Ipharadesi—Elihlukile
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ECANADA
LAPHO umi emithambekeni yalolu donga futhi ubukisisa phansi esigodini, umangaliswa indawo ekhangayo—amagquma amahle nemihosha eyimimmango. Ngaphambi kwakho ubona utshani obuyimfunda. Kudlula isikhwishi somoya, sigcwele iphunga elimnandi lesihlahla i-sage, esingamakha ale nkangala.
Cabanga nje, eminyakeni engu-200 edlule, wawungahamba izinsuku eziningi ulokhu ubona imihlambi emikhulu yezinyathi eyayisakazeke ezinkangala ezivulekile zaseCanada futhi wawungezwa umhlabathi undindizela ngenxa yomsindo wezigidi zezinselo zezinyathi. Ngisho nokufuduka okudumile kwezilwane zase-Afrika akulingani nokwezinyathi ezazizulazula kuleli thafa elisitshekelwe utshani.
Manje, okuwukuphela kwezimpawu ezisele ezibonisa ukuthi zake zaba khona izinyathi lapha amatshe amakhulu ezazizihlikihla kuwo. Ungawabona amachopho abushelelezi futhi ubone imisele ezungeza la matshe eyambiwa yizinkulungwane zezinyathi ezazihlikihla kuwo izikhumba zazo ezizilumayo. Akuwona nje umoya ovela entshonalanga okuxhophayo kodwa umuzwa onamandla wokumangala ngenxa yezimangaliso zendalo ekuzungezile oyibona nhlangothi zonke. Ulaphi? Uvakashele ipharadesi elihlukile.
Ipaki Elihlukile
Uyamukelwa eGrasslands National Park, eningizimu-ntshonalanga yeSaskatchewan, eCanada—okuwukuphela kwepaki eNyakatho Melika elihloselwe ukulondoloza izinkangala zotshani obuhlukahlukene. Empeleni leli paki linengxenye esempumalanga nesentshonalanga, eziqhelelene ngamakhilomitha angu-22,5. Ekugcineni izohlanganisa amakhilomitha-skwele angu-900.
Le ndawo imangelengele futhi igcwele izithiyo eziningi eziyinselele. Ingabukwa kahle lapho kuhanjwa ngezinyawo noma ngamahhashi. Ukuchitha ubusuku obumbalwa ukanise ngaphandle ngaphansi kwezinkanyezi kungokwalabo abanamagangangozi, kodwa kulungele ukuphatha amanzi anele nezinye izinto ezidingekayo. (Bheka ibhokisi elithi “Ukubuka Ipaki.”) Phakathi nohambo lwenu epaki, ngeke nizibone izakhiwo zesimanje, imigwaqo egandayiwe noma yobhuqu, izintambo zikagesi, izindawo ezigqitshwayo nezindawo zokupaka izimoto. Ningase ningahlangani ngisho nanomunye umuntu. Ngempela, le ndawo iyipharadesi elihlukile! Lapho nje usungene kuleli paki, usungene ezweni elinobuhle obuyingqayizivele.
IGreat Plains yaseNyakatho Melika ingenye yezindawo ezingokwemvelo eziye zaguqulwa kakhulu emhlabeni. Eminyakeni engaphansi kwengu-200 edlule, lena kwakuyindawo eyayiyihlane ngokuphelele, engathintiwe. Ngokwesibonelo, namuhla, kusele amaphesenti angaphansi kwangu-25 ezimfunda zotshani zaseCanada angakathintwa. Umqondo wokuvikela lezi zimfunda ngokuzenza ipaki wavela ngawo-1830. Eminyakeni engaphezu kweyikhulu kamuva, ngo-1957, i-Saskatchewan Natural History Society yaqala ukusebenzela ukwakha indawo yombuso yokulondoloza imvelo.
Nokho, kwakungo-1988 lapho isivumelwano sikahulumeni wezwe lonke nowesifunda sagunyaza ukwakhiwa kweGrasslands National Park. Leli paki kanye namanye ezinkangala zaseCanada livikela izitshalo ezingu-22, izilwane ezincelisayo nezinyoni okusohlwini lwezinto ezisengozini yokushabalala eCanada. Ngaphezu kwalokho, kulondolozwa nezinye eziningi, ezinye ezingatholakali kwezinye izindawo emhlabeni.
Ipaki laseGrasslands liyindawo enesimo sezulu eseqisayo. Njengoba imaphakathi nezwe, ayithintwa isimo sezulu esihle sanoma iluphi ugu. Ngakho-ke, ebusika amazinga okubanda angafinyelela ku-50°C. ngaphansi kwezinga-qhwa, kanti ehlobo, amazinga okushisa avame ukuba ngaphezu kwangu-40°C. Ngenxa yemvula encane kakhulu nomoya onganqamuki, isimo sezulu sibi.
Noma kunjalo, nakuba kungase kungabonakali ekuqaleni, kunezilwane zasendle eziningi. Ngokubekezela nangokuphikelela, ikakhulukazi ekuseni ngovivi nantambama, ungavuzwa ngethuba lokuthwebula izinyamazane, amankentshane, ama-bobcat, imivundla, ama-jackrabbit, amathendele, amabululu, izikhova ezihlala emgodini, oklebe, izinkozi, inyamazane enhle i-pronghorn (okuthiwa mhlawumbe inesivinini ukuzedlula zonke izilwane ezinkulu eNyakatho Melika), mhlawumbe nokuwukuphela kwemihlambi yaseCanada yezinja zasenkangala ezinemisila emnyama. Uyobona nezinye izinyoni eziningi kanye nezinambuzane nezitshalo ezitholakala kule ndawo kuphela.
Umlando Othakazelisayo Walesi Sifunda
Uma unquma ukuvakashela leli paki eliyingqayizivele, sikukhuthaza ukuba ucwaninge ngale ndawo. Uyoyithola inezinto eziningi ezingokomlando. Ngokwesibonelo, zisekhona izimpawu zeNorth West Mounted Police Red Coat Trail engokomlando. Ngo-1874, lapho kuzwakala amahemuhemu ezimpi zabomdabu, uhulumeni waseCanada wajuba ibutho loNongqayi abangu-300 eNtshonalanga ukuze bayoqinisa ukuthula. Lesi senzo sadambisa nokwesaba kwabaningi ukuthi iNtshonalanga Canada yayisizothathwa yi-United States. Ligqoke amabhantshi abomvu klebhu futhi ligibele amahhashi agqokiswe kahle, leli butho laba umbukwane kangangokuthi kuze kube namuhla lowo mzila elahamba ngawo waziwa ngokuthi iRed Coat Highway.
Ngokuthakazelisayo, ngo-1878 lena kwaba indawo yelinye lamaqhawe amaNdiya ayesatshwa kakhulu eNyakatho Melika—uSitting Bull induna enkulu yamaSioux. Ngemva kokuba amaSioux enqobe amabutho kaCuster eLittle Bighorn, izinkulungwane zamaSioux aseMelika zabalekela kule ngxenye yeCanada ukuze zithole isiphephelo emabuthweni ayegibele amahhashi aseMelika.
Kunezindawo ezibalulekile zemivubukulo kuleli paki ezingaba ngu-1800 ezindala kakhulu. Ezinkalweni eziningi, eziqongweni zamagquma nasezintabeni ungase uthole amatshe amakhulu abekwe aba isiyingi aziwa ngokuthi iziyingi ze-tepee, noma ze-tipi. Lawa matshe ayebamba amachopho ama-tepee (amatende) enziwe ngesikhumba senyathi ukuze angapheshulwa umoya. Futhi kunezindawo eziningana lapho amaNdiya asemaThafeni ayebulalela khona izinyathi. Emakhulwini eminyaka adlule, le ndawo yayiyindawo enhle yokuzingela yezizwana zamaGros Ventre, amaCree, ama-Assiniboin, amaBlackfoot, kanye namaSioux.
Kanti okunye kwasendulo impela, engxenyeni esempumalanga yepaki, yizinsalela zezibankwakazi eziye zatholakala emagqumeni obumba agugulekile aseKilldeer Badlands.
Umbukwane Wobuhle
Uma izinhlobonhlobo nobuningi bezitshalo nezilwane noma umlando othakazelisayo wale ndawo kungakumangazi ngokwanele, ukubuka le ndawo ngokwayo kungayifeza leyo ndima. Kunemisindo yezinyoni eziningi, iphunga lesihlahla i-sage kanye nelanga elishisayo nomoya ohelezayo. Ukunambitheka kokudla okuphekwe esitofwini segesi esiphathekayo kunezelwa ukubuka le ndawo enhle, ulokhu uliphakele njalo iso. Ngaphezu kwakho konke, ukwazi ukubona umkhathizwe nxazonke, ikakhulukazi ngase-Two Trees Interpretive Trail, esengxenyeni esentshonalanga yepaki. Ubona nodedangendlale wesibhakabhaka esicwebile esinamafu athé gqwa gqwa amhlophe amise okwentaba entanta emoyeni. Le ndawo ebabazekayo ikulethela umuzwa wenkululeko, futhi ngesikhathi esifanayo, ikwenza uzizwe ungelutho uze umangale.
Uma kuziwa ezinkangala, okubalulekile akukhona nje lokho okubonayo kuphela kodwa nalokho okuzwayo. Umuzwa wakho ngale ndawo yiwo ozokwenza ufune ukubuya kuleli pharadesi elihlukile. Okubonile kwenza inhliziyo yakho igcwale ukwazisa. Imicabango yakho igcwala ukudumisa uMdali Omkhulu, uJehova, owakubeka konke lapha. Ngokushesha luzofika usuku olulindelwe ngokulangazela lapho wonke umhlaba uyoba ipharadesi futhi uveze ubuhle bawo obungokwemvelo ngokugcwele.
[Ibhokisi ekhasini 26]
Ukubuka Ipaki
Khumbula lokhu
1. Bhalisa ezisebenzini zasepaki futhi uthole izincwadi ezichaza imininingwane ngaphambi kokungena epaki.
2. Ziphathele amanzi okuphuza anele. Amanzi okuphuza atholakala eSikhungweni Sezokwaziswa Sepaki kuphela.
3. Faka isigqoko selanga kanye nezicathulo eziqinile ezinethezekile ezivala amaqakala ukuze uvikeleke kumdolofiya onameva.
4. Phatha induku yokuphendla indlela lapho unqamula otshanini obude nasezihlahleni ezincane.
5. Uma unekhamera nezibonakude, kuphathe. Isikhathi esihle sokubuka izilwane kusekuseni ngovivi nantambama.
IZIXWAYISO: Gwema ukubeka izandla noma izinyawo ezindaweni ongaziboni. Amabululu angase akulume lapho evinjezelwe noma ezunywa. Akuvunyelwe ngokomthetho ukukhathaza noma ukuzingela izilwane zasendle endaweni yombuso yokulondoloza imvelo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]
All pictures: Parks Canada