Intaba-mlilo Enolaka Iphenduka Isiqhingi Esinokuthula
NJENGOBA isikebhe sethu sithatha ijika lokugcina siqonde ethekwini lesiqhingi saseGreece iSantorini, sibona umbukwane osishiya simangele. Kuvela udonga oluphakeme lwamawa esabekayo olungaba amamitha angu-300 ukuphakama. Izindlu ezimhlophe zithé qekelele esiqongweni. Ukuma okungavamile kwalesi siqhingi, ukungabi bikho kwamabhishi, amawa aphakeme—lokhu kusikisela ukuthi kunento engavamile eyenzeka lapha. Kunjalo. Isiqhingi saseSantorini siyingxenye engasempumalanga eyasala lapho kuqhuma intaba-mlilo, futhi thina sihamba emanzini agcwalise umgodi wayo!
Ukwakheka Kwalesi Siqhingi
Ezikhathini zasendulo isiqhingi saseSantorini—namuhla esaziwa nangokuthi iSantorin noma iThíra—sasibizwa ngokuthi iStrongyle, okusho “Isiyingi.” Futhi sasiyisiyingi. Kodwa ngokusho kochwepheshe, eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule, ukuqhuma okukhulu kwentaba-mlilo kwashintsha ukwakheka kwalesi siqhingi. Kubonakala sengathi ukuqhuma okukhulu kwavula umgodi omkhulu ojulile enkabeni yesiqhingi, futhi amanzi olwandle awugcwalisa nswí.
Ezinye izazi zezintaba-mlilo zicabangela ukuthi amandla alokhu kuqhuma afinyelela eYurophu, e-Asia nase-Afrika futhi adiliza izakhiwo eziqhele ngamakhilomitha angu-150. Zithi kumelwe ukuthi umlotha ohilayo wasithibeza ukukhanya kwelanga kulo lonke elaseMediterranean izinsuku ezimbalwa. Sekukonke, amakhilomitha-skwele angu-80 alesi siqhingi asakazeka emoyeni noma acwila olwandle. Yonke into ephilayo yafa.
Ngokuhamba kwesikhathi, izwe elasala eStrongyle kwakha kulo abafuduki abavela ezwekazini, futhi lesi siqhingi sethiwa kabusha ngokuthi iCalliste, okusho “Esihle Kakhulu.” Kodwa ukuhlala kule ntaba-mlilo kwakuwusongo olukhulu kulaba bafuduki. Phakathi kuka-198 B.C.E. no-1950 C.E., yaqhuma izikhathi ezingu-14. Kwathi ngo-1956, ukuzamazama komhlaba kwacekela phansi imizi eminingi kulesi siqhingi. “Umhlaba wawundindizela futhi ubikizela njengojengezi,” kusho uKyra Eleni, owesifazane osekhulile owayekhona phakathi naleso senzakalo esiyinhlekelele. “Egcekeni lomuzi wami, owawusesiqongweni sewa, kwakunendledlana yebhuqu. Ngokungazelelwe yakhukhuleka yayongena olwandle, umuzi wami wasala ulenga emoyeni! Kwadingeka ukuba siwushiye lowo muzi siyokwakha omusha kwenye indawo ezinzile.”
Imizi eyonakele yavuselelwa ngokushesha, okwenziwa ikakhulukazi abantu bangaphandle. Namuhla iSantorini yamukela izinkulungwane zezivakashi ezithuthelekela kuyo njalo ehlobo. Ngaphandle kweSantorini, kusasele isiqhingi esincane saseThirasía kanye nesiqhingana esingenamuntu sase-Aspronísi.
Ngaphezu kwalokho, emgodini wentaba-mlilo waseSantorini kuneziqhingana ezimbili zentaba-mlilo—iNéa Kaméni nePalaía Kaméni. Ukusongela kwentaba-mlilo kusengabonakala kulezi ziqhingana ezisanda kwakheka, njengoba le ‘ntabakazi ethule’ iyaye iqhume ngezinye izikhathi ikhiphe umlotha. Ukwakheka kweSantorini kushintsha njalo, kangangokuthi njalo ngemva kwesikhathi esithile, kufanele kudwetshwe ibalazwe elisha.
Ukuhlala Onqenqemeni
Emaphethelweni omgodi wentaba-mlilo iSantorini, ayikho imithambeka, kunamawa kuphela. Indawo enamawa inikeza izakhamuzi zakulesi siqhingi ikhambi elilula lokwakha imizi: Yimba umhume ongena eweni, wakhe udonga oluvalayo bese uyangena uhlale. Yebo, imizi eminingi ekulesi sigodi iqoshwé edwaleni.
Phambi komuzi ngamunye onjalo kunegceke elibheke emgodini wentaba-mlilo. Igceke lendlu engaphezulu liwuphahla lwendlu engaphansi. Uma ukula magceke, ungajabulela umbukwane wokushona kwelanga, ukubona ilanga elinsomi njengoba kancane kancane liyozilahla kunina ngalé kolwandle. Kwamanye amagceke kukhona nexhiba elincane, ihhoko lezinkukhu elilodwa noma amabili, kanye nezithombo nezimbali ezinephunga elimnandi.
Okuphawuleka kakhulu ngayo yonke le mizi ukuthi ayakhiwe ngokulandelana. Ngisho nemihume ayilingani. Indlela engahlelwanga okwakhiwe ngayo lezi zindlu, ezihamba ziqonde zibuye zijike, zenze le ndawo ibukeke ngendlela engavamile, yenza izakhiwo zikhuphukele kahle, okuyisimo esimangalisayo kulesi siqhingi esimazombezombe.
ISantorini iyindawo eyomile. Okuwukuphela kwamanzi atholakalayo amanzi emvula agcinwe emathangini. Kodwa inhlabathi ivundile. Ngenxa yalokho, indawo encane esenkabeni yalesi siqhingi ikhiqiza izilimo ezinhlobonhlobo.
Kumuntu oyisivakashi noyisakhamuzi, iSantorini iyisikhumbuzo esiyingqayizivele nesibabazekayo sobuhle beplanethi yethu.
[Ibhokisi ekhasini 18]
UKUHLOBANA KWAYO NE-ATLANTIS
Inganekwane okungenzeka ukuthi yaqanjwa eGibithe, yalondolozwa emibhalweni yesiGreki yakudala, futhi yavela emasikweni ezazi zokuma komhlaba ezingama-Arabhu zenkathi ephakathi iphathelene nezwekazi, isiqhingi, noma idolobha lase-Atlantis elanyamalala. Kucatshangwa ukuthi i-Atlantis yanyamalala olwandle ngenxa yokuzamazama komhlaba nezikhukhula. Abavubukuli abathile basikisela ukuthi le nganekwane isuselwa ekuqhumeni kwentaba-mlilo yaseSantorini.
Ukumba okwaqala lapha ngo-1966/67 kwembula idolobha elicebile lasebukhosini lamaMinoan elalimbozwe yimfucumfucu yentaba-mlilo, linjengoba lalinjalo ngesikhathi iqhuma. Kubonakala sengathi izixwayiso ezaphuma kusenesikhathi zasiza izakhamuzi ukuba zibaleke kule ndawo. Abanye abacwaningi bacabanga ukuthi ukwenqaba kwezakhamuzi ukwamukela ukuthi idolobha lazo elalilihle lase lishabalele kwasungula le nganekwane eyayithi i-Atlantis isekhona futhi idlondlobele, iyaqhubeka iphithizela ekujuleni kolwandle.
[Isithombe ekhasini 16]
ISantorini
[Isithombe ekhasini 17]
OFakazi BakaJehova bajabulela ukushumayela eSantorini
[Isithombe ekhasini 18]
Ulwandle i-Aegean uma umi emithambekeni yaseSantorini