‘Ngifuna Ukukhonza UNkulunkulu Ngaphambi Kokuba Ngife’
INDABA KAMAMIE FREE
NGO-1990 kwagqashuka impi yombango eLiberia. Njengoba impi iya ishuba, uMamie, intombazane engumKrahn eneminyaka engu-12 ubudala, kanye nabakubo bavaleleka emzini wakubo eMonrovia, inhloko-dolobha. UMamie uthi: “Sezwa kuqhuma okuthile kwamakhelwane. Kwakuyisikhali esijikijelwayo, esaqhuma maqede sathungela lowo muzi ngomlilo. Amalangabi adlulela ngasekhaya, futhi umuzi wakithi nawo washa.” Naphezu kwempi eyayibambene ngezihluthu, uMamie, unina kanye noninamalume omncane babaleka.
UMamie uyakhumbula: “Kwathi nginganake lutho ngethuka sengishaywa okuthile.”
“Umama wabuza, ‘Kwenzenjani?’”
Ngaphendula, “Kukhona okungishayile! Ngicabanga ukuthi inhlamvu.”
Ngenxa yezinhlungu, uMamie wawela phansi, futhi wathandaza: “Nkulunkulu ngicela ungilalele. Ngicabanga ukuthi sengizokufa, kodwa ngifuna ukukukhonza ngaphambi kokuba ngife.” Ngemva kwalokho waquleka.
Omakhelwane babecabanga ukuthi uMamie ushonile, ngakho babefuna ukumngcwaba endaweni eseduze ngasogwini. Kodwa unina waphikelela ethi makayiswe esibhedlela esiseduze. Kuyadabukisa ukuthi isibhedlela sasingakulungele ukunakekela inqwaba yabantu ababengena belimele, amadoda, abesifazane nezingane. Umalume kaMamie, naye owayelimele, washona ngalobo busuku, kodwa uMamie wasinda nakuba akhubazeka kwesingezansi.
Waqhubeka ophela ngaphakathi, okwakumzwisa ubuhlungu obukhulu. Ekugcineni, ngemva kwezinyanga ezine, odokotela bathatha ama-X-ray ukuze babone ukuthi ikuphi inhlamvu. Yayingene yaze yayobhajwa phakathi kwenhliziyo namaphaphu. Kwakuyoba ingozi kakhulu ukumhlinza, ngakho unina wamyisa enyangeni. UMamie uyakhumbula: “Inyanga yangisika ngensingo, ngemva kwalokho yabeka umlomo wayo enxebeni izama ukumunca inhlamvu. ‘Nakho-ke,’ isho ikhipha inhlamvu emlonyeni. Sayikhokhela sabe sesiyahamba.”
Kodwa lo muntu wayenamanga. Amanye ama-X-ray abonisa ukuthi le nhlamvu yayisekhona. Ngakho uMamie nonina baphinde banikela kule nyanga, eyafike yabaqinisekisa ngokuthi kwakusazodlula izinyanga ezingu-9 ngaphambi kokuba ama-X-ray abonise ukuthi inhlamvu isiphumile ngempela. Babuyela ekhaya, balinda ngesineke. Phakathi naleso sikhathi, uMamie waqhubeka ephuza imithi ehlukahlukene ukuze adambise izinhlungu. Ezinyangeni ezingu-9 kamuva, kwathathwa amanye ama-X-ray. Inhlamvu yayisekhona. Le nyanga yabaleka.
Kwase kuphele izinyanga ezingu-18 manje le nhlamvu isemzimbeni kaMamie. Esinye isihlobo sakubo samyisa kowesifazane oyisangoma. Kunokuba sisize, lesi sangoma sathi uMamie noma unina bazokufa ngosuku oluthile. UMamie manje wayeseneminyaka engu-13 ubudala. Uthi: “Ngamane ngakhihla isililo. Kodwa lapho lufika lolo suku olungaliyo, akekho owashona.”
Ngemva kwalokho, umfowabo kayise wahamba noMamie wamyisa komunye umholi wesonto owathi ubonisiwe embonweni ukuthi uMamie ukhutshazwe ukuthakathwa, hhayi inhlamvu. Wathembisa ukuthi liyothi liphela isonto ebe esekwazi ukuzihambela uMamie, uma nje elandela yonke imicikilisho athi makayenze. UMamie uyachaza: “Ngageza kaningi ngamanzi angcwele asolwandle, ngazila ukudla, futhi ngangizigingqa njalo enhlabathini ebusuku phakathi kwamabili cishe okwathatha amahora amaningi. Kodwa yonke le mizamo yaba yize leze, futhi isimo sami sahlala sinjalo.”
Nokho, ekugcineni ezinye izibhedlela zaqala ukusebenza, futhi yagcina seyikhishiwe inhlamvu kuMamie. Kwase kuphele iminyaka engaphezu kwemibili eqaqanjelwa. Uyakhumbula: “Ngemva kokuhlinzwa, zacishe zaphela zonke izinhlungu, futhi kwaba lula kakhulu ukuphefumula. Nakuba ngisakhubazekile ngezinga elithile, ngangikwazi ukuzimela ngohlaka lokuhamba.”
UMamie Uhlangana NoFakazi BakaJehova
Emasontweni ambalwa ngemva kokuba uMamie ehlinziwe, unina wahlangana noFakazi BakaJehova ababili. Wabamema ukuba beze kwakhe njengoba ayazi ukuthi indodakazi yakhe iyakuthanda ukufunda iBhayibheli. UMamie wasamukela ngokushesha isifundo seBhayibheli. Kodwa ngemva kwezinyanga ezimbalwa, wabuyela esibhedlela wayeselahlekelana noFakazi.
Noma kunjalo, uMamie waqhubeka efuna ukwazi okwengeziwe ngeBhayibheli. Ngakho lapho kufika umholi welinye isonto futhi ethi uzomsiza, uMamie walwamukela usizo. Phakathi nekilasi likaSonto-sikole, omunye umfundi wabuza uthisha: “Ingabe uJesu noNkulunkulu bayalingana?”
Lo thisha waphendula: “Yebo bayalingana. Kodwa uJesu akalingani ncamashí noNkulunkulu.”
UMamie wathi enhliziyweni yakhe: ‘Akalingani ncamashí? Ayizwakali le nkulumo. Kukhona okushaya amanzi la.’ UMamie wagcina eseyekile ukuzihlanganisa nalelo sonto ngoba wayengabaza ukuthi ufunda iqiniso leBhayibheli.
Ngo-1996 kwaphinde kwagqashuka udlame eMonrovia. UMamie washonelwa ezinye izihlobo zakhe ezimbili, futhi umuzi wakubo waphinde washa. Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, oFakazi ababili bahlangana noMamie lapho beshumayela endlini ngendlu. UMamie waphinde waqala isifundo sakhe seBhayibheli. Lapho eya emhlanganweni okokuqala ngqá, wamangala lapho ebona ukuthi wonke umuntu wayesiza ekuhlanzeni iHholo LoMbuso—kuhlanganise nabadala bebandla. Kamuva ngalowo nyaka, wajabula kakhulu ngokuba khona eMhlanganweni Wesigodi ‘Wezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu,’ umbuthano wokuqala omkhulu woFakazi BakaJehova aya kuwo.
UMamie uthi: “Ngahlabeka umxhwele kakhulu. OFakazi babethandana ngempela, nakuba babengabezinhlanga ezihlukahlukene. Futhi konke kwakuhleleke kahle.”
Ukugcwalisa Isifiso Sakhe Sokukhonza UNkulunkulu
Kwaphinde kwagqashuka enye impi ngo-1998, eyaphoqa uMamie nonina ukuba babalekele eCôte d’Ivoire engumakhelwane, lapho bafike bahlala khona nabanye abantu baseLiberia abangaba ngu-6 000 eKamu Lababaleki lasePeace Town. UMamie waqhubeka efunda iBhayibheli noFakazi futhi wathuthuka ngokushesha. Khona manjalo, wayesefuna ukuhlanganyela ukholo lwakhe nabanye. Ukuze akwazi ukuhlanganyela enkonzweni yasobala, abafowabo nodadewabo abangokomoya babemsiza ngokumqhuba ngesihlalo sakhe sabakhubazekile. Ngale ndlela, uMamie wayekwazi ukushumayela kubantu abaningi abangababaleki.
Nakuba impilo yakhe ebuthaka yayikwenza kube nzima ukuba aye eHholo LoMbuso, elalisendaweni eqhele ngamakhilomitha ayisithupha ukusuka lapho ayehlala khona, uMamie wayeba khona kuyo yonke imihlangano. Ngo-May 14, 2000, wahamba ibanga elingaphezu kwamakhilomitha angu-190 eya emhlanganweni okhethekile wosuku olulodwa eyobonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuNkulunkulu ngokubhapathizwa emanzini. (Mathewu 28:19, 20) Phambi kwabantu abaningi ababegcwele izinyembezi, uMamie wathwalwa wayiswa emfudlaneni, lapho acwiliswa khona. Ubuso bakhe babugcwele injabulo njengoba ayephuma emanzini.
Manje njengoba esehlala ekamu lababaleki eGhana, umgomo kaMamie uwukuba abe yiphayona elivamile, noma umshumayeli wesikhathi esigcwele. Unina naye uye waqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi manje usekuhlanganyela nabanye lokho akufundile. Bobabili balangazelela ukubona isikhathi esithenjiswe eZwini likaNkulunkulu lapho ‘olunyonga eyoqombola njengendluzele, nolimi loyisimungulu luyokhamuluka ngokuthokoza.’—Isaya 35:5-7.
[Isithombe ekhasini 22]
Inhlamvu eyakhishwa emzimbeni kaMamie
[Isithombe ekhasini 23]
UMamie ngesikhathi efakwa emfudlaneni ebhapathizwa
[Isithombe ekhasini 23]
Eqhuba isifundo seBhayibheli nonina, u-Emma