Ingabe Laklanywa?
Igobolondolo Lebhungezi
◼ Igobolondo lebhungezi okuthiwa i-Cyphochilus linamazenga alakanyene amancane ngokuphindwe kayishumi kunonwele lomuntu. UDkt. Pete Vukusic wase-Exeter University eBrithani, uthi: “Uma ngiwabeka ngaphansi kwesibonakhulu, kwaba sengathi ngibona elinye izwe elihlukile. Kwakuyisimangaliso ngempela.”
Ake ucabange: UVukusic wayechaza umbala omhlophe qwa waleli bhungezi awubona, ongaveli esakhini sombala. Imfihlo isebukhulwini bemicu okwenziwe ngayo la mazenga kanye nezikhala eziphakathi kwayo. Lokhu kusakaza ukukhanya ngendlela ephumelela ngokungavamile. I-Science Daily iyabika: “Uketshezi lwamaminerali, olunjengalolo olugcotshwa ephepheni lezinga eliphezulu, epulasitikini futhi lufakwe nakwezinye izinhlobo zikapende, bekuyodingeka ukuba luphindwe kabili ukuze lube mhlophe ngale ndlela.”
Ososayensi bakholelwa ukuthi igobolondo lebhungezi i-Cyphochilus lilisiza ukuba lifane nesikhunta esimhlophe elivame ukutholakala kuso. Kodwa ochwepheshe banesithakazelo esikhulu ekutheni imfihlo yombala waleli bhungezi elincane ungabazuzisa kanjani abantu—ngokwesibonelo, ekuklanyweni kwezinto zokwenziwa ezimhlophe qwa. UVukusic uthi izinto ezinjengephepha esibhala kulo, umbala wamazinyo ethu ngisho nokukhanya kwezibani “kuyothuthukiswa kakhulu uma ubuchwepheshe bungathatha futhi busebenzise amasu okuklama esiwafunda kuleli bhungezi.”
Wena ucabangani? Ingabe igobolondo elimhlophe lebhungezi i-Cyphochilus laba khona ngengozi? Noma ingabe laklanywa?
[Isithombe ekhasini 24]
Ibhungezi i-“Cyphochilus” lincane kunesihloko somunwe wakho (isithombe sikhulisiwe)
[Umthombo]
Department of Entomology, Kasetsart University, Bangkok