Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/08 k. 8-k. 10 isig. 5
  • Lapho Kudlala Khona Onodoli Abahlabelelayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Kudlala Khona Onodoli Abahlabelelayo
  • I-Phaphama!—2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inhlanganisela Yokungokoqobo Nokucatshangelwayo
  • Esiteji Nangemva Kwaso
  • Onodoli Abanyakazayo Esikhundleni Sezithombe Ezinganyakazi
  • Ingabe Lokhu Kuzijabulisa Kukulungele?
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2008
  • Ubusuku Esabuchitha Kuyi-opera
    I-Phaphama!—1994
  • Ukufunda Umculo We-opera
    I-Phaphama!—2008
  • I-“opera” Ehlathini
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 1/08 k. 8-k. 10 isig. 5

Lapho Kudlala Khona Onodoli Abahlabelelayo

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! E-AUSTRIA

“YEBO, umculo wawumnandi, kodwa ikhono lonodoli lalimangalisa. Lab’ onodoli bakwazi ukunyakazisa umzimba ngisho nangezindlela ezicashile engingakaze ngizibone zenziwa onodoli ngaphambili!”

Ingabe lo muntu wayechaza umbukiso wonodoli owenzelwe izingane? Cha. Uzomangala ukuthi leyo nkulumo enomdlandla yashiwo umuntu omdala owayevakashele endaweni yomculo we-opera. Lo mdlalo omangalisayo wenziwa kuphi? Endaweni yomculo we-opera emangalisayo eSalzburg, e-Austria, idolobha okwazalelwa kulo umqambi wezingoma odumile uMozart.

Kodwa wake wezwa ngonodoli bamapulangwe abangaba yisigamu semitha kuya emitheni ubude abacula i-opera? Onodoli baseSalzburg Marionette Theatre benza lokho kanye. Lapho beqala ukudansa esiteji, bahlanyisa izihlwele, bazithathe bazibeke kwenye indawo—ezweni lamaphupho nomculo ovusa amadlingozi.

Inhlanganisela Yokungokoqobo Nokucatshangelwayo

Njengoba kudlala ibika futhi kuvuleka ikhethini ukuze kuqale isigcawu sokuqala, izibukeli zivame ukumangazwa yilokho ezikubonayo. Ingabe onodoli bamapulangwe ngempela laba abangena esiteji futhi abanyakaza sengathi kucula umuntu oyedwa? Kuthiwani ngazo zonke lezo zintambo ezisemakhanda alab’ onodoli? Ezinye izivakashi zingase zingakwazi ukufihla ukudumala kwazo, zicabanga, ‘Yonke into isobala—sikubona konke!’ Ngaphezu kwalokho, ayikho indawo yabadlala izinsimbi nabaculi. Umqondo wokudlala nje umculo we-opera oqoshiwe ubonakala ungathandeki. Ecasukile, umthandi we-opera angase athi, ‘Iyacasula le nto!’ Kodwa yima kancane! Kancane kancane, izibukeli zinganakile, isimo sazo siyashintsha.

Lapho ukungabaza kokuqala kwezibukeli sekudlulile, lab’ onodoli baqala ukwenza izinto ezivusa ugqozi. Kwenzeka inhlanganisela ethakazelisayo yokungokoqobo nokucatshangelwayo. Izintambo zikasilika okunyakaziswa ngazo lab’ onodoli azisabonakali. Izibukeli azijabuleli umdlalo kuphela kodwa nomqondo ongavamile wonodoli abahlanganyela emdlaweni wokucula endaweni ye-opera encane. Ngokushesha lokhu akuseyona into eyinqaba, futhi izibukeli ziyakhohlwa ukuthi zibukele onodoli abangaphili. Yebo, lab’ onodoli banekhono elimangalisayo lokujabulisa ngisho nezibukeli ezingabazayo, bazibeke ezweni labo elincane.

Esiteji Nangemva Kwaso

Okwenzeka ngemva kwesiteji cishe kuthakazelisa njengalokho okwenzeka kuso. Abadlali bangempela, abadlalisi bonodoli abangemva kwesiteji—noma empeleni, abangaphezu kwaso—abasebenza bemi ebhulohweni. Njengoba laba badlalisi bonodoli besonta izingalo zabo njengokungathi bakhuluma ngezandla, onodoli bayacula, bakhale, balwe, noma bakhothame—ngendlela abaculi be-opera abebengenza ngayo.

I-New York Times yake yachaza ukuthi yini eyenza lobu buciko buthakazelise: “Abantu abangemva kwesiteji bakhululekile ukuba badlale indima yanoma ibuphi ubudala, yomuntu wesilisa noma wesifazane; kumelwe babe nemfanelo eyodwa vó, evelele kakhulu: ikhono.” Futhi liyamangalisa ngempela ikhono abadlalisi bonodoli baseSalzburg abanyakazisa ngalo onodoli babo.

Onodoli Abanyakazayo Esikhundleni Sezithombe Ezinganyakazi

ISalzburg Marionette Theatre isineminyaka engaphezu kwengu-90 iyimpumelelo—kusukela ngo-1913, lapho le nkampani yenza omunye wemidlalo ye-opera kaMozart okokuqala ngqa. Umuntu owasungula le ndawo kwakungu-Anton Aicher, owayengumqophi wezithombe. U-Aicher wafundela ikhono lomsebenzi eMunich wabe esenza onodoli abanekhono elimangalisayo lokunyakaza njengomuntu. Ngokushesha waphawula ukuthi ukwenza onodoli kwakujabulisa kakhulu kunokuqopha izithombe ze-altare ezinganyakazi.

Akubanga isikhathi eside ngaphambi kokuba wonke umkhaya wakwa-Aicher ujatshuliswe yilolu hlobo lokuzilibazisa. Umkhaya wakubo wasiza ngentshiseko ekuthungeni izingubo zalab’ onodoli, wasiza nangokudlala izinsimbi zomculo nezingxenye zokukhuluma. Impumelelo yabo yaba nkulu kangangokuba ngokushesha kwadingeka balungiselele imidlalo eyengeziwe. Kusukela ngo-1927 kuya phambili, bacelwa ukuba bayodlala nakwamanye amazwe. Namuhla, lab’ onodoli sebevamile ukubonakala emazweni amaningana, njengaseJapane nase-United States. Abantu yonke indawo bayayijabulela imidlalo yonodoli.

Ingabe Lokhu Kuzijabulisa Kukulungele?

I-opera ichazwa ngokuthi “idrama ehambisana nomculo wezinsimbi nokuhlabelela kwabaculi abavame ukugqoka izingubo zekhethelo.” (The Concise Oxford Dictionary of Music) Izincwadi zomculo we-opera ziye zasekelwa ezinganekwaneni, emlandweni, ekulandiseni kweBhayibheli nasezindabeni eziqanjiwe. Zingase zibe imidlalo ebanga usizi, yothando noma yamahlaya. Lezo ezenziwa ngonodoli ngokuvamile zingesiJalimane noma isiNtaliyane. Ngakho-ke, kubalulekile ukuhlaziya isandulela esihunyushiwe ukuze unqume ukuthi uzowujabulela yini lowo mdlalo.

UmKristu anganquma kanjani ukuthi kufanele aye yini emdlalweni othile we-opera? Ingabe kufanele anqume ngokwaziwa kwabaculi kuphela? Noma ngobumnandi bomculo? Noma ngomongo wendaba okusekelwe kuwo incwadi yalowo mdlalo?

Ngokuqinisekile, njengako konke ukuzijabulisa, indlela engcono kakhulu umKristu anganquma ngayo ukuthi awulalele noma awubuke yini umdlalo we-opera ingokuqhathanisa isandulela nesimiso esavezwa umphostoli uPawulu: “Okokugcina, bazalwane, noma yiziphi izinto eziyiqiniso, noma yiziphi izinto ezibaluleke ngempela, noma yiziphi izinto ezilungileyo, noma yiziphi izinto ezihlanzekile, noma yiziphi izinto ezithandekayo, noma yiziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga ngalezi zinto.”—Filipi 4:8.

[Ibalazwe ekhasini 8]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

AUSTRIA

VIENNA

Salzburg

[Isithombe ekhasini 8]

Iqembu eliphelele labadlali abangonodoli lilungele ukudlala ezindaweni ezihlukahlukene

[Isithombe ekhasini 9]

ISalzburg Marionette Theatre

[Isithombe ekhasini 10]

U-Anton Aicher, umsunguli

[Umthombo]

By courtesy of the Salzburg Marionette Theatre

[Umthombo Wesithombe ekhasini 8]

All photos on pages 8 and 9: By courtesy of the Salzburg Marionette Theatre

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela