokho, wayengasho la mazwi ngaye nangabanye ayeshumayela nabo: “Asibona abathengisi bezwi likaNkulunkulu njengoba abantu abaningi beyibo.” (2 Korinte 2:17) Kodwa yayitholakala kanjani imali esetshenziswa ibandla, mhlawumbe ukuze lithenge noma liqashe indawo yokukhulekela?
“UNkulunkulu Uthanda Umuphi Onamileyo”
OFakazi BakaJehova bathola imali edingekayo ngeminikelo yokuzithandela. Basebenzisa lesi simiso: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokudabuka noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” (2 Korinte 9:7) Ngenxa yalokho, oFakazi ababakhokhisi abantu ngezincwadi zabo noma izinkonzo zenkolo, njengokubhapathiza, imishado noma imingcwabo. Futhi abakhiphi okweshumi noma bahambise ipuleti lenkongozelo emihlanganweni yabo. Noma ubani ofuna ukunikelela umsebenzi wokushumayela womhlaba wonke angenza kanjalo ngomnikelo awufaka ngesizotha emabhokisini asezindaweni zabo zokukhulekela.
Emhlabeni wonke, oFakazi BakaJehova bakhokhela amaHholo abo oMbuso, amaHholo OMhlangano, amahhovisi egatsha nezindawo zokunyathelisa kanye nokusiza ezinhlekeleleni ngeminikelo yokuzithandela. Abanye, njengomfelokazi oswele uJesu amncoma, banganikela nje okuncane. (Luka 21:2) Abanye banikela okuningi. Kungakhathaliseki ukuthi siyini isimo, labo abanamathela ezimisweni eziseBhayibhelini futhi banikele ngokwamandla abo bathola ukwaneliseka, isibusiso sikaNkulunkulu esicebile nenjabulo yangempela.—IzEnzo 20:35; 2 Korinte 8:12.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Ingabe UNkulunkulu Kufanele Akhulekelwe Ngezithombe?” kuyi-Phaphama! ka-August 2008.
WAKE WAZIBUZA?
● UJesu wathini kulabo ababedayisa ethempelini?—Johane 2:14-16.
● Ingabe umphostoli ongumKristu uPawulu wayamukela inkokhelo ngezinkonzo zenkolo?—2 Korinte 2:17.
● Hlobo luni lokupha olujabulisa uJehova?—2 Korinte 9:7.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 23]
“Yekani ukwenza indlu kaBaba indlu yokuthengisela!”—Johane 2:14-16