Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 6/8 kk. 12-31
  • Ingabe AmaKristu Kufanele Ashumayeze Abanye?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe AmaKristu Kufanele Ashumayeze Abanye?
  • I-Phaphama!—2002
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufundisa Ngegunya
  • Ukuphoqelela Noma Ukuthonya—Yikuphi?
  • Isinqumo Somuntu Siqu
  • “Akekho Omunye Umuntu Owake Wakhuluma Kanje”
    ‘Woza Ube Ngumlandeli Wami’
  • “Benifanele Ukuba Nibe-Ngabafundisi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ukuba Izikhonzi Ezihambisana Nezinguquko Nezizivumelanisa Nezimo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • “Qhubeka Uzimisela . . .  Ekufundiseni”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 6/8 kk. 12-31

Umbono WeBhayibheli

Ingabe AmaKristu Kufanele Ashumayeze Abanye?

MHLAWUMBE indlela okhuliswe ngayo noma isiko lakini alivumi ukuba uxoxe ngezindaba zenkolo nabantu abangebona abasekhaya noma uma ungekho esontweni. Ngenxa yalokho, ungase ucasuke uma othile efika kwakho engamenyiwe ephethe iBhayibheli. Kwabanye, lo mbono uye wakhuthazwa yizenzo ezinobudlova zomlando wenkolo ezazenziwa ngezaba zokuthi kusindiswa umphefumulo.

Umlando wamazwe amaningi ulandisa ngokuguqulwa kwenqwaba yabantu, bengashukunyiswa ukuthanda uKristu kodwa kunalokho, besaba usiko lwenkemba. Abantu abaningi bazifihla, bashiya amakhaya namazwe akubo, noma baze bafa nokufa—abanye beshiswa ezigxotsheni—kunokuba baguqukele enkolweni yabashushisi babo.

Imibhalo ephefumulelwe yeBhayibheli ayizisekeli izenzo zokuguqula abantu ngempoqo. Ingabe-ke lokho kusho ukuthi umuntu akufanele axoxe nabanye ngezinkolelo zakhe ezingokwenkolo? IBhayibheli ngokwalo liyaphendula.

Ukufundisa Ngegunya

Okokuqala, cabanga ngesibonelo esabekwa nguJesu Kristu. Wayengumfundisi oyingcweti owathonya ukuphila kwezilaleli zakhe. (Johane 13:13, 15) ENtshumayelweni YaseNtabeni, wafundisa ngendlela elula kodwa enamandla. Umphumela waba ukuthi izilaleli zakhe “zakhexa ngendlela yakhe yokufundisa; ngoba wayezifundisa njengomuntu onegunya.” (Mathewu 7:28, 29) Nakuba sekwadlula iminyaka engaba ngu-2 000, izimfundiso zakhe zisabathinta abantu lapho bezihlola. Enanela lo mbono, uProfesa Hans Dieter Betz waphawula ukuthi “ithonya leNtshumayelo YaseNtabeni lidlulela ngalé kwemingcele yobuJuda nobuKristu, ngisho neyempucuko yaseNtshonalanga.”

Ngaphambi nje kokwenyukela ezulwini, uJesu wakhipha umyalo owaqinisekisa ukuthi ngemva kokufa kwakhe, umsebenzi wokufundisa ayewuqalile wawuzoqhubeka futhi uchume. (Johane 14:12) Wayala abafundi bakhe ukuba baye kubantu bazo zonke izizwe, ‘babafundise ukugcina zonke izinto’ ayebayale ngazo. UJesu wacacisa injongo eyinhloko yalesi sabelo kuyo leyo nkulumo, lapho ethi: ‘Ngakho-ke hambani niyokwenza abafundi.’—Mathewu 28:19, 20; IzEnzo 1:8.

Cabanga futhi nangesibonelo somphostoli uPawulu. Ngemva kokuguqukela kwakhe ebuKristwini, akazange abe namahloni okutshela abanye ngokholo lwakhe olusha. (IzEnzo 9:17-19, 22) UPawulu wayenomkhuba wokushumayela esinagogeni nokuchaza “ngezingcaphuno ukuthi kwakudingekile ukuba uKristu ahlupheke futhi avuke kwabafileyo.” Ngobuciko, “wabonisana nabo ngemiBhalo” ukuze ‘athonye amaJuda namaGreki.’ Incwadi ethile ithi igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukuthonya” lisho “ukushintsha ingqondo ngokuthonya ngezizathu noma ngokushukumisa unembeza.” Umphumela wokubeka kukaPawulu izizathu ngendlela ethonyayo waba ukuthi ‘wathonya isixuku esikhulu wasiphendulela komunye umbono.’—IzEnzo 15:3; 17:1-4, 17; 18:4; 19:26.

Ukuphoqelela Noma Ukuthonya—Yikuphi?

Ezikhathini zanamuhla, inkulumo ethi “ukuguqulela kwenye inkolo” isetshenziselwa ukuchaza ukuguqula ngempoqo kohlobo oluthile. IBhayibheli aliwusekeli lowo mkhuba. Kunalokho, lifundisa ukuthi abantu badalwa bekhululekile, benelungelo nomthwalo wemfanelo wokukhetha indlela abaphila ngayo. Lokhu kuhlanganisa nesinqumo sokuthi bazomkhulekela kanjani uNkulunkulu.—Duteronomi 30:19, 20; Joshuwa 24:15.

UJesu wayelihlonipha ilungelo ayelinikwe nguNkulunkulu ngokungalokothi asebenzise amandla akhe amakhulu negunya lakhe ukuba aphoqelele, noma acindezele othile ukuba amukele amazwi akhe. (Johane 6:66-69) Washukumisa izilaleli zakhe ngokusebenzisa izizathu ezinengqondo, imifanekiso, nemibuzo efuna umbono, ngenjongo yokufinyelela izinhliziyo zazo. (Mathewu 13:34; 22:41-46; Luka 10:36) UJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba babahloniphe ngendlela efanayo abanye.—Mathewu 10:14.

Kusobala ukuthi uPawulu walingisa uJesu njengesibonelo enkonzweni yakhe. Nakuba athonya izilaleli zakhe ngezizathu zemiBhalo ezinengqondo, uPawulu wayeyihlonipha imizwa nemibono yabanye. (IzEnzo 17:22, 23, 32) Wayeqonda ukuthi kwakufanele sishukunyiswe ukuthanda uNkulunkulu noKristu ukuze sikhonze uMdali wethu ngentshiseko. (Johane 3:16; 21:15-17) Ngakho-ke, isinqumo esisenzayo singesomuntu siqu.

Isinqumo Somuntu Siqu

Lapho benza izinqumo ezinkulu ekuphileni, njengokuthi bazothenga indlu enjani, bazosebenzaphi, nokuthi bazozikhulisa kanjani izingane, abantu abahluzekile engqondweni abazenzi ngokuxhamazela. Bangase bahlaziye isimo, bazindle ngemiphumela, futhi mhlawumbe bacele necebiso. Benza isinqumo ngemva kokucabangela lezi zinto.

Lapho sinquma ukuthi sizomkhulekela kanjani uNkulunkulu sidinga isikhathi esiningi nomzamo kunalapho senza noma yisiphi esinye isinqumo ekuphileni. Lesi sinqumo siyothinta indlela esiphila ngayo manje, futhi okubaluleke nakakhulu, siyothinta ithemba lethu lokuphila phakade esikhathini esizayo. AmaKristu ekhulu lokuqala eBereya ayekuqonda kahle lokhu. Yize kungumphostoli uPawulu uqobo owawacacisela izindaba ezinhle, ahlolisisa imiBhalo nsuku zonke ukuze aqiniseke ukuthi lokho ayekufundiswa kwakuyiqiniso. Ngenxa yalokho, ‘abaningi kuwo baba amakholwa.’—IzEnzo 17:11, 12.

Namuhla, oFakazi BakaJehova bayaqhubeka nomsebenzi wokufundisa nokwenza abafundi owahlelwa nguJesu. (Mathewu 24:14) Bayalihlonipha ilungelo labanye lokuba nenkolo yabo. Kodwa uma kuziwa ekutsheleni abanye ngezinkolelo zabo ezingokwenkolo, balandela isibonelo esiseBhayibhelini. Yebo, babonisana nabantu ngobuqotho ngemiBhalo kulo msebenzi abanomuzwa wokuthi usindisa ukuphila.—Johane 17:3; 1 Thimothewu 4:16.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela