Ingabe Baphila Isikhathi Eside Kangako Ngempela?
IBhayibheli lithi u-Adamu waphila iminyaka engu-930, uSeti engu-912, kanti uMethusela engu-969—kwasala iminyaka engu-31 nje kuphela ahlanganise eyinkulungwane! (Genesise 5:5, 8, 27) Ingabe leyo minyaka yayilingana neyethu namuhla, noma yayiyizinkathi ezimfushane, mhlawumbe ilingana nezinyanga zethu, njengoba abanye besikisela?
Ubufakazi beBhayibheli ngokwalo bukhomba eminyakeni engokoqobo elingana neyethu. Cabangela lokhu: Ukube unyaka wasendulo wawulingana nenyanga yethu, la madoda alandelayo ayeyoba nabantwana esemancane kakhulu: UKhenani engakayihlanganisi iminyaka eyisithupha, uMahalalele no-Enoke besanda kweva nje eminyakeni emihlanu.—Genesise 5:12, 15, 21.
Ngaphezu kwalokho, abantu basendulo babehlukanisa izinsuku, izinyanga neminyaka. (Genesise 1:14-16; 8:13) Empeleni, imininingwane kaNowa yokubala isikhathi isisiza ukuba sibone ubude benyanga. Ukuqhathanisa uGenesise 7:11, 24 noGenesise 8:3, 4 kubonisa ukuthi izinyanga eziyisihlanu—kusukela ngosuku lwe-17 lwenyanga yesibili kuya osukwini lwe-17 lwenyanga yesi-7—ziyizinsuku ezingu-150. Kusobala-ke ukuthi uNowa wayesebenzisa izinyanga ezinezinsuku ezingu-30, okwenza ezingu-12 zibe unyaka.—Genesise 8:5-13.a
Kodwa abantu babengaphila kanjani iminyaka engu-900 noma ngaphezulu? IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu wenza abantu ukuba baphile phakade futhi isono sika-Adamu salethela umkhaya wesintu ukungapheleli nokufa. (Genesise 2:17; 3:17-19; Roma 5:12) Labo abaphila ngaphambi kweSikhukhula babesondele ekupheleleni kunathi namuhla, futhi akungabazeki ukuthi yilokho okwakuyimbangela eyinhloko yokuphila kwabo isikhathi eside. Ngokwesibonelo, uMethusela waphila ezizukulwaneni ezingu-7 kuphela kusuka ku-Adamu.—Luka 3:37, 38.
Kodwa ngokushesha uJehova uNkulunkulu uyosusa yonke iminonjana yesono sika-Adamu kubo bonke ababonisa ukholo egazini elachitheka leNdodana yakhe, uJesu Kristu. “Inkokhelo yesono ngukufa, kodwa isipho uNkulunkulu asinikezayo ngukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.” (Roma 6:23) Yebo, siyeza isikhathi lapho iminyaka engu-969 eyaphilwa uMethusela iyobonakala imifushane ngempela!
[Umbhalo waphansi]
a Bheka i-Insight on the Scriptures, uMqulu 2, ikhasi 1214, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Igrafu ekhasini 30]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
UMethusela
U-Adamu
USeti
900
800
700
600
500
400
300
200
100
Umuntu ovamile namuhla