Yenza Umkhaya Wakho Ube Isiphephelo
“ABANGENALO uthando [lwemvelo].” Ngalawo mazwi adabukisayo, iBhayibheli lichaza abantu abaningi besikhathi sethu, inkathi ebizwa ngokuthi “izinsuku zokugcina.” (2 Thimothewu 3:1, 3, 4) Igagasi lokunukubezwa kwabantwana emkhayeni linikeza ubufakazi obucacile beqiniso laleso siprofetho. Empeleni, igama lesiGreki sokuqala elithi aʹstor·gos, elihunyushwe esiZulwini ngokuthi “abangenalo uthando [lwemvelo],” lalisikisela ukuntuleka kothando okufanele lube khona phakathi kwamalungu omkhaya, ikakhulukazi phakathi kwabazali nabantwana babo.a Futhi ngokuvamile kungaphansi kwalezo zimo lapho abantwana benukubezwa khona.
Abanye abacwaningi bathi abantu abavame ukunukubeza abantwana ngokobulili obaba. Amanye amadoda ayizihlobo nawo avamile ukuba abanukubezi. Nakuba izisulu eziningi kungamantombazane, baningi nabafana abayizisulu. Abesifazane abangabanukubezi abalona ivelakancane njengoba ungase ucabange. Mhlawumbe uhlobo lokunukubeza olungabikwa kakhulu olobulili phakathi kwezelamani, lapho kunengane endala noma enamandla kunezinye ezixhaphazayo noma eyenga umfowabo noma udadewabo osemncane noma obuthaka ukuba ahlanganyele ezenzweni zobulili. Njengomzali, ngokuqinisekile uzithola zenyanyeka zonke izenzo ezinjalo.
Ungenza kanjani ukuba lezi zinkinga zingaveli emkhayeni wakho? Ngokusobala, ilungu ngalinye layo yonke imikhaya kufanele lifunde futhi lazise izimiso ezithile ezinqanda ukunukubeza abanye. Indawo engcono yokuthola leso siqondiso iseZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.
IZwi LikaNkulunkulu Nobuhlobo Obungokwenyama
Ukuze ivikeleke, yonke imikhaya kufanele ilandele indinganiso yeBhayibheli yokuziphatha. IBhayibheli aligwegwesi lapho lixoxa ngobulili. Likwenza ngendlela ehloniphekile, kodwa engagwegwesi futhi lihlaba esikhonkosini. Libonisa ukuthi uNkulunkulu wadala ukusondelana ngokobulili ukuze kube yisibusiso sangempela endodeni nomkayo. (IzAga 5:15-20) Kodwa liyakulahla ukuziphatha kobulili okwenziwa ngaphandle kwaleli lungiselelo. Ngokwesibonelo, iBhayibheli likhuluma ngokungagunci ngokumelene nobulili phakathi kwezihlobo. KuLevitikusi isahluko 18, kunezinhlobo eziningi zobuhlobo bobulili ezenqatshelwayo phakathi kwezihlobo. Phawula la mazwi ngokukhethekile: “Noma yimuphi umuntu wakini akumelwe asondele kunoma yisiphi isihlobo sakhe segazi ukwambula ubunqunu [ukuba nobuhlobo bobulili]. NginguJehova.”—Levitikusi 18:6.
UJehova wabala izenzo zobuhlobo bobulili phakathi kwezihlobo phakathi ‘kwezinto ezinengekayo’ ezifanelwe yisigwebo sokufa. (Levitikusi 18:26, 29) Ngokusobala, uMdali unezindinganiso eziphakeme kakhulu kule ndaba. Namuhla, ohulumeni abaningi banombono ofanayo, bayakwenqabela ukunukubezwa kwabantwana ngokobulili emkhayeni. Ngokuvamile, umthetho uthi umntwana ophoqwa umuntu omdala ukuba abe nobuhlobo bobulili udlwenguliwe. Kungani usebenzisa igama elinamandla kangaka uma kuwukuthi akaphoqwanga ngokoqobo ukuba akwenze?
Iziphathimandla eziningi seziyakuqaphela lokho iBhayibheli ebelikusho sonke lesi sikhathi ngabantwana—ukuthi ngokuvamile abakwazi ukusebenzisa ukuhluzeka kwengqondo njengabantu abadala. Ngokwesibonelo, kuzAga 22:15 lithi: “Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana.” Umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba abhale: “Ngesikhathi ngiseyingane . . . [nga]ngicabanga njengengane, ngisebenzisa ingqondo njengengane; kodwa njengoba sengiyindoda, sengizilahlile izici zobungane.”—1 Korinte 13:11.
Umntwana akanakukuqonda ngokuphelele okushiwo yizenzo zobulili, futhi umntwana akacabangi ngemiphumela eyolandela ngokuhamba kweminyaka. Ngenxa yalokho, abantu abaningi bayavuma ukuthi abantwana abanakuyinikeza imvume ezwakalayo yokuhlanganyela ubuhlobo bobulili. Ngamanye amazwi, uma umuntu omdala (noma osemusha osekhulile) elala nomntwana, umuntu omdala akanakusithethelela leso senzo ngokuthi umntwana akenqabanga noma ukuthi umntwana ubefuna bakwenze. Lowo muntu omdala unecala lokudlwengula. Lesi isenzo sobugebengu, ngokuvamile esithola isigwebo sejele. Umuntu onecala lokudlwengula umdlwenguli, hhayi isisulu ebesingafuni.
Kodwa-ke, kuyadabukisa ukuthi izenzo eziningi zobugebengu obunjalo azijeziswa yiziphathimandla namuhla. Ngokwesibonelo, e-Australia, kulinganiselwa ukuthi amaphesenti ayishumi kuphela ezaphulam-thetho ezivela phambi kwenkantolo futhi zimbalwa ezithola isigwebo. Namanye amazwe anomlando ofanayo. Nakuba ohulumeni bengase bangakwazi ukwenza okukhulu ekuvikeleni umkhaya wamaKristu, ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kungenza okukhulu.
AmaKristu eqiniso ayaqaphela ukuthi uNkulunkulu owenza ukuba lezo zimiso zibhalwe eZwini lakhe akakashintshi. Ubona zonke izinto esizenzayo, ngisho nalezo abantu abaningi abangaziboni. IBhayibheli lithi: “Zonke izinto zíze futhi zenekwe obala emehlweni alowo esiyolandisa kuye.”—Hebheru 4:13.
Sinecala phambi kukaNkulunkulu uma siphula imiyalo yakhe futhi silimaza abanye. Ngakolunye uhlangothi, uyasibusisa uma sinamathela emiyalweni yakhe eyinzuzo ephathelene nokuphila komkhaya. Imiphi eminye yale miyalo?
Umkhaya Ohlanganiswe Uthando
IBhayibheli liyasitshela: “Uthando . . . luyisibopho esiphelele sobunye.” (Kolose 3:14) Njengoba kuchaza iBhayibheli, uthando aluwona nje umuzwa. Luphawuleka ngendlela olushukumisa abantu ngayo—ngokuziphatha olukukhuthazayo nangezenzo oluzinqabelayo. (1 Korinte 13:4-8) Emkhayeni, ukubonisa uthando kusho ukuphatha ilungu ngalinye ngesithunzi, ngenhlonipho nangomusa. Kusho ukuphila ngokuvumelana nombono kaNkulunkulu ngelungu ngalinye lomkhaya. Unikeza ngamunye indima ehloniphekile nebalulekile.
Njengenhloko yomkhaya, ubaba kufanele ahole ekuboniseni uthando. Uyakuqonda ukuthi ubaba ongumKristu akanalo ilungelo lokuba umashiqela, esebenzisa kabi amandla akhe kumkakhe noma ezinganeni. Kunalokho, ubheka uKristu njengesibonelo sakhe sobunhloko. (Efesu 5:23, 25) Ngakho uphatha umkakhe ngesisa nangothando, nezingane ngesineke nangobumnene. Ubavikela ngobuqotho futhi wenza konke okusemandleni akhe ukuze avimbe noma yini engase ibaphuce ukuthula, ubumsulwa noma umuzwa wabo wokwethemba nokuvikeleka.
Umama, njengenkosikazi, naye unendima ebalulekile futhi ehloniphekile. IBhayibheli lisebenzisa imizwelo engokwemvelo yokuvikela yesilwane esiyinsikazi ukuze libonise indlela uJehova noJesu abavikela ngayo. (Mathewu 23:37) Nomama ongumuntu kufanele aqine ngendlela efanayo ekuvikeleni abantwana bakhe. Ngothando, uyashesha ukubeka ukuvikeleka nenhlalakahle yabo ngaphambi kweyakhe. Abazali abakuvumeli ukusetshenziswa kabi kwamandla, ukuba nonya noma ukusabisa kube yingxenye yendlela abasebenzelana ngayo phakathi kwabo noma nezingane zabo; futhi abazivumeli izingane zabo ukuba zisebenzise imikhuba efanayo kwezinye.
Njengoba ilungu ngalinye lomkhaya liphatha amanye ngenhlonipho, ukukhulumisana okuhle kuyakhula. Umlobi uWilliam Prendergast uthi: “Bonke abazali kufanele bakhulumisane nabantwana babo noma izingane nsuku zonke, njalo, futhi bathululelane isifuba.” Uyanezela: “Lokhu kubonakala kuyikhambi elingcono kakhulu lenkinga yokunukubezwa ngokobulili.” Yebo, iBhayibheli litusa ukukhulumisana okunjalo kwasikhathi sonke futhi okunothando. (Duteronomi 6:6, 7) Uma kusetshenziswa leso siqondiso, ikhaya kuba yindawo lapho ilungu ngalinye lingakhululeka khona futhi likhulume okusenhliziyweni lingesabi.
Kuyavunywa, siphila ezweni elibi futhi akukona konke ukunukubezwa okungavinjelwa. Noma kunjalo, ikhaya eliphephile lingenza umahluko omkhulu. Uma ilungu elithile lomkhaya lilimala ngaphandle kwasekhaya, liyazi ukuthi kufanele liye kuphi ukuze lithole induduzo nozwela. Ikhaya elinjalo liyisiphephepho ngempela ezweni elinezinkathazo. Kwangathi uNkulunkulu angabusisa imizamo yenu yokwenza umkhaya wenu ube njalo kanye!
a Leli gama lesiGreki sasendulo lichazwa ngokuthi: “Ukuba nenhliziyo elukhuni kwabomndeni.” Ngakho enye inguqulo yeBhayibheli ihumusha leli vesi ngale ndlela: ‘Bayontula uthando oluvamile ngemikhaya yabo.’