Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/07 k. 3
  • Ingozi Ekhathaza Bonke Abazali

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingozi Ekhathaza Bonke Abazali
  • I-Phaphama!—2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukukuvimbela Ekhaya
    I-Phaphama!—1993
  • Uthando Nobulungisa Ezweni Elonakele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Indlela Yokuvikela Abantwana Bakho
    I-Phaphama!—2007
  • Amanxeba Afihlekile Okuxhashazwa Kwabantwana
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 10/07 k. 3

Ingozi Ekhathaza Bonke Abazali

UHEATHER noScott bawumbhangqwana ojabule, ongabazali bomfanyana ophilile futhi ohlakaniphile oneminyaka emithathu.a Bayinakekela kahle indodana yabo. Ezweni lanamuhla lokhu akuwona umsebenzi olula. Kuhilela ukubhekana nezinto eziningi ezikhathazayo kanye nemithwalo yemfanelo. Ziningi izinto okudingeka abantwana bazifundiswe! Kunento eyodwa uHeather noScott abakhathazeke ngayo ngokuyinhloko: Bafuna ukuvikela umntwana wabo engozini yokunukubezwa ngokobulili. Ngani?

UHeather uthi: “Ubaba wayeyisidakwa esingenamusa, esasihlala sithukuthele. Wayengibhaxabula, futhi esinukubeza mina nawodadewethu.”b Abantu abaningi bayavuma ukuthi ukunukubezwa ngaleyo ndlela kungadala izibazi ezijulile ngokomzwelo. Yingakho uHeather ezimisele ukuvikela indodana yakhe! UScott uzizwa ngendlela efanayo ngokuyivikela.

Ukunukubezwa kwabantwana kuyabakhathaza abazali abaningi. Mhlawumbe kunjalo nangawe. Ngokungefani noScott noHeather, kungenzeka awukaze ubhekane ngokuqondile nokunukubezwa nemiphumela yako, kodwa akungabazeki ukuthi uke wezwa ngemibiko eshaqisayo yokwanda kwalo mkhuba onyanyekayo. Emhlabeni kabanzi abazali abalungile bayashaqeka lapho bezwa ngalokho okwehlela izingane emphakathini wabo.

Akumangazi ukuthi omunye umcwaningi emkhakheni wezokunukubezwa ngokobulili wathi amazinga okunukubezwa kwezingane “angenye yezinto ezidumaza kakhulu ezitholakala kule nkathi yethu.” Ngokuqinisekile lokhu kuyadabukisa, kodwa ingabe lezi zenzakalo ziyamangalisa? Hhayi kubafundi beBhayibheli. IZwi likaNkulunkulu lichaza ukuthi siphila enkathini yezinkathazo okuthiwa “izinsuku zokugcina,” isikhathi esiphawuleka ngokudlanga kokuziphatha ‘okunolaka,’ lapho abantu babeyoba “abazithandayo” ‘nabangenalo uthando [lwemvelo].’—2 Thimothewu 3:1-5.

Ukunukubezwa ngokobulili kuyindaba ethusayo. Empeleni, abanye abazali bazizwa bephelelwa amandla lapho becabanga ngobubi obukhulu kangaka babantu abafuna izingane ukuze bazinukubeze ngokobulili. Kodwa ingabe le nkinga ingaphezu kwamandla abazali? Noma ingabe zikhona izinyathelo ezingokoqobo abazali abangazithatha ukuze bavikele abantwana babo? Izihloko ezilandelayo zizophendula le mibuzo.

a Amagama akulolu chungechunge lwezihloko ashintshiwe.

b Ukunukubezwa kwengane ngokobulili kwenzeka lapho umuntu omdala esebenzisa ingane ukuze anelise izifiso zakhe zobulili. Kuvame ukuhilela lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ubufebe, noma i-por·neiʹa, okungahlanganisa ukupotopotoza izitho zobulili, ukulala nayo kanye nobulili bomlomo noma bendunu. Ezinye izenzo zokunukubeza—ezinjengokuwotawota amabele, ukukhuluma ngokuziphatha okubi ngendlela eyingcaca, ukubonisa ingane izithombe ezingcolile, ukuzanelisa ngokubukela abantu benza izenzo zobulili nokuveza izitho zobulili obala—iBhayibheli liyakulahla, likubiza ngokuthi “ukuziphatha okubi” noma ‘ukungcola okwenziwa ngokuhaha.’—Galathiya 5:19-21; Efesu 4:19.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela