Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 7/22 kk. 28-29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukudla Okulahlwayo EBrazil
  • Ukugula NgoMsombuluko Ekuseni
  • ‘Izwe Elihamba Phambili Ngokugembula Emhlabeni’
  • Amasonto Abhekene Negagasi Lobugebengu
  • Upapa Onamakhono Ahlukahlukene
  • Igazi—“Isidakamizwa” Esiyingozi
  • Vikela Izinsana Zakho Emsindweni
  • “Usizo Lokuqala Olungokomzwelo”
  • “‘Izilwane Zokuthutha’ Ezincane ZaseNdiya”
  • Kubi Ngani Ukugembula?
    I-Phaphama!—2002
  • Ingabe Ukugembula Ngempela Kubi Kangako?
    I-Phaphama!—1991
  • Ukumpontshelwa Igazi—Kulondeke Kangakanani?
    Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?
  • Amalungu Amasha Okugembula—Intsha!
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 7/22 kk. 28-29

Ukubuka Okwezwe

Ukudla Okulahlwayo EBrazil

NgokoMnyango Wezolimo waseBrazil, “lelizwe ngonyaka lilahla ilayisi, ubhontshisi, ummbila, i-soya, ukolweni, imifino, nezithelo ezidla [amaRandi ayizigidi ezingu-8 530],” kusho i-Estado de S. Paulo. “Uma kubalwa izindleko zeminye imikhiqizo [yezolimo] nezinto ezilahlwa abathengi, lelinani lifinyelela [kumaRandi ayizigidi ezingu-14 500].” Kodwa kungani kulahlwa amaphesenti angu-20 omkhiqizo wezolimo namaphesenti angu-30 omkhiqizo wezithelo? Phakathi kwezizathu ezibalwayo ‘indawo encane yokuzigcina emapulazini, ubuchwepheshe bokukhiqiza obunganele, imigwaqo eyingozi, nokunganakekelwa kahle kwezilimo.’ Ekhononda ngokungabibikho kwemithetho eqondisa lokhu kulahla, uBenedito Rosa woMnyango Wezolimo uchashunwa ethi: “Ukudla okunjalo okulahlwayo bekungondla abantu abakudingayo.”

Ukugula NgoMsombuluko Ekuseni

“Ukucindezeleka okubangelwa ukuphindela emsebenzini ngoMsombuluko ekuseni kwandisa ingozi yokuhlaselwa isifo senhliziyo ngamaphesenti angu-33,” kubika i-Jornal do Brasil. Ukuhlola kwaseJalimane abantu abangu-2 636 “kwembula ukuthi ingozi yokuhlaselwa isifo senhliziyo iyahlukahluka kuye ngosuku lwesonto nesikhathi.” Nokho, kwatholakala ukuthi iMisombuluko iyingozi kakhulu nokuthi kunamathuba aphindwe kathathu okuhlaselwa isifo senhliziyo ekuseni kunaphakathi nalo lonke usuku. Izisebenzi zasemafektri zigula kakhulu ngoMsombuluko ekuseni ukudlula ochwepheshe nezisebenzi zasemahhovisi. “Sicabanga ukuthi ukushintsha usebenze ngamandla, ngemva nje kokuphumula ngempelasonto, kubangela ukuhlaselwa [isifo senhliziyo],” kusho uProfesa Stefan Willich, owayeqondisa lolu cwaningo. Kwasikiselwa ukuthi abantu abanenkinga yenhliziyo kufanele baqale isonto ngokuzola.

‘Izwe Elihamba Phambili Ngokugembula Emhlabeni’

“IJapane isiyizwe elihamba phambili ngokugembula emhlabeni,” kusho i-Asahi Evening News. Imali eningi (amaphesenti angu-65) isetshenziselwa ukugembula nge-pachinko, kusetshenziswa imishini yokushaya ibhola. AmaJapane futhi achitha imali eningi kunanoma iliphi elinye izwe emjahweni wamahhashi wendawo. Amathikithi athengiswa ngo-1992 aba ngaphezu kokuphindwe kabili kunathengiswa e-United States futhi aba ngaphezu kokuphindwe kane kulawo athengiswa eHong Kong, eBrithani, naseFrance. Ukuze andiswe, manje kugxilwa kwabesifazane abasebasha. Othile waseNagoya wathi: “Abazali bami bakhononda njalo kodwa ngihlale ngibatshela ukuthi, ‘Kuhlelwa ohulumeni bezwe nabendawo. Kungaba kubi kanjani?’” Eqinisweni, umthetho waseJapane ukwenqabela ngokwesimiso ukugembula, kodwa ukugembula komphakathi kusebenza “njengomgogodla wezomnotho,” kusho umcwaningi uHiroshi Takeuchi. Unomuzwa wokuthi lapho inzuzo yokugembula iba ngaphezu kwamaphesenti amane engqikithi yomkhiqizo wezwe, iba inkinga yomphakathi. Manje eyaseJapane isingamaphesenti angu-5,7.

Amasonto Abhekene Negagasi Lobugebengu

Kuze kube seminyakeni yamuva nje, amasonto ase-Australia ngokuvamile abeshiywa engakhiyiwe, ngisho nalapho zingekho izinkonzo eziqhutshwayo. Kodwa iphephandaba i-Weekend Australian libika ukuthi izinto sezishintshile ngenxa yokuphanga, ukugqekeza, ukucekelwa phansi kwezakhiwo zesonto, nezenzakalo ezimbalwa lapho kuye kwahlaselwa khona abapristi. “Iningi lezifunda zethu seliyawakhiya amasonto alo. Ngicabanga ukuthi lokho kuyadabukisa,” kusho umbhishobhi omkhulu ongumKatolika uJohn Bathersby. “Ngicabanga ukuthi ukuhlonishwa kwenkolo kuye kwancipha. Ngicabanga ukuthi ukungabi nasithakazelo komphakathi enkolweni ngempela kuye kwadala isimo esenza abantu abaningi bangaboni mehluko phakathi kweSonto nanoma iyiphi enye inhlangano emphakathini, ngakho-ke lokho kulihlonipha okukhethekile sekunyamalele. Abanye abantu babheka isonto njengesakhiwo nje.”

Upapa Onamakhono Ahlukahlukene

UPapa John Paul II akayena nje umholi ongokomoya weSonto LamaRoma Katolika kodwa futhi ungumlobi wemidlalo, wezincwadi, nengcweti eqophayo. Incwadi yakhe yamuva nje ethi Crossing the Threshold of Hope, yayisohlwini lwezincwadi ezithengwa kakhulu amasonto amaningi. Umdlalo, oyidrama yomculo ebizwa ngokuthi i-Jeweler’s Shop, wadlalwa okwesikhashana ngo-December nyakenye eNew York City. Wabhalwa upapa ngo-1960 wawetha igama elithi Andrzej Jawien. “Upapa wayengumlobi wemidlalo, umdlali wayo, umqondisi, umhumushi nomhlaziyi wamadrama wephephandaba lendawo eCracow,” kuchaza umdidiyeli walomdlalo. Kukhona futhi ne-CD kapapa ekabili eqoshiwe edl’ ubhedu ephindaphinda i-Rosary. Futhi lopapa ungumuntu owaziwa ngokuhambela amazwe omhlaba, futhi uhlela ukuvakashela amazwekazi amahlanu kulonyaka. Uhambo lwakhe lwama-63, ngo-January, lwachazwa i-New York Times ngokuthi “umzamo kaPapa oneminyaka engu-74 ubudala wokubekela eceleni umqondo wobupapa onciphayo nokuqokomisa umqondo wokuthi impilo yakhe noma ubudala bakhe ngeke kumthikameze ekudluliseleni umbono wakhe wokuziphatha ezindabeni zezwe.”

Igazi—“Isidakamizwa” Esiyingozi

“Kungenzeka yini ukuthi oFakazi BakaJehova benza kahle ngokunqaba ukumpontshelwa igazi?” kubuza i-Sunday Telegraph yaseNgilandi. Okwesatshwayo manje ngokumpontshelwa kuhilela igazi elinesifo sokusha kwesibindi sohlobo C negciwane lengculaza. “Kodwa ukungenwa izifo kuyingozi eyodwa vó kweziningi eziye zachazwa emaphephabhukwini ezobuchwepheshe,” kusho i-Telegraph. “Ukuhlola okunjengalokho okwalinganisela ukuthi amathuba okusabela kabi ekumpontshelweni aphakeme ngamaphesenti angu-20 akwaziwa emphakathini. Okungaziwa ngendlela efanayo ukuhlola okuye kwathola ukuthi ukumpontshelwa kuyimbangela eyinhloko yokungalulami kahle ngemva kokuhlinzwa isisu noma upopopo.” Ukuhlola kubonisa nokuthi inani eliphakeme lokumpontshelwa igazi lenziwa ngokungadingekile nokuthi imikhuba yokumpontshelwa iyahlukahluka kakhulu futhi isekelwe kakhulu esijwayezini kunasekwazisweni okungokwesayensi. Ebiza igazi ngokuthi “isidakamizwa esinamandla” leso “odokotela abaningi abangasinaki kakhulu,” uTom Lennard, udokotela ongumxhumanisi eRoyal Victoria Infirmary, waphawula: “Ukuba igazi beliyisidakamizwa esisha belingeke liyithole imvume yokuba likhiqizwe.”

Vikela Izinsana Zakho Emsindweni

“Umsindo ovala izindlebe ungabalimaza abangakazalwa nezinsana ezisanda kuzalwa,” kusho umbiko we-Radio France Internationale. Usana olusesibelethweni sikanina lusengozini enkulu yokulinyazwa yinoma imiphi imisindo ephakeme ezwiwa unina. Njengoba isisu sikamama noketshezi lwe-amnion kungavikeli kakhulu emisindweni yangaphandle, umntwana angase akhubazeke ngaphambi kokuzalwa. Ngokwesibonelo, ingozi yokulimala kwekhono lokuzwa ebangelwa umsindo ophakeme inkulu ngokuphindwe kathathu ezinganeni onina ababechayeke emazingeni omsindo aphakathi kwama-decibel angu-85 nangu-95—amazinga avame kakhulu kumakhonsathi e-rock nasezikhungweni ze-disco eziningi. Abanye abacwaningi baxwayisa ngokuthi ngaphezu kokubangela ukulimala kwekhono lokuzwa, ukuchayeka njalo emsindweni omkhulu, ikakhulukazi phakathi nezinyanga zokugcina zokukhulelwa kukamama, kungakhulisa nezinga lokushaya kwenhliziyo yosana olungakazalwa.

“Usizo Lokuqala Olungokomzwelo”

Usizo lokuqala olunikezwa endaweni okuvele kuyo ingozi kufanele luhilele okungaphezu kokunakekela amanxeba angokomzimba. Abantu abalimele badinga nosizo olungokomzwelo, kubika iphephandaba laseJalimane i-Süddeutsche Zeitung. Usizo olunjani? INhlangano Yobuchwepheshe Yezazi Zokusebenza Kwengqondo ZaseJalimane isikisela izinyathelo ezine ezilula zokunikeza “usizo lokuqala olungokomzwelo.” Lokhu kusikisela kwatholakala ngokuxoxa nezisulu zezingozi nochwepheshe. Kutuswa lokhu okulandelayo: “Qinisekisa olimele ukuthi ukhona. Vikela umuntu olimele eziphazamisweni. Mthinte ngokomzimba. Khuluma futhi ulalele.” Kwenziwa imizamo yokuthuthukisa lezi zinyathelo ngosizo lodokotela nezikole ezifundisa ukushayela nokuzifaka ezifundweni zokunikeza usizo lokuqala.

“‘Izilwane Zokuthutha’ Ezincane ZaseNdiya”

Umbiko we-Times of India wazibiza kanjalo izisebenzi eziyizingane zaseNdiya eziyizigidi ezingu-17 kuya kwezingu-44. Naphezu kokutholakala kwabantu abadala abayimiqemane abangaba izigidi ezingu-23 abaswele umsebenzi, abanikazi bamafektri ngokuvamile bakhetha ukuqasha izingane, ezisebenza ngaphandle kokubhikisha zithole ingxenye yeholo labantu abadala futhi ezingavamile ukubuza ngezingozi ezingokwempilo zemisebenzi yazo. Kwakungemva kokuba amazwe athile aseNtshonalanga enqabile ukungenisa izimpahla ezikhiqizwa izisebenzi eziyizingane lapho abanye abakhiqizi bafaka khona abantu abadala esikhundleni sezingane. Uhulumeni waseNdiya uthembise ukushaya imithetho eqinile yokuvimbela ukuxhashazwa okunjalo nokushukumisela abazali ukuba banikeze izingane zabo imfundo eyisisekelo. Umongameli waseNdiya, uDkt. Shankar Dayal Sharma uthi: “Isiko noma isidingo esingokomnotho asinakuvuna ukusebenza kwezingane futhi ukuqeda lokhu kuxhashazwa kungenye yezinselele eziyinhloko namuhla.” Nokho, abaningi bavuna lomkhuba ngesisekelo sokuthi ubumpofu obukhulu “buyiqiniso elibuhlungu” nokuthi iholo elitholwa ingane linikeza umkhaya usizo oludingeka kakhulu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela