Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g99 11/22 k. 18-k. 20 isig. 5
  • Ubunzima Basifundisa Ukuthembela KuNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubunzima Basifundisa Ukuthembela KuNkulunkulu
  • I-Phaphama!—1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubeletha
  • Izinkinga Ezalandela
  • Ukufunda Ukuthembela Kakhulu KuJehova
  • UJoAnn Uza Ekhaya
  • Ukuphila Kwethu Namuhla
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2000
  • Ingabe Ususibekile Isikhathi Sokutadisha IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Ukukhonza Ngesikhathi Sokwanda Okumangalisayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • “Ngigcinile Ukukholwa”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1999
g99 11/22 k. 18-k. 20 isig. 5

Ubunzima Basifundisa Ukuthembela KuNkulunkulu

Njengoba Ilandiswa Urosie Major

Nganginezinyanga ezinhlanu ngikhulelwe izibulo lami lapho umamezala eqaphela ukuthi imilenze yami ivuvukele ngokungajwayelekile. Ngalolo suku ngo-March 1992, mina nomyeni wami uJoey, sasingenandlela yokwazi ukuthi esasizobhekana nakho kwakuzovivinya ukwethembela kwethu kuJehova.

ESONTWENI elilodwa kamuva udokotela wami wokubelethisa wathola ukuthi umfutho wegazi lami wawuphakeme ngokwedlulele. Ngakhathazeka ngempela lapho esikisela ukuba ngilaliswe esibhedlela ukuze ngihlolwe. Ukuhlola kwabonisa ukuthi ngangine-preeclampsia, izinkinga zokukhulelwa ezingabangela ukufa.a

Udokotela esibhedlela watusa ukuba kusheshiswe ukubeletha noma isikhathi singakafiki ukuze asivikele sobabili nomntwana. Mina nomyeni wami sashaqeka. “Kodwa umntwana akakaqedi namasonto angu-24 ubudala!” Ngimangala. “Kungenzeka kanjani ukuba umntwana wethu aphile ngaphandle kwesibeletho?” “Nokho, ngizozama ukuyihlehlisa le nqubo isikhashana,” kuphendula udokotela ngomusa. “Nokho, uma isimo sakho siba sibi, kuzodingeka ngikubelethise.” Kwadlula izinsuku eziyishumi nantathu, kodwa isimo sami saba sibi ngokushesha. Udokotela wabiza umyeni wami, futhi senza isinqumo esinzima sokuqhubeka nokubeletha.

Ukubeletha

Ebusuku obungaphambi kokubeletha, uDkt. McNeil, udokotela wabantwana, waba nomhlangano nathi ukuze asichazele esingabhekana nakho ngomntwana ozalwe ngaphambi kwesikhathi—kungenzeka ukulimala kobuchopho, amaphaphu angase angasebenzi kahle ngoba engakakhuli ngokwanele, kanye neziningi ezinye izinkinga ezingaba khona. Ngathandazela “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga” kanye namandla okwamukela nokubhekana nanoma yini engenzeka. (Filipi 4:7) Ngakusasa ekuseni umntwana wethu wabelethwa ngokuhlinzwa. Wayenesisindo esingamagremu angu-700 kuphela. Sametha ngokuthi uJoAnn Shelley.

Ngemva kwezinsuku ezinhlanu, ngaya ekhaya ngingaphethe lutho. Indodakazi yami encane yasala esibhedlela egumbini elikhethekile lokunakekela izinsana, ilwela ukuphila kwayo. Emasontweni amabili kamuva uJoAnn waba ne-pneumonia. Sajabula lapho eba ngcono, kodwa ngemva kwezinsuku ezimbalwa kuphela waba nesifo samathumbu futhi kwadingeka ayiswe egumbini labagula kakhulu. Phakathi nezinye izinsuku eziyisithupha, uJoAnn waba ngconywana futhi wakhuluphala. Sajabula kakhulu! Kodwa injabulo yethu kwakungeyesikhashana. UDkt. McNeil wasitshela ukuthi uJoAnn wayengenalo igazi elanele. Wasikisela ukuba kutholwe i-hormone yokwenziwa i-erythropoietin (EPO) ukuze ishukumise ukukhiqizwa kwezinhlayiya zegazi likaJoAnn ezibomvu. Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova lapha eBahamas lathintana nabameleli boMnyango Wezokwaziswa Ngezezibhedlela eBrooklyn, eNew York. Ngokushesha banikeza uDkt. McNeil imininingwane yamuva ngokutholakala kanye nokusetshenziswa kwe-EPO, futhi waqala ukwelapha ngayo.

Izinkinga Ezalandela

Kwadlula amasonto ambalwa okukhathazeka. UJoAnn manje wayelwa nenkinga eyayisemathunjini akhe, ukuhlabeka ngezinye izikhathi okubangela i-apnea (izikhathi ezithile zokungaphefumuli), ukwehla kwe-hemoglobin kanye ne-pneumonia yamapayipi omoya. Sasesaba ukuthi enye yalezi zinkinga ekugcineni ingase ibangele ukufa kwakhe. Kodwa uJoAnn walulama kancane kancane. Esenezinyanga ezintathu ubudala, wayesalokhu esesibhedlela futhi enesisindo samakhilogremu angu-1,4. Kodwa ngokokuqala ngqa ekuphileni kwakhe wayeziphefumulela ngaphandle komoya-mpilo ofakwayo. I-hemoglobin yakhe yayikhuphukela ezingeni elifanele. Udokotela wathi uma isisindo sakhe singanyuka ngamagremu angu-500, singamthatha siye naye ekhaya.

Emasontweni amathathu kamuva uJoAnn wahlaselwa i-apnea engathi sína. Ukuhlola kwehluleka ukwembula imbangela. Ukuhlasela kwe-apnea kwaphikelela futhi njalo kwakwenzeka lapho encela. Ekugcineni, kwatholakala ukuthi uJoAnn wayenenkinga yesisu kanye nomphimbo. Umphimbo wakhe wawungavaleki ngemva kokudla, ngakho lokho ayekudlile kwakubuya. Uma lokhu kwenzeka, kwakumbinda futhi kumvimbela ukuba aphefumule.

Ekuqaleni kuka-October, uJoAnn wangenwa igciwane egumbini labantwana. Abantwana abaningi abazalwa ngaphambi kwesikhathi babefa ngenxa yalo. Kuleso simo sobuthakathaka, uJoAnn waphathwa yilokho okwabonakala kuwukuhlaselwa yi-apnea isikhathi eside kunanoma iyiphi eyayike yamphatha. Yonke imizamo yokumvusa yehluleka. Udokotela wabantwana wayeseseqophelweni lokumyeka ngoba ethi usefile, lapho kungasalindelekile waqala ukuphefumula—kodwa waqala ukugula futhi ngokushesha. Waphinde wafakwa emshinini womoya-mpilo, futhi sasiqiniseka ukuthi lokhu kwakungukufa kukaJoAnn. Kodwa wasinda, futhi sabonga uJehova.

Ukufunda Ukuthembela Kakhulu KuJehova

Izinkinga esabhekana nazo ngaphambi kokuzalwa kukaJoAnn zingaqhathaniswa nokuwa esikebheni ususeduze nogu, lapho usungahlamba uphume. Manje kwabonakala sengathi sicwile ngesikebhe phakathi nolwandle, lapho izwe lingabonakali khona. Uma sibheka emuva, siyaqaphela ukuthi ngaphambi kokuba azalwe ngezinye izikhathi sasizethemba thina kakhulu. Kodwa kulokho esabhekana nakho kuJoAnn, siye safunda ukuthembela kuJehova ezimweni ezingeke zixazululwe umuntu. Safunda ukwenza njengoba uJesu aluleka—ukubhekana nenkathazo yosuku ngalunye. (Mathewu 6:34) Safunda ukuncika kuJehova, nakuba ngezinye izikhathi sasingakwazi ngokuqondile esizokuthandazela. Manje sibonga uJehova ngokuhlakanipha okuseBhayibhelini kanye “namandla angaphezu kwavamile,” akwenza kwenzeke ukubhekana nobunzima obukhulu kangaka.—2 Korinte 4:7.

Ezikhathini eziningi ngangikuthola kunzima ukulondoloza ukulinganisela, phakathi nezikhathi ezibucayi. Ngangingacabangi lutho ngaphandle kukaJoAnn. Umyeni wami uJoey, wayewusizo kakhulu ukuze sibe nokulinganisela okungokomoya. Ngiyambonga kakhulu ngalokhu.

UJoAnn Uza Ekhaya

Kancane kancane impilo kaJoAnn yaba ngcono. Ngolunye usuku walikhipha ngokoqobo ithumbu lomoya-mpilo emlonyeni wakhe. UDkt. McNeil manje waba nomuzwa wokuthi uJoAnn angaya ekhaya. Sajabula ngokumangalisayo! Lapho silungiselela ukuza kwakhe ekhaya, safunda ukumfunza ngamashubhu. Salungiselela nomshini womoya-mpilo, saqasha umshini wokuqondisa ukuphefumula nokushaya kwenhliziyo, futhi senza nezifundo zokuphefumulisa abadinga usizo oluphuthumayo. Ekugcineni, ngo-October 30, 1992, uJoAnn waphuma esibhedlela. Wayesechithe izinsuku ezingu-212 egumbini lezinsana ezigula kakhulu, nathi ngokufanayo.

Kusukela ekuqaleni, amalungu omkhaya kanye namalungu ebandla lakithi loFakazi BakaJehova abonakala eyisipho sangempela esivela kuJehova. Ayeza ahlanze indlu negceke, apheke, asisize ukuba siye esibhedlela, futhi ayebheka uJoAnn ukuze nami ngithole ithuba lokulala. Yilapho sabona khona izici ezinhle zobuntu bawo esasingazazi. Ngokwesibonelo, amanye ahlanganyela nathi amaphuzu angokomoya abasiza phakathi nobunzima.

Ukuphila Kwethu Namuhla

Siye sasebenza kanzima ukuze sinikeze uJoAnn ukwelashwa okungcono kakhulu ezinkingeni zakhe eziningi. Lapho esenezinyanga ezingu-19, sezwa ukuthi uJoAnn wayene-cerebral palsy—ebangelwa ukulimala ebuchosheni. Kwathi ngo-September 1994, wahlinzwa ngenxa yesisu nomphimbo. Ngo-1997, uJoAnn waqala ukuba nokukhameka okusongela ukuphila. Okujabulisayo, ngokwenza ushintsho ekudleni kwakhe, lokho kukhameka kwaphela. Izinkinga zempilo kaJoAnn ziye zabambezela ukukhula kwakhe ngokomzimba. Kodwa manje ufunda esikoleni esikhethekile futhi wenza kahle. Akakwazi ukuhamba nokukhuluma kahle, kodwa uhamba nathi kuyo yonke imihlangano yobuKristu nasenkonzweni yendlu ngendlu. Ubonakala ejabula.

UJehova uye wasiduduza kakhulu phakathi nalezi zikhathi zovivinyo. Sizimisele ukuqhubeka sithembele futhi ‘sithokoza ngoJehova’ naphezu kobunzima obungalindelekile. (Habakuki 3:17, 18; UmShumayeli 9:11) Sibheke phambili esithembisweni sikaNkulunkulu somhlaba oyiPharadesi, lapho uJoAnn wethu othandekayo eyojabulela khona impilo ephelele.—Isaya 33:24.

[Umbhalo waphansi]

a I-preeclampsia ibangela ukuvaleka kwemithambo yegazi yowesifazane okhulelwe, yenze igazi eliya ezithweni zakhe lingahambi kahle, ngokufanayo neliya kumzanyana nasembungwini. Nakuba imbangela ingakaziwa, kunobufakazi obusikisela ukuthi lesi sifo siwufuzo.

[Isithombe ekhasini 18]

Indodakazi yethu uJoAnn

[Isithombe ekhasini 20]

Naphezu kokulinganiselwa kwakhe, uJoAnn uyingane ejabulayo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela