Ukubuka Okwezwe
◼ “Ngokwesilinganiso, umntwana oneminyaka eyisithupha eBrithani uyobe esechithe unyaka wonke ebukele ithelevishini kanti inani elingaphezu kwengxenye labantwana abaneminyaka emithathu ubudala linama-TV emakamelweni alo.”—I-INDEPENDENT, EBRITHANI.
◼ EChina, abantu abangamaphesenti angu-31,4 abevile eminyakeni engu-16 okwaxoxwa nabo bazichaza njengabantu abasontayo. Uma lesi sibalo simelela lonke leli zwe, lokhu kungase kubonise ukuthi “abantu abangaba yizigidi ezingu-300 bayasonta . . . okuphambene kakhulu nesibalo esingokomthetho esithi bayizigidi eziyikhulu.”—I-CHINA DAILY, ECHINA.
Ibangela Umonakalo Omkhulu Esikhundleni Sokuba Inzuzo
Eminyakeni embalwa edlule, izazi zezombangazwe nezemvelo zaseHolland zazicabanga ukuthi zithole ikhambi lomthombo wamandla ongabangeli monakalo—ukusebenzisa imishini ephehla ugesi ngophethiloli owenziwe ngezinto zemvelo, ikakhulukazi amafutha esundu. I-New York Times ithi amathemba abo aphenduka “inhlekelele yemvelo. Isidingo esiqhubekayo samafutha esundu eYurophu sabangela ukugawulwa kwezingxenye ezinkulu zamahlathi emvula aseNingizimu-mpumalanga Asia nokusetshenziswa ngokweqile kukamanyolo wamakhemikhali kulezo zindawo.” Izindawo zamahlathi esundu zatholakala ngokumba nangokushisa amasoyi emfucumfucu yezitshalo, kwakhiphela emkhathini “amathantala” amagesi abamba ukushisa. I-Times ithi ngenxa yalokho, i-Indonesia ngokushesha yaba “izwe lesithathu emhlabeni elikhiqiza amagesi abamba ukushisa ososayensi abakholelwa ukuthi abangela ukufudumala kwembulunga yonke.”
“Iwashi Lembubhiso” Liyaqhubeka
Iwashi lembubhiso, i-Bulletin of Atomic Scientists (BAS) ethi libonisa ukuthi isintu siseduze kangakanani nenhlekelele yenuzi, seliyiswe phambili ngemizuzu emibili, futhi manje libonisa ukuthi kusele imizuzu emihlanu ngaphambi kokuba kushaye elamabili—“ukuphela okungokomfanekiso kwempucuko.” Isikhathi saleli washi sesilungiswe izikhathi ezingu-18 emlandweni walo weminyaka engu-60. Ushintsho lokugcina lwenziwa ngo-February 2002, ngemva kokuhlaselwa kwe-World Trade Center eNew York. I-BAS ithi ukuba khona kwezikhali zenuzi nokwakhiwa kwazo ngokuqhubekayo kanye nokwehluleka ukuzigcina endaweni evikelekile izinto zokwakha lezi zikhali “kuyizimpawu zokwehluleka ukuxazulula izinkinga ezibangelwa ubuchwepheshe obubhubhisa kakhulu eMhlabeni.” Yaqhubeka yathi ngaphezu kwalokho, “izingozi ezibangelwa ukushintsha kwesimo sezulu cishe zimbi njengalezo ezibangelwa yizikhali zenuzi.”
Ukucindezeleka Phakathi Nesikhathi Sokukhulelwa
Ucwaningo lwamuva nje lubonisa ukuthi ukucindezeleka kowesifazane okhulelwe ngenxa yokuphikisana noma yokushaywa umuntu ashade naye kungalimaza ingqondo yomntwana ongakazalwa. UProfesa Vivette Glover, wase-Imperial College, eLondon, uthi: “Sathola ukuthi uma owesifazane enomyeni omhlukumezayo ngokomzwelo lapho esakhulelwe lokhu kwakuba nethonya elikhulu ngempela ekukhuleni komntwana esikhathini esizayo. Ubaba unendima enkulu okufanele ayifeze.” Uchaza ukuthi ubuhlobo babazali “buthinta ukulingana kwama-hormone namakhemikhali emzimbeni kamama, kona okuthinta ukukhula kobuchopho bomntwana.”
Abantu Abashayela Belele
Isazi sezokuhamba kwezimoto uMichael Schreckenberg wase-University of Duisburg-Essen, eJalimane, sithi abantu abashayela endaweni efanayo nsuku zonke benza kanjalo ngaphandle kokusebenzisa ingxenye yobuchopho babo ebasiza ukuba bacabange ngendlela ephapheme. Lapho behamba endaweni abayijwayele, esikhundleni sokunaka izimoto, abashayeli banaka ezinye izinto. Ngenxa yalokho, bayephuza ukubona izingozi. USchreckenberg ukhuthaza ukuba abashayeli bazikhumbuze njalo ukuba bahlale bephapheme futhi bangakuvumeli ukuphazamiseka emgwaqweni.