Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/08 k. 20-k. 21 isig. 11
  • Yini UNkulunkulu Ayilindele Kuwe?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini UNkulunkulu Ayilindele Kuwe?
  • I-Phaphama!—2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho Ukuthanda UNkulunkulu Ngomphefumulo Wonke Okukuhilelayo
  • Ukuphumelela Ekwenzeni Izinto Eziza Kuqala Zize Kuqala
  • Indlela Esibonisa Ngayo Ukuthi Siyamthanda UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Thanda UNkulunkulu Okuthandayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • NgoNkulunkulu Weqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • ‘Sondela KuNkulunkulu, Naye Uyosondela Kuwe’
    Sondela KuJehova
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 4/08 k. 20-k. 21 isig. 11

Umbono WeBhayibheli

Yini UNkulunkulu Ayilindele Kuwe?

UKUPHILA kwethu kusilethela izinselele eziningi. Ngezinye izikhathi kungase kube nzima ukufeza izibopho zethu. Noma kunjalo, kufanele sikhumbule ukuthi ukuphila ngokwako kuyisipho esisithole kuNkulunkulu. (IHubo 36:9) Singakanani isikhathi namandla uNkulunkulu alindele ukuba siwanikele kuye? Impendulo yeBhayibheli enengqondo iyakhuthaza.

UJesu wayekwazi kangcono kunanoma yimuphi omunye umuntu lokho uYise akulindele kubantu. (Mathewu 11:27) Lapho ecelwa ukuba asho umyalo omkhulu kunayo yonke, uJesu wathi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho nangawo onke amandla akho.” (Marku 12:30) Kusho ukuthini lokhu? Ingabe lokho okufunekayo kukhulu kakhulu?

Lokho Ukuthanda UNkulunkulu Ngomphefumulo Wonke Okukuhilelayo

Uthando lwethu ngoNkulunkulu lungakhula njengoba sizindla ngobuhle asibonisa bona ngokungenamkhawulo. Uma uthando lwethu lungolomphefumulo wonke, siyoshukumiseleka ukuba sinike uNkulunkulu okungcono kakhulu kwesinakho. Siyozizwa ngendlela umlobi weBhayibheli azizwa ngayo lapho ebuza: “Ngizombuyisela ngani uJehova ngazo zonke izinzuzo zakhe kimi?” (IHubo 116:12) Uthando olunjalo ngoNkulunkulu luyithinta kanjani indlela esisisebenzisa ngayo isikhathi sethu?

IBhayibheli alisinqumeli amahora okufanele siwabekele ukukhulekela isonto ngalinye. Kodwa, liveza izinto okufanele zize kuqala ekuphileni futhi liyachaza ukuthi kungani. Ngokwesibonelo, uJesu wafundisa ukuthi ukungenisa ulwazi ngoNkulunkulu kuyisinyathelo esibalulekile esiholela ‘ekuphileni okuphakade.’ (Johane 17:3) Waphinde wathi abalandeli bakhe kumelwe basize labo abangamazi uNkulunkulu ukuze bathole ukuphila ngokuhlanganyela nabo ulwazi ngoNkulunkulu. (Mathewu 28:19, 20) IBhayibheli lisiyala ukuba sibuthane ndawonye namanye amakholwa njalo ukuze sithole amandla angokomoya futhi sikhuthazane. (Hebheru 10:24, 25) Konke lokhu kudinga isikhathi.

Ingabe uNkulunkulu ulindele ukuba sishiseke ngokweqile—singenzi lutho olunye ekuphileni ngaphandle kokukhulekela? Lutho neze! Izindaba ezibalulekile zokuphila kwansuku zonke nazo zidinga ukunakekelwa. IBhayibheli liyala izinhloko zemikhaya ukuba zinakekele izidingo zemikhaya yazo, lithi: “Ngokuqinisekile uma umuntu engabondli abakubo, ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.”—1 Thimothewu 5:8.

UNkulunkulu wadala umuntu wamenza wakwazi ukujabulela ukuphila. Khona-ke, kuyafaneleka ukuba sichithe isikhathi nemikhaya yethu nabangane, sijabulele ukudla okumnandi nokungcebeleka okwakhayo. INkosi uSolomoni yabhala: “Sengiyazi ukuthi akukho lutho olungcono ngabo kunokuba umuntu ajabule futhi enze okuhle phakathi nokuphila kwakhe; nokuthi wonke umuntu adle futhi empeleni aphuze abone okuhle ngawo wonke umsebenzi wakhe onzima. Kuyisipho sikaNkulunkulu.”—UmShumayeli 3:12, 13.

UJehova uNkulunkulu uyakwazi ukulinganiselwa komuntu, ‘uyakhumbula ukuthi siluthuli.’ (IHubo 103:14) IBhayibheli liyavuma ukuthi siyakudinga ukuphumula ngokwanele. Ngemva kokusebenza kanzima, uJesu wamema abafundi bakhe ukuba bahambe naye baye ‘ngasese endaweni engenabantu bayophumula kancane.’—Marku 6:31.

Ngakho-ke, ukuphila okujabulisa uJehova kunokulinganisela futhi kungahlanganisa nezinto ezihlukahlukene. Kodwa, zonke izinto esizenzayo—kungakhathaliseki ukuthi zihlobene ngokuqondile nokukhulekela noma cha—kufanele zibonise ukuthi simthanda ngomphefumulo wonke uNkulunkulu. Iseluleko seBhayibheli sithi: “Kungakhathaliseki ukuthi niyadla noma niyaphuza noma nenza noma yini enye, zonke izinto zenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu.”—1 Korinte 10:31.

Ukuphumelela Ekwenzeni Izinto Eziza Kuqala Zize Kuqala

Ingabe ukwenza ukukhulekela uNkulunkulu kuze kuqala ekuphileni kubonakala kungenangqondo noma singenakukwenza? Kuyiqiniso ukuthi ukunika uNkulunkulu lokho akulindele kungahilela ukwenza ushintsho—ngisho nokuzidela—endleleni esisebenzisa ngayo isikhathi. Kodwa ngokuqinisekile uMdali wethu onothando akasicelanga ukuba senze into engenakwenzeka. Empeleni, usinikeza usizo olukhulu ukuze senze intando yakhe. Singaphumelela uma sithembela “emandleni anikezwa nguNkulunkulu.”—1 Petru 4:11.

Ungase ubhekane nobunzima obuthile njengoba ulungisa isimiso sakho ukuze sihlanganise nemisebenzi engokomoya. Zinike isikhathi njalo sokukhuluma noJehova uNkulunkulu, ‘uMuzwi womthandazo.’ (IHubo 65:2) Emthandazweni, ungaveza konke ukukhathazeka kwakho, wazi ukuthi ‘uyakukhathalela.’ (1 Petru 5:7) INkosi uDavide yathandaza: “Ngifundise ukwenza intando yakho, ngoba wena unguNkulunkulu wami.” (IHubo 143:10) Ngokufanayo, ungacela uNkulunkulu ukuba akusize wenze ushintsho oludingekayo ekuphileni kwakho.

IBhayibheli linesimemo esijabulisayo: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) Njengoba uqala ukuhlanganyela emisebenzini ejabulisa uNkulunkulu, njengokutadisha iBhayibheli nokuba khona emihlanganweni yobuKristu, uyosondela kakhudlwana kuNkulunkulu. Naye uyokuqinisa ukuze uqhubeke uthuthuka.

Ekhuluma ngemizamo ayenza ukuze ahlele izinto eziza kuqala, uJelena, ofunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, uthi, “Bekungelula kimi.” Kodwa uyanezela: “Lapho sengiqala ukuya emihlanganweni yobuKristu, ngathola amandla okusebenzisa lokho okushiwo iBhayibheli. Nokuqhubeka kwabanye bengisekela nakho kuye kwasiza.” Ukubona izinzuzo ezilethwa ukukhonza uNkulunkulu nakho kufaka ugqozi. (Efesu 6:10) UJelena uthi, “Ubuhlobo bami nomyeni wami kanye nendlela engiziyala ngayo izingane zami kuye kwathuthuka.”

Umoya ongcwele kaJehova onamandla ungakuqinisa futhi ukukhuthaze ukuba uhlaziye izinto eziza kuqala ekuphileni futhi ‘uzithengisisele ithuba’ lokukhonza uNkulunkulu naphezu kwezingcindezi zokuphila kwanamuhla. (Efesu 3:16; 5:15-17) UJesu wathi: “Izinto ezingenakwenzeka kubantu zingenzeka kuNkulunkulu.”—Luka 18:27.

WAKE WAZIBUZA?

◼ Kungani kufanele ukwenza intando kaNkulunkulu kuze kuqala ekuphileni kwakho?—IHubo 116:12; Marku 12:30.

◼ UNkulunkulu ulindele ukuba uhlanganyele kumiphi imisebenzi?—Mathewu 28:19, 20; Johane 17:3; Hebheru 10:24, 25.

◼ Ungaphumelela kanjani ekuhleleni izinto eziza kuqala ukuze ujabulise uNkulunkulu?—Efesu 5:15-17; Jakobe 4:8.

[Isithombe ekhasini 20]

Ukujabulisa uNkulunkulu kudinga ukulinganisela

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela