Sonke Kumelwe Sifake Isandla Ukuze Sigcine Ikhaya Lihlanzekile
Ngumlobeli we-Phaphama! eMexico
YEKA ukuthi kumnandi kanjani ukuhlala endaweni ehlanzekile futhi enakekelwa kahle! Nokho, njengoba udoti nemfucumfucu kwanda emadolobheni, kuya kuba nzima kakhulu ukuyigcina ihlanzekile futhi icocekile indawo esizungezile.
Omasipala benza imizamo emikhulu yokugcina imigwaqo ihlanzekile ngokuhlela isimiso sokuthutha udoti, kodwa naphezu kwale mizamo, udoti uyanqwabelana kwezinye izindawo, futhi awubukeki kanti ubeka impilo yomphakathi engozini. Ukunqwabelana kukadoti kungaba nomthelela ekwandeni kwamagundane, amaphela nezinye izinambuzane ezithwala izifo. Ingabe kukhona ongakwenza ngalesi simo? Yebo, gcina ikhaya lakho kanye nendawo ekuzungezile kuhlanzekile futhi kucocekile.
Isimo Sengqondo Esifanele
Abanye abantu bacabanga ukuthi izindawo noma izindlu ezingcolile zihambisana nobumpofu. Kodwa akunjalo ngempela. Yiqiniso, ukuntula imali kungakwenza kube nzima kakhulu ukugcina indawo esizungezile ihlanzekile. Kodwa njengoba isaga seSpanishi sisho, “ubumpofu abuxabene nokuhlanzeka.” Kanti neqiniso lokuthi umuntu unemali eyanele akusona isiqinisekiso sokuthi uyoyigcina ihlanzekile indawo ahlala kuyo.
Ukuhlanzeka ekhaya nasendaweni ezungezile kuxhomeke kakhulu esimweni sengqondo esishukumisela umuntu ukuba athathe isinyathelo. Empeleni, ukugcina ikhaya lihlanzekile kuxhomeke kakhulu esimweni sengqondo sawo wonke umkhaya. Ngenxa yalesi sizathu kungakuhle ukuba sihlole indlela thina sonke esingafaka ngayo isandla ekugcineni ikhaya lihlanzekile, kuhlanganise nendawo esihlala kuyo.
Isimiso Sokuhlanza
Kubonakala sengathi umsebenzi kamama wokunakekela ikhaya awupheli. Ngaphandle kokupheka nokulungisa izingane ngaphambi kokuba ziye esikoleni, kufanele umama asebenze ukuze agcine ikhaya negceke kuhlanzekile. Uyaqaphela yini ukuthi njalo nje ngumama oqoqa izingubo zokugqoka ezingcolile noma izinto ezithile izingane zakhe ezizishiya emagumbini azo? Isimiso esicacile sokuhlanza ikhaya esihlanganisa wonke umkhaya singasiza ekunciphiseni umthwalo kamama.
Amanye amakhosikazi aye anqume ukuthi kukhona izinto ezidinga ukuhlanzwa nsuku zonke, kuyilapho ezinye zingase zihlanzwe kanye ngesonto, noma kanye ngenyanga. Empeleni, kukhona izinto okungahlelwa ukuba zihlanzwe kanye ngonyaka. Ngokwesibonelo, emaKhaya aseBethel, ezweni ngalinye lapho kunehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova, kuye kuhlanzisiswe zonke izindawo zokugcina izimpahla kanye ngonyaka. Leso isikhathi sokuba umuntu alahle konke okungasasebenzi, abese ebeka izinto ngononina. Kukhona nesimiso sokugeza izindonga ngezikhathi ezithile.
Kukhona izindawo ezithile ekhaya okubaluleke kakhulu ukuba zigcinwe zihlanzekile ukuze umkhaya ungangenwa izifo, njengendlu yangasese. Nakuba kufanele ihlanzwe nsuku zonke, mhlawumbe kanye ngesonto ingase ihlanzisiswe ukuze igcinwe ingahlalwa mpukane. Abanye bacabanga ukuthi izisihla eziba sesitsheni sendlu yangasese azinakugwenywa futhi azikhucululeki nhlobo. Kodwa akhona amakhaya anezindlu zangasese ezingahlalwa mpukane, ezihlala zicwebezela. Kudingeka nje uyihlanze njalo futhi usebenzise imithi efanele.
Ikhishi nalo lidinga ukuhlanzwa ngokucophelela. Nakuba uzigeza nsuku zonke izitsha, usule isitofu namatafula, kuyadingeka ukuba ngezikhathi ezithile—mhlawumbe kanye ngenyanga—uhlanzisise izindawo ezithile, njengasemuva kwesitofu nangaphansi kukasinki. Ukuhlanza indawo yokugcina ukudla noma amakhabethe njalo kuyoxosha amaphela nezinye izinambuzane eziyingozi.
Ukubambisana Komkhaya
Abanye abazali babekela izingane zabo imithetho futhi baziqeqeshe ukuba zendlale imibhede, ziqoqe izinto zazo nezingubo zokugqoka bese zizibeka ezindaweni zazo ezifanele ngaphambi kokuba ziye esikoleni. Nanku umthetho osebenzayo kuwo wonke umuntu, “Zonke izinto mazibekwe ngononina.”
Ngaphezu kwalokho, amanye amalungu omkhaya angabelwa umsebenzi othile noma abelwe ukuba ahlanze igumbi elithile. Ngokwesibonelo, ingabe ubaba angakwazi ukubeka izinto ngononina futhi ahlanze igalaji okungenani kanye ngonyaka? Ingabe enye yezingane ingamsiza kulo msebenzi? Ubani owabelwe ukuhlakula ukhula egcekeni noma ukugunda utshani? Lo msebenzi kufanele wenziwe izikhathi ezingaki ukuze igceke lihlale libukeka kahle? Ingabe kukhona indawo yokugcina izimpahla ezingasebenzi ekhaya okudingeka ukuba ihlolwe bese kulahlwa yonke imfucumfucu engasadingeki ukuze igcinwe icocekile? Uma kunjalo, ubani oyokwenza lowo msebenzi? Abanye abazali babela izingane zabo le misebenzi, zishintshane ngayo ngezikhathi ezithile.
Ngakho-ke, yenza isimiso esihlelwe kahle sokunakekela ikhaya. Kungakhathaliseki ukuthi uzibambela mathupha lo msebenzi noma uwenza nomkhaya wakho noma kudingeka uqashe othile ukuze akusize, kubalulekile ukuba nesimiso esicacile. Omunye umama ogcina ikhaya lakhe lihlanzekile ulandisa indlela wonke umkhaya obambisana ngayo kulo msebenzi wokunakekela ikhaya: “Ngiye ngizabele mina namadodakazi ami amathathu umsebenzi wasekhaya. UNorma Adriana uhlanza igumbi lokuphumula, amakamelo amabili okulala, uvulandi ashanele nangaphandle kwegceke. U-Ana Joaquina unakekela ikhishi. Mina ngiwasha izingubo zokugqoka nginakekele nezinye izinto kuyilapho uMaría del Carmen egeza izitsha.”
Ukubukeka Kahle Kwegceke
Kuthiwani ngegceke lomuzi? Kungakhathaliseki ukuthi uhlala endlini kanokusho noma endlini evamile nje, kubalulekile ukuba nesimiso sokuhlanza nesokunakekela igceke. Ngokwesibonelo, kungase kuxege ibhawodi esangweni. Wazi kahle ukuthi lingabukeka kabi kanjani lelo sango uma lingase liyekwe nje kanjalo lingalungiswa lize liwe ekugcineni. Kungashiwo okufanayo ngodoti oyekwa unqwabelane ngasesangweni lomuzi noma ngaphandle kwegceke. Kanti ngezinye izikhathi uye uthole igceke ligcwele inqwaba yamathini namathuluzi kanye nezinye izinto ezishiywe ngaphandle, futhi lezi zinto zingaba ikhaya elihle lezinambuzane nezilwanyana.
Eminye imikhaya iye yanquma ukuba kanye ngosuku noma njalo ngesonto, kuye ngokwesidingo, iyoshanela futhi ibuthe izibi ezindaweni ezizungeze ikhaya, kuhlanganise nezindawo zabahamba ngezinyawo ngisho nasemgwaqweni ngaphambi komuzi. Kuyiqiniso ukuthi kwezinye izindawo umasipala unesimiso esihle kakhulu sokugcina indawo yomphakathi ihlanzekile, kodwa kwezinye izindawo asikho leso simiso. Ngokungangabazeki, indawo esihlala kuyo iyobukeka kahle kakhulu futhi ngeke ibeke ukuphila kwethu engozini uma sonke sifaka isandla ekuyigcineni ihlanzekile.
Eminye imikhaya ayigcini nje ngokuba nesimiso esihlanganisa le misebenzi ebalwe ngenhla kodwa isibhala phansi bese isichoma lapho umkhaya ungasibona khona ukuze ukwazi ukusilandela. Lokhu kungaba nemiphumela emihle kakhulu. Yiqiniso, kulesi sihloko asikhulumanga ngakho konke okufanele ukwazi ngokuhlanza ikhaya. Ngokwesibonelo, kudingeka unqume ukuthi yimiphi imithi yokuhlanza efaneleka kakhulu emphakathini wenu nokuthi yimaphi amathuluzi ongakwazi ukuwathenga ngokwemali onayo.
Ngokuqinisekile, la maphuzu ambalwa asikiselwe azokwenza wonke umkhaya wazi ngesidingo sokunakekela ikhaya nendawo elizungezile. Khumbula, ukugcina ikhaya nendawo elizungezile kuhlanzekile akuxhomekile esimweni sakho sezomnotho kodwa esimweni sakho sengqondo.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 16]
Isimiso Esiwusizo Sokuhlanza Ikhaya
Nezela amaphuzu akho esikhaleni esisele kulolu hlu
Siza uqaphele: Ukuxuba imithi yokuhlanza kungaba ingozi enkulu, ikakhulu ukuxuba i-bleach nomuthi wokuhlanza onekhemikhali i-ammonia
✔ Nsuku Zonke
❏ Ikamelo lokulala: Yendlala imibhede bese ubeka izinto ngononina
❏ Ikhishi: Geza izitsha nosinki. Susa izinto ezigcwele phezu kwamatafula naphezu kwamakhabethe. Shanela noma ukolobhe, uma kudingeka
❏ Indlu yangasese: Hlanza usinki nesitsha sendlu yangasese. Beka izinto ngononina
❏ Igumbi lokuphumula namanye amagumbi: Beka izinto ngononina. Dasida ifenisha. Shanela noma ukolobhe, uma kudingeka
❏ Yonke indlu: Lahla izibi endaweni efanele
✔ Masonto Onke
❏ Ikamela lokulala: Shintsha amashidi. Shanela noma ukolobhe, uma kudingeka. Dasida ifenisha
❏ Ikhishi: Geza isitofu, usule izinto zikagesi eziphezu kwamakhabethe kanye nosinki. Kolobha
❏ Indlu yangasese: Geza izindonga zeshawa nazo zonke izinto zalapho. Hlanza isitsha sendlu yangasese, usule amakhabethe nokunye ngomuthi obulala amagciwane. Shintsha amathawula. Shanela noma ukolobhe
✔ Nyanga Zonke
❏ Indlu yangasese: Gezisisa lonke udonga
❏ Yonke indlu: Sula amafulemu eminyango. Dasida izihlalo noma uzisulisise
❏ Ingadi, igceke negalaji: Shanela bese ukolobha, uma kudingeka. Gwema ukunqwabelana kukadoti noma kwezinto ezingadingeki
✔ Njalo Ngemva Kwezinyanga Eziyisithupha
❏ Ikamela lokulala: Washa izinto ezemboza umbhede ulandela iziqondiso zomenzi wazo
❏ Ikhishi: Khipha konke okusesiqandisini usihlanzisise
❏ Indlu yangasese: Khipha konke okusemashalofini nasemadiloweni uwasulisise. Lahla konke okungasadingeki noma izinto esezindala
❏ Yonke indlu: Sula amalambu, iziphephetha-moya nezibani ezixhunyiwe. Sula iminyango. Sula amanetha avimbela izinambuzane, ugeze amafasitela kanye namafulemu awo
✔ Njalo Ngonyaka
❏ Ikamela lokulala: Khipha konke okusemakhabetheni ezingubo zokugqoka uwasulisise. Lahla izinto ezingasadingeki. Washa izingubo zokulala. Thintitha umatilasi. Washa imicamelo ulandela iziqondiso zomenzi wayo
❏ Ikhishi: Khipha konke okusemashalofini nasemakhabetheni uwasule kahle. Lahla konke okungasadingeki. Qhelisa isiqandisi nesitofu ukuze ukwazi ukukolobha ngaphansi
❏ Indlu yonke: Geza zonke izindonga. Thintitha izihlalo ezimbozwe ngendwangu uwashe namakhethini ulandela iziqondiso zomenzi wawo
❏ Igalaji noma indawo yokugcina impahla: Shanela kahle. Hlela izinto kahle noma ulahle ezingasadingeki
[Izithombe ekhasini 18]
“Zonke izinto mazibekwe ngononina”
[Izithombe ekhasini 18]
Ukulahla izinto ongasa-zisebenzisi kungaba usizo