Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/09 k. 10
  • Inhlanzi Eyonga Amandla

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inhlanzi Eyonga Amandla
  • I-Phaphama!—2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2009
  • Ubani Owaklama Kuqala?
    Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa?
  • Ifundisani Indalo?
    I-Phaphama!—2006
  • Ukuhamba Kwezinhlanzi Njengeqembu
    I-Phaphama!—2012
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 7/09 k. 10

Ingabe Yaklanywa?

Inhlanzi Eyonga Amandla

Ukuze kwakhiwe imoto enamandla, eyongayo, futhi engayingcolisi imvelo, abaklami bahlola endaweni enganakekile ukuze bathole amasu—ngaphansi kolwandle! Inhlanzi okuthiwa i-boxfish, etholakala eduze nezixhobo zamakhorali olwandle olungasezindaweni ezishisayo, iyisibonelo esihle kakhulu sokwakha imoto engasindi futhi ekwazi ukumelana namandla omoya ngokumangalisayo.

Cabanga ngalokhu: Le nhlanzi ingabhukuda ngejubane—ihambe ibanga eliphinda ubude bomzimba wayo kasithupha ngomzuzwana nje. Kodwa leli jubane aliwona nje amandla kuphela. Ngokuphambene nalokho okwakulindelwe, izinhlangothi eziyisithupha zale nhlanzi zithuthukisa ikhono layo lokutshuza emanzini. Empeleni, onjiniyela abakha imoto eyenziwe ngomfanekiso we-boxfish futhi bayihlola emhubheni onomoya, bathola ukuthi imoto eklanywe ngale ndlela iphambana nomoya kalula kakhulu kunezimoto ezivamile.

I-boxfish inesikhumba esinamathele emathanjeni okuyenza ibe namandla amakhulu kodwa ibe inesisindo esincane. Lapho isemanzini kuba nomoya omncane oyizungezayo le nhlanzi okuyenza itshuze kahle nakuba kunamagagasi. Ngakho, le nhlanzi inekhono elimangalisayo lokuphenduphenduka emanzini nokuzivikela ekulimaleni.

Onjiniyela bakholelwa ukuthi i-boxfish inikeza imfihlo yokwakha imoto elondekile, eyonga uphethiloli kodwa engasindi. UDkt Thomas Weber ongunjiniyela, uthi: “Empeleni nje, samangala lapho sithola ukuthi le nhlanzi ebukeka ngendlela engajwayelekile, iyona eyisibonelo sokuklama imoto ekwazi ukumelana nomoya kalula neyonga uphethiloli.”

Ucabangani? Ingabe le nhlanzi eyonga amandla yazivelela? Noma kunothile owayiklama?

[Imithombo Yesithombe ekhasini 10]

Boxfish: © Hal Beral/V&W/SeaPics.com; car: Mercedes-Benz USA

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela