Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g03 11/8 k. 22-k. 23 isig. 6
  • Lapho Obathandayo Bekwenye Inkolo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Obathandayo Bekwenye Inkolo
  • I-Phaphama!—2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubuhlobo Obukhethekile
  • Kubalulekile Ukulinganisela
  • Xhumana Nabo Njalo Futhi Ubonise Uthando
  • Indlela Yokugcina Ukuthula Nezihlobo Zenu
    Umndeni Wakho Ungajabula
  • Iqiniso Liletha Inkemba Hhayi Ukuthula
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Ukwazisa Abazali Bethu Abagugile
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Ngingamkhonza Kanjani UNkulunkulu Uma Abazali Bami Bengiphikisa?
    I-Phaphama!—1987
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2003
g03 11/8 k. 22-k. 23 isig. 6

Umbono WeBhayibheli

Lapho Obathandayo Bekwenye Inkolo

UMTHOMBO othile ulinganisela ukuthi kunezinkolo namahlelo angaphezu kuka-10 000 emhlabeni. Kwelinye izwe abantu abadala abangaba amaphesenti angu-16 baye bashintsha inkolo esikhathini esithile ekuphileni kwabo. Akumangalisi-ke ukuthi kunokungqubuzana endabeni yezinkolelo zenkolo phakathi kwezihlobo nabangane. Ngezinye izikhathi lokhu kuphazamisa ubuhlobo. Yingakho kuphakama lo mbuzo, AmaKristu kufanele abaphathe kanjani abathandekayo abakwenye inkolo?

Ubuhlobo Obukhethekile

Ngokwesibonelo, cabangela lokho iBhayibheli elikushoyo ngobuhlobo obukhethekile phakathi kwabazali nezingane zabo. Akukho sikhathi esinqunyiwe emyalweni oku-Eksodusi 20:12 othi “hlonipha uyihlo nonyoko.” Eqinisweni, lapho uJesu exoxa ngalo myalo, njengoba kulotshwe kuMathewu 15:4-6, kusobala ukuthi wayekhuluma ngenhlonipho izingane esezikhulile okwakufanele ziyinike abazali bazo.

Incwadi yeBhayibheli yezAga ixwayisa ngokwedelela abazali. IzAga 23:22 ziluleka ukuba “ungamedeleli unyoko ngoba nje esegugile.” IzAga 19:26 zixwayisa ngokungagunci ukuthi umuntu “ohlukumeza uyise noxosha unina uyindodana eyenza ngokuhlazisayo nangokuyichilo.”

ImiBhalo ikwenza kucace ukuthi akufanele sidebeselele abazali bethu. Ukuthi abazali bethu abayamukeli inkolo yethu akubuchithi ubuhlobo esinabo nabo. Lezi zimiso zeBhayibheli zisebenza ngendlela efanayo nakwezinye izihlobo zegazi nakumngane womshado. Ngokusobala, amaKristu ahlala enesibopho sikanembeza nesingokomBhalo sokuthanda izihlobo zawo.

Kubalulekile Ukulinganisela

Kuyiqiniso ukuthi iBhayibheli lixwayisa ngokujwayelana nababi, futhi leli thonya lingavela kubantu abayizihlobo zegazi. (1 Korinte 15:33) Izinceku eziningi zikaNkulunkulu ezithembekile zesikhathi esidlule zanamathela kokulungile ngisho nalapho abazali bazo babengavumelani nazo. Kusobala ukuthi kwaba njalo ngamadodana kaKhora. (Numeri 16:32, 33; 26:10, 11) AmaKristu eqiniso akufanele ayekethise okholweni lwawo ukuze ajabulise abanye, ngisho nezihlobo zawo.—IzEnzo 5:29.

Kwezinye izimo abazali noma abanye abathandekayo balwa ngempela nezinkolelo zomKristu. Abanye bangaze babe nayizitha zobuKristu beqiniso. Ezimweni ezinjalo amaKristu athatha izinyathelo ezinengqondo zokuvikela ingokomoya lawo. UJesu wakubeka kahle: “Izitha zomuntu kuyoba abantu bendlu yakubo. Lowo othanda kakhulu uyise noma unina kunami akangifanele; futhi othanda kakhulu indodana noma indodakazi kunami akangifanele.”—Mathewu 10:36, 37.

Nokho, ezimweni eziningi amaKristu awabhekani nokuphikiswa okubi okuvela kwabathandekayo. Kumane nje kuwukuthi izihlobo zawo aziziqondi ngendlela efanayo izimfundiso zeBhayibheli. ImiBhalo Engcwele ikhuthaza abalandeli bakaKristu ukuba baphathe abangakholwa “ngobumnene” “nangenhlonipho ejulile.” (2 Thimothewu 2:25; 1 Petru 3:15) IBhayibheli liluleka kahle: “Inceku yeNkosi akufanele ilwe, kunalokho kufanele ibe mnene kubo bonke.” (2 Thimothewu 2:24) Umphostoli uPawulu wabuye weluleka amaKristu ukuba ‘angakhulumi kabi ngamuntu, angabi yizilwi, abe alinganiselayo, ebonisa bonke ubumnene kubantu bonke.’—Thithu 3:2.

Xhumana Nabo Njalo Futhi Ubonise Uthando

Kweyoku-1 Petru 2:12, amaKristu anikezwa lesi sikhuthazo: “Gcinani ukuziphatha kwenu kukuhle phakathi kwezizwe [abangakholwa], ukuze . . . zikhazimulise uNkulunkulu . . . ngenxa yemisebenzi yenu emihle ezingofakazi bayo bokuzibonela.” Ngokuvamile, abathandekayo abanezinkolelo ezihlukile kwezethu bayazibona izinguquko iBhayibheli elizenzile ekuphileni kwethu. Khumbula ukuthi abaningi ababezithela ngabandayo noma ababephikisana ngisho nokuphikisana neqiniso leBhayibheli baye bashintsha umqondo wabo. Kungenzeka kuye kwathatha iminyaka eminingi bebhekisisa ukuziphatha okuhle komngane womshado noma kwengane ngaphambi kokuba abanye balabo bantu bahlole isizathu sokuziphatha okunjalo. Uma abantu bengawamukeli amaqiniso eBhayibheli, makungabi ngenxa yokuthi othandekayo ongumKristu wabashaya ndiva.

Kuyiqiniso ukuthi izimo ziyahlukahluka futhi amanye amaKristu angoFakazi ahlala kude nabazali bawo. Kungase kungenzeki ukuvakasha kaningi ngendlela umuntu afisa ngayo. Kodwa ukubhala izincwadi, ukushaya ucingo, noma ukuxhumana njalo ngezinye izindlela kuyoqinisekisa esibathandayo ukuthi siyabathanda. Abaningi abangewona amaKristu eqiniso bayabathanda abazali babo nezinye izihlobo futhi baxhumana nabo njalo kungakhathaliseki ukuthi bakuyiphi inkolo. Ingabe amaKristu angoFakazi akufanele enze okufanayo?

[Isithombe ekhasini 22]

Ukuxhumana njalo nabathandekayo bakho kuyobaqinisekisa ukuthi uyabathanda

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela