Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 8/22 k. 19-k. 21 isig. 4
  • Ngingakunqanda Kanjani Ukubhacekwa Ngecala Njalo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingakunqanda Kanjani Ukubhacekwa Ngecala Njalo?
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Inkulumo Yokubonisana” Nabazali
  • ‘Ukuhlola Umsebenzi Wakho Siqu’
  • Uma Kubonakala Kuwukukhetha Iphela Emasini
  • Imikhaya Enezinkinga
  • Kungani Njalo Kuyiphutha Lami?
    I-Phaphama!—1997
  • Kungani Abazali Bami Bengabonisi Isithakazelo Esengeziwe Kimi?
    I-Phaphama!—1992
  • Ngingabhekana Kanjani Nokukhetha Iphela Emasini?
    I-Phaphama!—1997
  • Yini Okufanele Ngiyenze Uma Abazali Bami Bexabana?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 8/22 k. 19-k. 21 isig. 4

Intsha Iyabuza . . .

Ngingakunqanda Kanjani Ukubhacekwa Ngecala Njalo?

“Ngangibhacekwa ngecala njalo. Uma indlu ingakhiyiwe noma isitofu singacishiwe noma kunento elahlekile noma engenziwanga, kwakuba iphutha likaRamon!”—URamon.

LAPHO usakhula, ngezinye izikhathi kugabonakala sengathi ubhacekwa ngecala cishe ngakho konke okungahambi kahle. Esihlokweni esandulelayo, savuma ukuthi ngezinye izikhathi abazali bayashesha ukubhaceka abantwana babo ngecala.a Izimbangela zalokhu kungaba ukukhathalela komzali okungokwemvelo kuya ekucindezelekeni okujulile ngokomzwelo. Kungakhathaliseki ukuthi siyini isizathu, ukubhacekwa ngecala ngezinto ezingelona iphutha lakho kungaba buhlungu futhi kululaze.

Yiqiniso, njengomuntu ongaphelele, uyokwenza amaphutha ngezikhathi ezithile. (Roma 3:23) Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi usemncane, cishe awunalo ulwazi. (IzAga 1:4) Cishe uyokwenza amaphutha ekwahluleleni ngezinye izikhathi. Ngakho lapho wenza iphutha, kufanelekile futhi kunengqondo ukuba ubekwe icala.—UmShumayeli 11:9.

Khona-ke, kufanele usabele kanjani lapho ubekwa icala ngento ethile oyenzile ngempela? Enye intsha izama ukuziphatha njengokungathi iyizisulu zokungabi nabulungisa okukhulu. Ikhononda ngokuthi abazali bayo njalo bayibhaceka ngecala. Uba yini umphumela? Abazali abakhungathekile bathatha izinyathelo ezinqala ukuze bagcizelele abakushoyo. IBhayibheli linikeza lesi seluleko: “Iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa. Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.” (IzAga 1:7, 8) Uma uvuma amaphutha akho bese wenza ushintsho oludingekayo, ungafunda kuwo.—Heberu 12:11.

“Inkulumo Yokubonisana” Nabazali

Nokho, kuyindaba ehluke ngokuphelele uma ubhacekwa ngecala ngezinto ezingelona iphutha lakho noma umangalelwa ngokubeleselayo. Ngokuzwakalayo, ungase uzizwe uthukuthele futhi ucasukile. Ungase ulingeke ngisho nokuba uziphathe ngendlela engafanele, uzitshela ukuthi vele uzobekwa icala kungakhathaliseki ukuthi wenzani. (UmShumayeli 7:7) Nokho, izenzo zonya zilimaza wonke umuntu. (Qhathanisa noJobe 36:18, NW.) IzAga 15:22 (NW) ziveza indlela engcono yokusingatha izindaba, zithi: “Kukhona ukushafa kwamacebo lapho ingekho khona inkulumo yokubonisana.” Yebo, enye indlela yokushintsha indlela abazali bakho abakuphatha ngayo iwukubazisa indlela ozizwa ngayo.

Okokuqala, funa lokho iBhayibheli elithi ‘isikhathi esifanele.’ (IzAga 15:23, NW) Umlobi uClayton Barbeau uyasikisela: “Khetha isikhathi nendawo lapho nonke nizolile futhi nijabulile.” Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli liyaxwayisa: “Izwi elilukhuni livusa ulaka.” (IzAga 15:1) Ngakho zama ukubonisa umusa nenhlonipho endleleni okhuluma ngayo, ungajakadi. Gwema ukuthukuthela. (IzAga 29:11) Kunokuba uhlasele abazali bakho (‘Njalo ningibhaceka ngecala!’), zama ukuchaza indlela ukukubhaceka kwabo njalo ngecala okukwenza uzizwe ngayo. (‘Ngiphatheka kabi uma ngibhacekwa ngecala okungelona elami.’)—Qhathanisa noGenesise 30:1, 2.

Kungashiwo okufanayo ngalezo zikhathi lapho abazali bakho bethukuthele ngenxa yokungqubuzana okuthile. Abazali bakaJesu osemncane bake baphatheka kabi lapho bengazi ukuthi ukuphi. Kodwa uJesu akazange aklabalase noma akhononde. Ngokuzola, wachaza isimo. (Luka 2:49) Kungani ungazami ukusebenzelana nabazali bakho njengomuntu ovuthiwe uma usenkingeni? Uqaphele ukuthi baphatheke kabi ngoba bayakukhathalela! Lalela ngenhlonipho. (IzAga 4:1) Linda kuze kwehle igwebu ngaphambi kokuba uveze indaba yakho.

‘Ukuhlola Umsebenzi Wakho Siqu’

Nokho, kungani abanye abazali bethambekele ekufinyeleleni ezinqumweni eziyiphutha ngabantwana babo? Uma silimisa ngesihloko, ngezinye izikhathi abantwana banikeza abazali izizathu zokuba nezinsolo. IzAga 20:11 zithi: “Naye umntwana uyaziwa ngezenzo zakhe, uma isenzo sakhe sihlanzekile, noma siqotho.” Unaliphi idumela kubazali bakho? Ingabe ‘izenzo’ zakho ziye zabonisa ukuthi ‘uqotho’ futhi uthatha izinto ngokungathi sína noma awunaki futhi uyidlabha? Uma unganaki futhi uyidlabha, ungamangali uma bevame ukufinyelela ezinqumweni eziyiphutha ngawe. “Kwadingeka ngibhekane namaqiniso,” kuvuma uRamon, insizwa okukhulunywe ngayo ngaphambili, uma ekhuluma ngokugxeka kwabazali bakhe. “Ngezinye izikhathi izinsolo zabo zazizwakala.”

Uma usesimweni esinjalo, akukho ongakwenza ngaphandle kokuzama ukucaba indlela enhle. Ngokuba nomkhuba wokuziphatha ngokwethembeka nokwethenjelwa, ungase kancane kancane uqinisekise abazali bakho ukuthi uye wenza ushintsho futhi ungathenjelwa.

Okwenzeka kuRamon kuyaliveza leli phuzu. Abangane bakhe nomkhaya wakubo bamnikeza isidlaliso esithi uprofesa ongacabangi bengahlose bubi, kodwa ngenxa yokuthambekela kwakhe kokukhohlwa. Ingabe abazali bakho baye bakunikeza igama elingelihle njengokuthi “awuvuthiwe” noma “uyidlabha”? Njengoba kuphawula umlobi uKathleen McCoy, abazali bangase babe nomuzwa wokuthi amagama anjalo ayiziswana “aveza lokho okungalungile ukuze osemusha akubone futhi ashintshe.” Nokho, empeleni amagama anjalo abangela ukucasuka okujulile. Nakuba kunjalo, uRamon waqaphela ukuthi lesi sidlaliso sasiveza iphuzu elinengqondo. Uyavuma: “Ingqondo yami yayigxila entweni eyodwa ngaso sonke isikhathi, ngakho ngangilahla izinto ezinjengokhiye noma umsebenzi wami wesikole wasekhaya futhi ngikhohlwa ukwenza imisebenzi ethile.”

Ngakho uRamon waqala ukwenza ushintsho. Uyakhumbula: “Ngaqala ukufunda ngemithwalo yemfanelo nezinto eziza kuqala. Ngenza isimiso futhi ngaqala ukusithatha ngokungathi sína isifundo seBhayibheli somuntu siqu. Ngafunda ukuthi uJehova uzibheka njengezibalulekile izinto ezincane kanye nezinto ezinkulu.” (Luka 16:10) Ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli, ekugcineni uRamon waliguqula idumela ayenalo lokuba umuntu okhohlwayo. Kungani ungazami ukwenza okufanayo? Futhi uma igama noma isidlaliso osinikeziwe sikuphatha kabi, xoxa nabazali bakho. Mhlawumbe bazobona ngaso linye nawe.

Uma Kubonakala Kuwukukhetha Iphela Emasini

Ngezinye izikhathi ukukhetha iphela emasini kubonakala kuyikona okwenza ubhacekwe ngecala. URamon uyakhumbula: “Abafowethu noma odadewethu abadala babefika ekhaya ebusuku kodwa bangajeziswa. Ngangephuza ukufika ekhaya bese ngithethiswa.” Indoda yaseGuyana okuthiwa u-Albert ikhumbula izizwa ngendlela efanayo lapho isakhula. Yayibona sengathi unina uyijezisa kakhulu kunomfowabo.

Nokho, izinto azinjengoba uzibona ngaso sonke isikhathi. Ngokuvamile abazali banikeza abantwana abakhulile inkululeko eyengeziwe, hhayi ngoba bekhetha iphela emasini, kodwa ngenxa nje yokuthi banomuzwa wokuthi bazoziphatha ngendlela efanele. Noma kungase kube nezimo ezikhethekile ezihilelekile. U-Albert uyavuma ukuthi umfowabo wayengashaywa ngoba “wayemncane futhi egula.” Ingabe abazali basuke bekhetha iphela emasini uma beqaphela izimo ezikhethekile noma ukulinganiselwa umntwana othile anakho?

Yiqiniso, ngezinye izikhathi abazali baba nezintandokazi zabo. (Qhathanisa noGenesise 37:3.) U-Albert uthi ngomfowabo ogulayo: “Wayeyintandokazi kamama.” Ngokujabulisayo, uthando lobuKristu luyanuleka. (2 Korinte 6:11-13) Ngakho ngisho noma enye yezingane zakini “iyintandokazi” kubazali bakho, lokho akusho ukuthi abakuthandi. Indaba esemqoka iwukuthi, Ingabe abakuphathi kahle, bakubhaceka ngecala ngenxa yokuphuphuthekiswa ukuthanda ingane yakini? Uma kunjalo, nakanjani bazise indlela ozizwa ngayo. Ngokuzola nangokuzithiba, banikeze izibonelo eziqondile zendlela onomuzwa wokuthi baye babonisa ngayo ukukhetha iphela emasini. Mhlawumbe bayolalela.

Imikhaya Enezinkinga

Kuyavunywa, akuzona zonke izimo okulula ukuzishintsha. Kwabanye abazali, ukuphoxa nokubhaceka ngecala kuyimikhuba egxilile. Lokhu kungase kube njalo ikakhulukazi kubazali abanezinkinga ezingokomzwelo noma abalwa nokulutheka. Ngaphansi kwezimo ezinjalo, akukho okungafezwa ukuzama ukubonisana. Uma lokhu kubonakala kuyiqiniso esimweni sakho, qaphela ukuthi izinkinga zabazali bakho zingaphezu kwamandla akho futhi cishe zingaxazululwa ngosizo lwangaphandle kuphela. Okungcono kakhulu ongakwenza ukubanikeza udumo nenhlonipho efanele futhi uzame ukugwema izingxabano ezingadingekile. (Efesu 6:1, 2) IzAga 22:3 zithi: “Oqondileyo uyabona ububi, acashe.”b

Ngesikhathi esifanayo, thola ukusekelwa kwangaphandle. Xoxa nomuntu omdala ovuthiwe, mhlawumbe umdala ongumKristu. Ukunakwa okunothando komuntu onjalo kungasiza kakhulu ekudambiseni umuzwa wokuthi njalo kuhlala kuyiphutha lakho. Ngesikhathi esifanayo, ‘sondela kuNkulunkulu.’ (Jakobe 4:8) Nakuba abanye bengase bakubhaceke ngecala, “[uNkulunkulu] akathethi njalonjalo; akagcini intukuthelo yakhe kuze kube-phakade. . . . Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.” (IHubo 103:9, 14) Ukwazi ukuthi uyigugu emehlweni kaNkulunkulu kungakusiza ukuba ubekezelele ukubhacekwa ngecala.

[Imibhalo yaphansi]

a Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Njalo Kuyiphutha Lami?” esikumagazini wethu ka-July 22, 1997.

b Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingabhekana Kanjani Nokuchashwa Ngamazwi?” kumagazini wethu (wesiNgisi) ka-June 8, 1989. Bheka nochungechunge oluthi “Ukuyeka Amazwi Alimazayo Usebenzise Amazwi Aphilisayo,” kuyi-Phaphama! ka-October 22, 1996.

[Isithombe ekhasini 21]

Ukuvuma amaphutha ethu kusisiza ukuba sifunde kuwo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela