Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 1/8 k. 3
  • Amavulandlela Ezokwelapha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amavulandlela Ezokwelapha
  • I-Phaphama!—2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isidingo Esikhulayo Sokwelapha Nokuhlinza Ngaphandle Kwegazi
    I-Phaphama!—2000
  • Inkokhelo Yokungathembeki
    I-Phaphama!—1990
  • Ukuthola Injongo Yokuphila
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2015
  • Ukusindisa Ukuphila Ngegazi—Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 1/8 k. 3

Amavulandlela Ezokwelapha

LAPHO eneminyaka engu-61, uJosé, ohlala edolobhaneni lase-Oupeye, eBelgium, watshelwa ukuthi wayedinga ukufakelwa isibindi. Uthi: “Ngashaqeka kakhulu.” Eminyakeni nje engamashumi amane edlule, kwakungenakwenzeka ukufakelwa isibindi. Ngisho nangawo-1970, amathuba okusinda ayengamaphesenti angaba ngu-30 kuphela. Nokho, namuhla, sekuwumkhuba ukufakela abantu isibindi, futhi izinga lempumelelo selithé xaxa.

Kodwa kusekhona isithiyo esikhulu. Njengoba ukufakelwa isibindi ngokuvamile kubangela ukopha okukhulu, odokotela bavame ukumpompela igazi lapho behlinza. Ngenxa yezinkolelo zakhe ezingokwenkolo, uJosé wayengalifuni igazi. Kodwa wayefuna ukufakelwa isibindi. Kwakungenakwenzeka? Abanye bangase bacabange kanjalo. Kodwa udokotela omkhulu ohlinzayo nozakwabo babenomuzwa wokuthi kwakungenzeka bamhlinze ngokuphumelelayo ngaphandle kwegazi. Futhi benza lokho kanye! Ngemva nje kwezinsuku ezingu-25 ehlinziwe, uJosé wabuyela ekhaya kumkakhe nendodakazi.a

Ngenxa yamakhono alabo umagazini i-Time obabiza ngokuthi “amaqhawe ezokwelapha,” ukwelapha nokuhlinza ngaphandle kwegazi sekuyinsakavukela. Kodwa kungani kudingeka kangaka? Ukuze siphendule lowo mbuzo, ake sihlole umlando omubi wokumpontshelwa igazi.

[Umbhalo waphansi]

a OFakazi BakaJehova babheka ukuhlinzwa kokufakelwa isitho somzimba njengendaba kanembeza womuntu siqu.

[Isithombe ekhasini 3]

Emhlabeni wonke njengamanje, kunodokotela abangaphezu kuka-90 000 abaye bakwenza kwaziwa ukuthi bazimisele ukwelapha oFakazi BakaJehova ngaphandle kwegazi

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela