Ukubuka Okwezwe
I-TB—“Isimo Esiphuthumayo Embulungeni Yonke”
Minyaka yonke isifo sofuba (TB) sibulala abantu abadala abaningi kunengculaza, umalaleveva, nezifo zasezindaweni ezishisayo kuhlangene, kusho i-World Health Organization (WHO). Umzuzu ngamunye, kunomuntu ndawana-thile ongenwa i-TB. Igciwane le-TB lingadluliswa ngokukhwehlela noma ngokuthimula. I-WHO ilindele ukuba phakathi neminyaka eyishumi ezayo, abantu abayizigidi ezingu-300 bangenwe i-TB futhi ibulale abayizigidi ezingu-30. Okubi nakakhulu, ukuqubuka kwezinhlobo ze-TB ezimelana nemithi kungase kwenze lesi sifo singelapheki. Ngokwe-WHO, “eqinisweni abantu abangu-5-10% kuphela abane-TB abagcina begula noma abadlulisa lesi sifo, ngoba isimiso sokuzivikela ezifweni ‘sinqanda’ amagciwane e-TB.” Noma kunjalo, lolu bhadane lubi kakhulu kangangokuba i-WHO yathi ‘luyisimo esiphuthumayo embulungeni yonke’—okuyisimemezelo sokuqala ngqá esinjalo emlandweni we-WHO.
Ukuvubukula ISodoma NeGomora
Abavubukuli baseSweden bathi batholé iSodoma neGomora lasendulo. Bebambisene ne-Amman Department of Antiquities, labososayensi bathola lemizi e-El Lisan, empumalanga yoLwandle Olufile, eJordan. Iphephandaba laseSweden i-Östgöta-Correspondenten lichaza ukuthi ukuthola amanxiwa ezakhiwo ezabhujiswa eminyakeni engaba ngu-1900 ngaphambi kukaKristu kuyamangalisa. Laba bavubukuli bayaqiniseka ngokuthi batholé iSodoma neGomora. Ngemva kokuhlolisisa izitsha zobumba, izindonga, amathuna, namatshe, baphetha ngokuthi lemizi yabhujiswa inhlekelele engokwemvelo. Nokho, iBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu ngokwakhe waletha lembubhiso ngenxa yokuziphatha okubi kakhulu kwaleyo mizi.
Ingozi Yomculo Ovala Izindlebe
Amakhonsathi e-rock angalimaza izindlebe unomphela, kubika umagazini i-New Scientist. Uchwepheshe wezifo zezindlebe waseFrance uChristian Meyer-Bisch wahlola abantu abangu-1364 abaphakathi kweminyaka engu-14 nengu-40 ubudala wathola ukuthi inani elikhulu labaya njalo emakhonsathini lalihlushwa ukuvaleka kwezindlebe okwesikhashana. UMeyer-Bisch uxwayisa ngokuthi ngenxa yokuthandwa kwamakhonsathi e-rock, lemiphumela elimazayo “ayiseyona inkinga yomuntu ngamunye kodwa inkinga yempilo yomphakathi.”
Ukwanda Kokuziphatha Okungafanele Kwabesifazane
• I-Sunday Mail yaseBrisbane ibika ukuthi inani elandayo labesifazane banamuhla abasebasha e-Australia lisebenzisa inhlamba. UProfesa Max Brandle, umqondisi we-Australian Institute of Modern Languages, uyachaza: “Uthola ukuthi abesifazane sebephuza kakhulu, babhema kakhulu kunangaphambili uma kuqhathaniswa nabesilisa. Futhi basebenzisa inhlamba kakhulu. Ngeshwa, omunye umphumela uwukuthi ezinye zezindlela ezivamile zokuhloniphana kwabesilisa nabesifazane sezinciphile. Lapho kokubili amadoda nabesifazane behlambalaza, umoya wothando wesikhathi esidlule unyamalala ngokushesha. Ulimi lothando olwalusetshenziswa izizukulwane zangaphambili alunandawo emphakathini okwamanje. Ngithola ukuthi inhlamba iyinsakavukela phakathi kwentsha namuhla.”
• EBrazil izinga lobugebengu babesifazane laphindeka kabili phakathi no-1995. Ngokwesikhulu samaphoyisa uFrancisco Basile, abesifazane abengeziwe bahileleka ekuhlaseleni, ekuphangeni, ngisho nasekushushumbiseni izidakamizwa, kubika iphephandaba i-Estado de S. Paulo. Abesifazane abaningi baqala ukuphila ngobugebengu ngokubhema i-crack emicimbini lapho abashushumbisi bezidakamizwa beyikhipha khona mahhala. Laba besifazane abagcini nje ngokuluthwa yizidakamizwa kodwa ngokuvamile bona ngokwabo baba abashushumbisi bazo. Ngokwaleli phephandaba, umphathi wamaphoyisa u-Antônio Vilela uyachaza: “Iyamangalisa indlela eliye landa ngayo inani labesifazane abathengisa izidakamizwa . . . , futhi kuthinteka abantu babo bonke ubudala.” Iningi abesifazane abasebasha abevile eminyakeni engu-20, kodwa abanye sebengalé kweminyaka engu-50.
Abanye Abangasalubhadi Esontweni Basathandaza Ngasese
Ngokwe-Sydney Morning Herald, elase-Australia lilonke libhekwa njengomphakathi ongathambekele enkolweni njengoba inani labaya esontweni lincipha minyaka yonke ngezinga eliyingqopha-mlando. Nokho, ukuhlola kwamuva nje kwembule ukuthi abanye abantu base-Australia basathandaza njalo. Lokhu kuhlola kubonisa ukuthi umuntu omdala oyedwa kwabahlanu uthandaza okungenani kanye ngosuku, futhi ngaphezu kwalokho, abangamaphesenti angu-11 bathandaza okungenani kanye ngesonto. Embikweni wayo ophathelene nenkolo eminyakeni yawo-1990, i-Christian Research Association ichaza ukuthi nakuba inani labaya esontweni lincipha ngendlela eshaqisayo, “abantu abaningi banombono oqhubekayo ongokomoya ekuphileni kwabo,” kusho i-Herald.
“Imboni” Yesibili Enkulu Kunazo Zonke Emhlabeni
Ukuhweba ngezidakamizwa okungemthetho kuyachuma njengoba ngonyaka kungenisa amaRandi angaphezu kwezigidi zezigidi ezingu-1,5, kusho i-World Health, umagazini we-World Health Organization. Lokhu kukwenza kube “imboni” ekhula ngokushesha kunazo zonke emhlabeni. Futhi kuyimboni yesibili enkulu kunazo zonke emhlabeni—kulandela ukuhweba ngezikhali kodwa kungaphezulu kwemboni kawoyela. Phakathi naleminyaka engu-30 edlule, ukutholakala kwezidakamizwa ezingemthetho kuye kwaphindeka izikhathi eziyisithupha. Ukusetshenziswa kabi kwezinto ezisemthethweni, njengezincibilikisi, imithi egunyazwe odokotela, notshwala, kwanda ngezinga elifanayo.
Ukuthengisa Ubhapathizo
Sekuyiminyaka engaphezu kuka-300 iSonto LamaLuthela laseSweden lijabulela ubuhlobo beSonto noHulumeni. Nokho, izikhulu zesonto muva nje zimemezele ukuthi ngo-January 1, 2000, lobu buhlobo beSonto noHulumeni cishe buyobe sebuphelile. Sekungamakhulu eminyaka bonke abaseSweden behlanganiswa ngokuzenzekelayo nesonto lapho bezalwa. Nokho, kusukela ekuqaleni kuka-1996, ukuba yilungu laleli sonto sekuxhomeke obhapathizweni. Iphephandaba i-Dagens Industri libika ukuthi umbhishobhi omkhulu umemezela uhlelo olunzulu lokuhweba, oluyohlanganisa ukuhambela kwabefundisi emakhaya ‘bethengisa ubhapathizo.’ Omunye umfundisikazi waseStockholm kubikwa ukuthi usingethe “umkhankaso wokuthengisa omkhulu” lapho “edl’ubhedu khona ngokuthengisa ubhapathizo.” Umagazini i-Må Bra ubika ukuthi esinye isifunda sombhishobhi siyonikeza usana ngalunye olubhapathizwayo incwadi yasebhange enama-kronor aseSweden ayikhulu (R60).
Ukuba Umama Ngaphambi Kwesikhathi
Ngokwe-Brazilian Institute of Geography and Statistics, eBrazil ngo-1994, amantombazane angu-11457 angaphansi kweminyaka engu-15 ubudala aba nabantwana. Ukuzala ngaphambi kwesikhathi okunjalo kuye kwanda ngamaphesenti angu-391 kuleminyaka engu-18 edlule, kuyilapho inani labantu liye landa ngamaphesenti angu-42,5 kuphela phakathi nenkathi efanayo. Inani lamantombazane aphakathi kweminyaka engu-15 nengu-19 ubudala aba nabantwana landa ngamaphesenti angu-60. UDkt. Ricardo Rego Barros waseFederal University eRio de Janeiro uchaza ukuthi “ukuhileleka ebulilini ngaphambi kwesikhathi kushoshozelwa indawo ezungezile, ithelevishini, izincwadi, nomagazini,” kusho umagazini i-Veja. Omunye uchwepheshe waphawula ukuthi abazali nezikole basakuthola kunzima ukufundisa izingane ngezindaba ezinjalo.
Izindinganiso Ze-TV Ziyawohloka
Abantu ababuka ithelevishini bazitika ngobulili nezithombe zabantu abanqunu ze-TV kakhulu kunaseminyakeni eyishumi edlule, kubika iphephandaba laseLondon i-Independent. Ngokokuhlola kwe-British Broadcasting Corporation, kuye kwanda ukubekezelela kwabesifazane asebekhulile ubulili nezithombe zabantu abanqunu kuyi-TV. Futhi amaphesenti angaba ngu-41 abesifazane asebekhulile athola izinhlelo ezinjalo ze-TV zamukeleka. Phakathi kwentsha, amaphesenti angaba ngu-75 abekezelela inhlamba uma kuqhathaniswa namaphesenti angu-69 eminyakeni eyishumi edlule. Ushintsho olukhulu lwesimo sengqondo luphathelene nobungqingili. Amaphesenti angu-40 abesifazane abangaphezu kweminyaka engu-55 ubudala, amaphesenti angu-56 abesilisa abaneminyaka engu-35 kuya kwengu-55, namaphesenti angu-70 ezinsizwa ezineminyaka engu-18 kuya kwengu-34 manje athola ukuvezwa kwendlela yokuphila yongqingili kuthelevishini kunganengeki—ukwanda ngamaphesenti angu-20 kuleminyaka eyishumi edlule.
Umbhishobhi Ungabaza Ukuhlakanipha KweBhayibheli
Ekhuluma emhlanganweni othile eNdiya ngaphansi kwesithi “Imithetho Ebusa Umshado Nesehlukaniso Phakathi KwamaKristu,” umbhishobhi wesigaba sikaNestorius uPoulose Mar Poulose wathi umuntu akanakuphendukela eBhayibhelini njengesiqondiso sezindinganiso zokuziphatha. Njengoba kwabikwa kuyi-Indian Express, wathi ukugcizelela ukuthi imfundiso yeBhayibheli ngesehlukaniso ayinakuguqulwa kuwukwenqaba intuthuko abantu banamuhla abaye bayenza ekuqondeni kwabo ubuhlobo phakathi kwendoda nomfazi. Ngokwe-Express, lombhishobhi wacaphuna isazi esithile esingumHindu sithi yonke imibhalo inezinhlangothi ezimbili, olwesikhashana noluphelayo, olusekelwe emibonweni yabantu bangaleyo nkathi nezwe eyabhalelwa kulo, kanye nolwaphakade futhi olungapheli olusebenza kubo bonke ubudala namazwe. “EBhayibhelini,” kusho lombhishobhi, “kumelwe sihlukanise umnyombo nengqikithi. Kufanele sithole iqiniso elihlala njalo nokuthambekela okuvamile . . . bese sinquma inkambo yokuphila kwethu.”