“Baboshelwa Ukholo Lwabo”
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EPOLAND
KUZE kube namuhla, amagama athi Arbeit Macht Frei (Umsebenzi Uyakhulula) asatholakala emasangweni ensimbi ekamu lokuhlushwa lase-Auschwitz eningizimu yePoland, elisendaweni engamakhilomitha angaba ngu-60 ukusuka emngceleni weCzech Republic.a Kodwa lawo magama aphikisana nalokho okwenzeka kwabaningi abangena kulawo masango phakathi kuka-1940 no-1945. Ngaleyo minyaka amaNazi abulala abantu abangaphezu kwesigidi e-Auschwitz. Nokho, kunabantu belinye iqembu ababengase bakhululwe noma nini.
Yini eyayidingeka ukuze laba bantu bakhululwe? Noma yisiphi isiboshwa esinguFakazi KaJehova esasingasayina iphepha elithi asiseyena uFakazi oshisekayo sasingase sikhululwe. Iningi lanquma ukwenzenjani? Isazi-mlando u-István Deák sithi oFakazi “babefana namaKristu okuqala ayencamela ukudwengulwa yizingonyama kunokuba anikele umhlatshelo omncane e-altare lombusi waseRoma.” Isinqumo esinjalo ngempela kufanele sikhunjulwe, futhi siye sakhunjulwa.
Izinyanga ezimbili, kusukela ngo-September 21, 2004, ihholo elikhulu lase-Auschwitz-Birkenau State Museum lalinombukiso okhuluma ngoFakazi ngokukhethekile. Lo mbukiso wawunesihloko esifanelekayo, esithi “Baboshelwa Ukholo Lwabo—OFakazi BakaJehova NoMbuso WamaNazi.” Wawunamabhodi angu-27 ombukiso womlando abonisa isinqumo esiqinile soFakazi sokulondoloza ukungathathi-hlangothi kwabo njengamaKristu ngenkathi yamaNazi.
Izivakashi eziningi zathinteka inhliziyo lapho zibona ikhophi yencwadi eyabhalwa uDeliana Rademakers waseNetherlands ngesikhathi esejele. Ebhalela umkhaya wakubo, wathi: “Ngiye ngafunga ukuthi ngizokwenza intando kaJehova. . . . Yibani nesibindi ningesabi. UJehova unathi.” Ngo-1942, uDeliana wadingiselwa e-Auschwitz, lapho afela khona engakapheli namasonto amathathu.
Babengaba ngu-400 sebebonke oFakazi ababese-Auschwitz. Abathathu abasinda babekhona lapho kuvulwa lo mbukiso, futhi balandisa okwenzeka, baphendula nemibuzo yezintatheli. Babebonakala benesibindi, okuyisona esasibasize ukuba basinde ezimweni ezazikuleli kamu.
Encwadini yakhe ethi Imprisoned for Their Faith—Jehovah’s Witnesses in Auschwitz Concentration Camp, umcwaningi uTeresa Wontor-Cichy weState Museum wabhala: “Isinqumo saleli qembu elincane sazithonya ngendlela eyakhayo ezinye iziboshwa, futhi ukuqina kwalo ngokuzimisela nsuku zonke kwaqinisekisa abanye ngokuthi abantu bangahlala bethembekile ezimisweni abanamathela kuzo ngaphansi kwazo zonke izimo.”
Iqiniso liwukuthi ukuboshwa nokubulawa akuyona into abayeshwamayo abalandeli bakaJesu Kristu, naye owaboshwa futhi wabulawelwa ukholo lwakhe. (Luka 22:54; 23:32, 33) Umphostoli kaJesu uJakobe naye wabulawa. Umphostoli uPetru waboshwa, kanti umphostoli uPawulu washaywa futhi waboshwa izikhathi eziningi.—IzEnzo 12:2, 5; 16:22-25; 2 Korinte 11:23.
Ngokufanayo, ngawo-1930 nawo-1940 oFakazi BakaJehova eYurophu baba yisibonelo esivelele sokubonisa ukholo kuNkulunkulu. Kuyancomeka ukuthi ukholo lwabantu abanjalo luye lwaqashelwa e-Auschwitz.
[Umbhalo waphansi]
a Empeleni ikamu lase-Auschwitz lalinezingxenye ezintathu eziyinhloko—i-Auschwitz I (ikamu elikhulu), i-Auschwitz II (eseBirkenau) kanye ne-Auschwitz III (eseMonowitz). Amagumbi amaningi odumo anesisi esinobuthi ayeseBirkenau.
[Isithombe ekhasini 10]
Abathathu abasinda e-Auschwitz bephethe ibhodi elibonisa isihloko sombukiso
[Izithombe ekhasini 11]
UDeliana Rademakers, kanye nencwadi ayibhala esejele
[Umthombo]
Inset photos: Zdjęcie: Archiwum Państwowego Muzeum Auschwitz-Birkenau
[Umthombo Wesithombe ekhasini 10]
Tower: Dzięki uprzejmości Państwowego Muzeum Auschwitz-Birkenau